Now Reading
Inkulumo yeSILO eMkhosini wonomathemba mhla ziyisi-8 kuNcwaba ngowezi-2020
Dark Light

Inkulumo yeSILO eMkhosini wonomathemba mhla ziyisi-8 kuNcwaba ngowezi-2020

Sihlangana ngesikhathi lapho isizwe sibhekene nomzabalazo onzima wempilo. Sihlangana lapho imindeni eminingi isemanzini ngenxa yokhuvethe. Lesi yisimo esibuhlungu nesihlukumeza umphefumulo. Kithi njengabeNguni akujwayelekile ukuthi kuthi uma siyolondoloza othandiweyo wethu bese kuthiwa ngeke angene endlini. Kubuye kungejwayeleki uma kuthiwa ngeke sisadlulisa namehlo nje simbone. Lona ngumuzwa obuhlungu nengibakhalelayo abantu bakababa ngalesi sikhathi.

Yizikhathi ezinzima nezingajwayeleki lapho silwa nempilo sibe sihanjelwe omunye wethu esimthandayo. Akujwayelekile ukuba isidumbu singangeniswa endlini futhi abasele bangakwazi ukumbona osethe walendulela leli.

Nginikhalela kakhulu nina bomama ngoba konke kuqala kuphelele kini. Yini eniba ngabafelokazi, yini enizwela kakhulu lapho amadodana namadodakazi enu esehambile.

Ngiselapho ngikhalela uHulumeni wethu olahlekelwa zimali ezishisiwe emizamweni yokwelusa lesi sifo. Sengikushilo lokho ngiyawukhalela nangamasela lawa okuthi kulilwa wona abe ecabanga ukugila imikhuba. Ngiyaweseka uHulumeni walapha KwaZulu-Natal nakuzwelonke emizamweni yakhe yokwembula izinqe lezi zigila mkhuba.

Ngimdala namuhla kepha angikaze ngizwe ukuthi abantu bangeba ngisho eyesifo esingaka. Impela asisebantu, abantu sebeba ngisho eyasemakhandleni, sebedlule. Yize singasho ukuthi kukhona okumele afe kepha ngiyakhathazeka ngokuthi lesi sitha sethu sonke, ukhuvethe luchoboza kulabo abanamakhono phakathi kwethu.

Lokhu ngithi angikuphawule ngoba sengizwe amagama abantu amaningi, abantu ebengisebenza nabo nabebelusizo emphakathini. Nembala lesi akusona isifo esikhetha umbala nesikhundla somuntu ngakho kumele siqaphe sonke.

Osekungethusa kakhulu muva nje wukuthi sekungene nakubazukulu bethu. Phesheya kwezilwandle siyanda isibalo sabantu abasebasha abalimalayo. Ukulimala kwezingane kusho ukulimala kwekusasa laleso naleso sizwe. Ngiyazi ukuthi njengami nikhathazekile ngokuvulwa kwezikole. Ngiyakuqonda ukwethuka kwenu kanti futhi ngiyakuqonda nalokho okukhathaza uHulumeni. Kuwumkhuleko wami ukuthi zonke izinhlangothi zibambisane kulokhu kuqhanyukwe nento ezovikela izingane zethu.

Kungumsebenzi wethu sonke ukuba sibambe iqhaza ekuzigcineni siphephile siphilile. Uma sibathanda omakhelwano bethu njengoba iBhayibheli lisho nezinye izincwadi zokholo zisikhuthaza kufanele silandele imiyalelo yezempilo njengokuqhelelana, ukuhlanza indawo esezungezile nezandla sibuye sigweme ukuhamba okungenasidingo. Ukungahambisani nemiyalelo yezempilo akuthinti thina kuphela kodwa nalabo abaseduze kwethu kanti kuyabhebhetheka kunjalo nje.

Bomama

Eminyakeni eyedlule nganetha elokuba ningoNomathemba. Lapha ngangazi ukuthi kini kulele amathemba kaZulu namathemba e-Afrika nomhlaba jikelele. Ngiyadumala ukuthi senibhekene nenkinga yokuthi ngalesi sikhathi nivika ukhuvethe bese khona lapho nivike amadodana namadoda enu anihlukumezayo. Okwenziwa kini ngabathize besilisa kulichilo.

Ngiyashweleza kubo bonke abesifazane, iziNdlovukazi zalesi sizwe, omama balesi sizwe ngalokhu okubuhlungu kangaka okugilwa kubo. Shwele bonozala, shwele bomkababa. Ngishweleza ngoba ngiyalubona ulaka oluyimpendulo kulokhu okwenzakalayo.

Ngishweleza kubo bonke abesifazane ngobuhlungu obulethwa kubona yisilisa. Angifuni ukusebenzisa igama elithi amadoda ngoba ukuba yindoda kusho ukuba nehlumela lokuba ngumhlinzeki, umvikeli nokuba nothando.

