Amazwi kaHamilton amkhuthaze wanqoba
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
UPierre Gasly ubonga umpetha womhlaba emdlalweni womjaho wezimoto iFormula One (F1), uLewis Hamilton, ngokumukhuthaza.
Lo mshayeli owazalelwa eRouen, eFrance, oshayela imoto ngaphansi kwe-Alpha Tauri Honda, ukusho lokhu emveni kokumangaza izigidigidi zabantu enqoba umqhudewano we-Italian Grand Prix.
Umqhudelwano we-Italian Grand Prix ubungeSonto e-Autodromo Nazionale, eMonza. Uphume phambili ngesikhathi esi-1:47:06.056. Ulandelwe uCarlos Sainz oshayela ngaphansi kweMcLaren, endaweni yesithathu kwaphuma uLance Stroll yena oshayela ngaphansi kweRacing Point.
“Ngaphambi komjaho wangeSonto ngakhuluma noHamilton kumakhalekhukhwini, yize kuyinto engajwayelekile ukwenzeka ukuthi mina naye sikhulume kodwa ukhombise ukungamukela okuyisimanga yize bengizoba isitha kuyena ngakusasa. Unginikeze amathiphu wangikhulisa ngalo mdlalo. Angitshela khona ngoMgqibelo kwabuya konke ngeSonto, kwangiholela ekutheni nginqobe umjaho wami wokuqala ngqa,” kusho uGasly.
UGasly oneminyaka yobudala engama-24 uqale ukushayela emqhudelwaneni we-F1 ngonyaka wezi-2017 kuMalaysian Grand Prix lapho ayeshayela imoto iToro Rosso. Emveni kwalokho ujoyine iRed Bull nyakenye, waphinde wabuyela kuyona iToro Rosso.
Ngonyaka wezi-2018 waphuma endaweni ye-15 enamaphuzu angama-29, nyakenye uphume endaweni yesi-7 enamaphuzu angama-95. Nonyaka usahlezi endaweni yesi-8 ngamaphuzu angama-43.
“UHamilton ungumshayeli wekhethelo, ngikhule ngibukela kuyena. Akekho umshayeli engimbona efika kuyena emhlabeni. Kungiphathe kabi ukumbona ephuma kule ndawo aphume kuyona ngeSonto, bengifisa mina naye silandelane. Ngibonga kakhulu nethimba leqembu lethu ekutheni lisebenze ngokuzikhandla. Ngijabule kakhulu ngiphelelwe amazwi namanje angikakholwa,” kusho uGasly.
Ungowesibili uGasly umshayeli odabuka eFrance ukunqoba umqhudelwano weF1, owokuqala kwaba u-Olivier Panis owanqoba iMonaco Grand Prix ngonyaka we-1996.
UHamilton ubebhekwe kakhulu ukuthi anqobe kwazise uyena osenqobe kakhulu i-Italian Grand Prix elingana noMicheal Schumacher, kodwa uphume endaweni yesikhombisa. Ukuphuma kwakhe endaweni yesi-7 nje ingoba wenze iphutha lokuma endaweni engafanele abaphathi bomjaho base bemuphindelisa emumva wagcina engakwazi ukunqoba.
UHamilton ephawula ngoGasly uthe unekhono elisiyimanga, usazozakhela igama kulo mdlalo.
“UGasly ungumuntu onomoya ophansi ohloniphayo, unanekhono eliyisimanga. Abaphathi bezimoto zakwaRed Bull abakhombisanga neze ukumhlonipha njengoba bavele bamxosha enesikhathi esincane efikile kubona. Kwakumele bamnike isikhathi esanele, bamkhulise. Ukube ungumuntu ozwelayo isenzo sabakwaRed Bull besizombulala,” kusho uHamilton.
Eqhuba uHamilton osebe ngumpetha womhlaba kayisi-6 uthe: “Ukunqoba kwakhe i-Italian Grand Prix, ngicabanga ukuthi uzokwakhela kukhona. Ngimfisela okuhle kodwa kulo mdlalo, ngojabula ngelinye ilanga sekuthiwa nguyena umpetha womhlaba. Ngizohlezi ngikhona ngimukhuthaza ekutheni enze kahle”.
Kule mpelasonto kuzobe kubhekwe iTuscan Grand Prix, ezokuba se-Autodromo Internazionale de Mugello, e-Italy, ngele-15:10 ntambama.