Umlandeli nomyalezo wokuvikelwa kwabesifazane



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kunabalandeli okuthi uma kunemidlalo yePremier Soccer League (PSL) neyeBafana Bafana kwale kancane ukuthi ungababoni enkundleni, kuze kube khona umbuzo othi “Ingabe basithola nini isikhathi sokuhlala nemndeni yabo, nezinto zabo eziseceleni bazenza nini?”
Kulabo balandeli angeke lasala igama likaBotha Msila ongumlandeli wokuqina weBloemfontein Celtic, uMasilo Machaka weKaizer Chiefs noJoy “Mama Joy” Chauke oweseka i-Orlando Pirates.
IBAYEDE ibe nengxoxo ekhethekile noMama Joy, nothe ubazi ukuthi iwona mbuzo wokuqala intatheli ezombuza wona ukuthi “Isikhathi somndeni wakhe usithola nini njengoba ehlezi ebonakala ezinkundleni ezehlukahlukene.”
“Njalo uma ngikhuluma nentatheli ngisuke ngiwulindele lowo mbuzo. Kodwa ukuwuphendula ngingathi, ngiyasithola isikhathi sokuhlala nomndeni wami kwazise imidlalo ayidlali nsuku zonke. Ngaphandle kokuhlala nomndeni ngiyakwazi ukuthi ngiphinde ngiye emsebenzini, yize ngihlezi ngisezinkundleni. Nami ngiwumama ofana nawo wonke umama, engikwenzayo ngikwenza ngothando,” kusho uMama Joy.
Akubuzwa ukuthi ngoLwesibili ubezobe ekhona enkundleni njengoba iPirates kade itholene phezulu neMamelodi Sundowns, emdlalweni we-Absa Premiership obubanjelwe eDobsonville Stadium.
Eqhuba ekhuluma naleli phephandaba uMama Joy uthe: “Isimanga ukuthi abantu bangibona sengiwumlandeli wokuqina wePirates nje, ngikhule ngingumlandeli weChiefs. Ukushintsha kwami ngaxabana nomfowethu njengoba sonke ekhaya besilandela iChiefs, ngamtshela ukuthi kusukela lapho mina naye sesiyizitha kwabe ukuqala kwami ukulandela iPirates,” kusho uMama Joy efa insini.
UMama Joy oneminyaka yobudala engama-46 unenkampani yonogada ebizwa ngokuthi iMaJoy-Joy Security ayisungula ngonyaka wezi-2018, uphinde abe sesikhundleni esiphezulu sonogada esitolo sakwaPick n Pay eMidrand, eGoli.
IBAYEDE imbuza ukuthi ngabe ikhona yini indlela ahlela ngayo njalo ngenyanga ukuthi akwazi ukuyobuka imidlalo uthe: “Ngiqale ngibuke ukuhlelwa kwemidlalo ukuthi iqhathwe kanjani, iPirates izodlala kuphi kangaki kuleyo nyanga. Bese ngibeka imali ukuthi uma izodlala ngoLwesithathu nangempelasonto ngazi ngibeka imali ethize. Ngeke ngaqamba amanga ngithi ngiyibuka yonke imidlalo, kodwa le emikhulu kakhulu ayingidluli neze”.
IPirates akukapheli isikhathi esingakanani ishiywe umlandeli wayo wokuqina uMandla “Mgijimi” Sindase odlule emhlabeni.
Ungomunye wabalandeli obengaphuthwa imidlalo yePirates neBafana Bafana.
UMama Joy uthe kuze kube imanje inhliziyo yakhe ibuhlungu.
Kusekude ukuthi kudlule njengoba abalandeli besazobuyela ezinkundleni, kuzoba buhlungu engamboni eduze kwakhe kwazise isikhathi esiningi bebehlezi bendawonye emidlalweni.
IBAYEDE ithe yize lo mbuzo uzomvusela iminjunju kodwa ngeke wasala, ukudlula emhlabeni kukaSenzo “Nzori” Meyiwa owayengunozinti wePirates.
“UMeyiwa wayefana nengane yami ngangihlezi ngimseka, ngimgqugquzela ukuba enze kahle. Kubuhlungu ukuthi kwathi kufika isikhathi sokuthi agqame, uNkulunkulu wabe eseyamthatha. Indlela ayeseyiyona ngiyacabanga ngabe udlala phesheya mhlambe manje. Kuke kuthi uma beboza onozinti bePirates, sisho singabalandeli ukuthi ukube ukhona uNzori ngabe asikho kulolu taku esikulona. Ngohlezi ngimkhumbula, kubuhlungu nje ukuthi wadlula emhlabeni kwase kuthulakala nje,” kubeka uMama Joy.
Esonga ube eseyala abesilisa ukuba baphathe kahle abantu besifazane hhayi ngoba kuyinyanga yabo kuphela kodwa nsuku zonke.
“Abantu besifazane abaphume bagcwale izinkundla beseke amaqembu abawafunayo. Amadoda siyacela ukuthi asivikele kungabi iwona asibulalayo, asihlukumezayo. Eminyakeni emihlanu abe maningi kakhulu amacala anjalo, ngithi sekwanele manje”.