Yini nje eyisifundo nxa indoda endala iqhoqhobala usana nengane yentombazana. Kukuphi ukuziqhenya uma umuntu owamlanda kwabo wathi akazokwakhisa esehlephuke wamanxebanxeba ngenxa yesandla sakho wena muntu wesilisa ndini?

Uma sekufika kulokho ngize ngibe namahloni okubizwa ngeNkosi yabantu abagila le mikhuba. Bayangiphoxa abanye abantu besilisa phakathi kwethu. Nizoqaphela ukuthi angikalisebenzisi elokuthi lezi zigilamkhuba ngamadoda. Igama indoda noma isenzo sokudoda lilunjaniswa nabantu abamele okuhle hhayi izigilamkhuba lezi.

Emadodeni onke aseNingizimu Afrika ngithi asivikele igama lethu. Asivikele uholo uNkulunkulu alubeka kithi mhla edala umhlaba. Asisukume sivikele omama bethu, omkethu namadodakazi ethu. 

Ohlukumeza abesifazane phakathi kwethu ngumuntu ongaqondi inhloso kaNkulunkulu ngowesifazane. Ngaphandle kokuthi owesifazane waba ngowokugcina owadalwa nguNkulunkulu owayesekwenze konke kusuka ezilwaneni, ulwandle, amawa nomuntu wesilisa. Kowesifazane kuthi angithi walungisa wonke amaphutha okwabe kungenzeka ukuthi ayekhona kulokho ayekudale kuqala. Kowesifazane wakha ubumnene. Wakha imfudumalo, wakha uzwelo, wakha isibeletho okuyikhaya lethu sonke lokuqala.

Ngithi isibeletho yikhaya lokuqala ngoba kukuso lapho siselihlwili sihlala khona. Sikhula khona, sondliwa khona. Leli khaya okuyisibeletho alikho endodeni kepha likowesifazane. Ngisho ezilwaneni sabekwa kwesesifazane. Ubobuka isikhukhukazi sivikela amatshwele aso, bese ukhumbula umama wakho ukuthi wabe ekuvikela kanjani ukhula. Anginawo amahloni ukuthi kowesifazane uNkulunkulu waziveza ubumnene bakhe. 

Ubani ongazi ukuthi kini kwabekwa amathemba enamuhla nekusasa. Amathemba okusha nokuzokhula. Ubani impela ongazi ukuthi nangani uSimakade waziphindaphinda?

Nina ningabakhi bezimilo, abakhi bemizi. Nikwazi ukusukela into engekho nengelutho niyenze utho. Nifika emzini kuphandle kepha nina nenze kufudumale. Siyabonga ngokuba yingxenye yezimpilo zethu bomama, bomkethu nani bodadewethu.

Mina nginenhlanhla yokuzalwa emzini owakhiqiza izigomagoma zabesifazane. Lapha ngingabala iziNdlovukazi ezifana noNozinja, okaGwabini, uNozidiya, okaBayeni, uSithuli, okaSikhombazana, uMthaniya, uMkabi, okaLangazana, uBhibhi, uNandi, uMpikase, uSogiya, uNgqumbazi, uSilomo, okaMathathela, okaMasuku nokaThayiza okungumama ongizalayo.

Baningi abanye engingababala kepha engizama ukukusho lapha yikuthi mina qobo kanye nawo wonke aMakhosi kaZulu ngabe asikho ukube omama babe ngekho. Ngabe umkhumbi wempi kaZulu eyadla amaNgisi eSandlwana awubanga khona ukuba babengekho abesifazane.

Umbuzo-ke uthi konakalephi? Ngolwani unya nenzondo okubhekiswe kwabesifazane bethu ngesethu isikhathi? Ukukhathazeka kwami ngalesi simo kungiholele ekutheni ngibe nomcabango wokuthi uma sekuphele le mpi esibhekene nayo ke sibe nosuku lokushweleza edlozini lethu lesifazane. Ngiyakholwa ukuthi izinyembezi zabesifazane bethu sezisehlisela amashwa njengesizwe. 

Ngiyathokoza ngoba phakathi kwethu kukhona nabaphathiswa okungathi uma benomuzwa onjengowami sikwazi ukubambisana ekwenzeni lokhu. Nabo bangaqhamuka nemicabango engenza kube kuhle kakhulu ngoba kumqoka kithi sonke.

Kepha kukhona okunye esingakwenza ukulekelela abesifazane nokuvuselela ithemba kubo. Ezolimo neziwumgogodla wempilo zingabekwa ezandleni zabesifazane bethu. Lokhu singakwenza ngokuthi sikwazi ukubalekelela ngezimali nangamakhono. Omama bangaba yisithako esimqoka kunkundlamshikashika yokukhiqiza ukudla okwanele phecelezi food security.

Abesifazane banamandla okuthatha okuncane bakwandise. Cabanga-ke ukuthi bangaba nokungakanani uma sibalekelela ngezimali nangamakhono ukuba babe ngabalimi abangayiwa. Kuliqiniso elimile ukuthi ngokomlando uma obabamkhulu bethu bephoqiwe ukuba bafulathele amakhaya abo balibhekise ezimayini, abesifazane ababegcina amakhaya elokoza ngezolimo. Babondla izingane zabo bathengise okunye ukuze bathenge izidwejana zokuhloniphisa umzimba bakhokhe nemali yesikole.

Ngesikhathi abaningi belahlekelwa yimisebenzi ngenxa yokuthi izimboni eziningi zishayeke kanzima wukhuvethe, ezolimo zona ziyasimama kancane. Ukweseka abesifazane kwezolimo akusikho kuphela ukuzithuthukisa kodwa ukwakha namathuba emisebenzi edingeka kakhulu njengoba sazi ukuthi izimboni aziqashaqashi nje.

Ngesikhathi sobhubhane, ukudla okwanele kuba semqoka kakhulu njengoba abezempilo besho ukuthi akukho muthi olapha umzimba ongondlekile.

Khona lapho abesifazane bangabamba iqhaza ekwakheni izimilo emphakathini. Lona umsebenzi engaziyo ukuthi bawenza nsukuzonke kepha okwamanje sibadinga kakhulu njengoba umphakathi esiphila kuwo udlebeleka nje.

Olunye udaba olumqoka yilelo lokuvikela imingcele yezwe ngalesi sikhathi sokhuvethe. Izinto esizizwayo emingceleni yakuleli azibeki kuphela ezokuphepha kepha kakhulukazi nezempilo engcupheni. Abantu abangaziwa ukuthi bangobani emabhukwini kulula ukuba bangatholakali ukuthi baphelelaphi ezweni uma sekunezifo.

Uma kungenzeka kungene abantu abanesifo lesi esikhona kuwo wonke amazwe, kepha kuthi ngoba bangene ngokungekho emthethweni bese bengcina isibonelo bekwaNongoma noma eThekwini lokho kunganomthelela ongemuhle emphakathini.

Uma ngikhuluma ngemingcele angisho ukuthi ngabangaphandle kuphela abeza lapha kepha nabalapha eNingizimu Afrika kungenzeka ukuthi benza okufanayo kwamanye amazwe. Engizama ukukusho lapha yikuthi izwe elingenawo umthetho emingceleni lingenwa kalula yizifo nezimpi.

Khona lapho ngifisa ukukhuza udaba lokubulalana emapulazini lapho kufa abalimu nabasebenzi. Lokhu akusiyisi ndawo, kunalokho kusifaka engozini yokuphelelwa wukudla okwanele. Abalimi noma ngabe bebala lini bamqoka ekukhiqizweni kokudla. Kanjalo nabasebenzi bamqoka ngokulinganayo uma kukhulunywa kokusebenza inhlabathi.

Ngithi akubanjiswane, kusetshenziswane ukuze sonke siphumelele, abalimi nabasebenzi ababe yinto eyodwa ngalesi sikhathi kuya phambili.

Ingozi yokuswelakala kokudla singayibukeli kude. Izimo eziningi ezikhona ezweni ziqala ukuba yizinkomba zokungahle kwehlele izwe, ukuswelakala kokudla. Isibonelo; kunezinguquko ezenzeka emkhathini ngendlela engalindelekile edala isomiso, izikhukhula, ishisandlu nokunye okuningi okungaba yimbangela yokuthi ezolimo zingabi sesimweni esifanele. Ngikusho lokhu ngokomlando; khona lapha kweleNdlovukazi uMthaniya sahlaselwa izimo ezaletha indlala ngezindlela ezahlukile. Ngokomlando uma kuliwa izimpi elinye lamaqhingasu okunqoba isitha kwabe kuwukusilambisa isizwe osihlaselayo ngokushisa amasimu, uthumbe nemfuyo yaso. Singeke sinqobe silambile leso sizwe. Kwabuye kwehla isehlo sesikhonyane sawashaya sawabhubhisa amasimu obabamkhulu akwaze kwangena lutho ezinqolobaneni. Ngamafuphi ingozi yokweswelakala kokudla yindlala nobubha.

See Also

Inhlalo esizweni esilambile nesikhungethwe ububha igcwala ubudlobongela, ubugcwelegcwele nokungalawuleki. Wonke umuntu ufuna ukuphandela kwesakhe, akekho onendaba nomunye. Isimo sokweswela ukudla ezweni senza leso sizwe sibe wukhangezile kwezinye izizwe ezithi ziletha usizo ukuze leso sizwe silale sidlile. Isikhathi esiningi usizo olutholakala ngoba ulambile lusuke luhambisana nemibandela ewugibe oluyokinatela impilo yaleso sizwe nezizukulwane zaso. Nina Nomathemba kufanele nisivimbe isimo esinje singagabhi isizwe okuyinina nabathandiweyo benu. Sukumani nibhukule nisebenze kusakhanya ningangeni ebungozini bokuswelakala kokudla. Uma nenze kanjalo uHulumeni uyonifica nigijima phambili. Ngaleyo ndlela nonqoba konke ngisho izifo zofika nisesimweni semizimba eqinile neqatha engayekethiswa kalula yizifo. 

Sengiphetha

Phakathi kwethu namuhla kukhona abaphathiswa. Omunye wezamasiko usejwayele lapha ekhaya kepha namuhla sivakashelwe yintombi kaNzimande eganele kwaKhoza. Lapha ekhaya oMsuthu bamqoka ngoba yibo ababejutshwe ukuba bayochoboshisa abahlaseli bamaNgisi ngonyaka we-1879 eSandlwana. Wayekhona ezihola umfo kaKhoza uNtshingwayo nowayengumdidiyeli wamabutho eNkosi uCetshwayo. Kuyasithokozisa-ke ukuthi umalokazana wakwakhe abone kufanele ukuthi namuhla azokhonza koMkhulu.

Ngibongela nabantu bakababa engaziyo ukuthi uMnyango wakho usebenza kanzima ukuma phakathi kwabantu bakababa nendlala. Yini eniqinisekisa ukuthi abadala bethu nalabo abadingayo bathola izibonelelo.  Ngizwile nje ukuthi senibambe amasela emnyangweni azicebisa ngosizi esibhekene nalo. Kulokho ngikuqinisa isandla ngithi gadla, bangula izigangi lezi zigcwale amajele.

Ngiyawumema uMnyango wakho ukuba ubambisane nami ikakhulukazi lapha emakhaya. Phela nina njengoHulumeni nibazi abantu laba nje ngezibalo kepha thina sibazi ngamagama. Yikho ngithi asibambisane ukuze umsebenzi wenu omuhle usabalale.

Ngifisa nokuthatha leli thuba ngeluleke uHulumeni wami nosenhliziyweni yami. Ngiyaweluleka ukuthi ungavumi lesi sifo siwuhlukanise nabantu abayizakhamuzi. Awungaphezi ukusibumba njengesizwe ngoba kuvamile ukuthi uma kunento enkulu nethusayo abantu bayeke ukubhekana nayo kepha baklwebhane bodwa.

Iseluleko sami kuHulumeni sithi ngesikhathi silwa nesitha esisehlukanisayo, imizamo emikhulu kufanele ibekwe ekulondolozeni ubunye kubantu ngoba kujwayelekile ukuthi uma behlaselwa banyathelane.

Ngiyazi akhona amaphutha akhona angakhonjwa kuHulumeni njengoba ekhona nangakhonjwa kubantu noBukhosi, kepha lesi yisikhathi sokuqoqana ndawonye simelane nesitha. Kungawubuwula ukucabanga ukuthi lesi sitha sifuna uZulu wodwa, asiwafuni amaNdiya noma abelungu. Kungayiphutha futhi ukucabanga ukuthi sizodla abebandla elithize siyeke elithile lapha kupolitiki. Iqiniso lithi siphumile nje isitha siphumele thina sonke.

Uma sivumelana ngalokho kuyoba kuhle futhi kube wubuhlakani ukuba sivike sonke. UHulumeni ukhonela lokho ukuba esigabeni sokuba yizakhamuzi usibumbe.

NjengoBukhosi sikhona ukuba silekelele kukho konke okuhle okucatshangwayo nokwenziwayo. Mina siqu ngikhona ukunilekelela kakhulukazi lapho kuvikelwa amasiko, imvelo kanye nabesifazane.

Angizibophezele ebuholini nasezakhiweni zomdabu kuphela ukuqoqa imiqondo nokufaka igxalaba kodwa ngiyazinikela ekulweni nokuvikela amasiko, indawo nabesifazane.

Kanti kini boNomathemba, awu ngingathini ngoba izifiso zami zaziwa yini. Abanye benu baqala ukungilalela beseyizintombi ngiqala uMkhosi WoMhlanga namuhla sekungamakhosikazi emizi. Ningisekelile naletha izingane zoMhlanga nezinsizwa zami. Ngiyazi ukuthi uBukhosi busho ukuthini kini.

Ngiyazi ngisho ukuthini kini. Ngiyathemba futhi niyazi ukuthi nimqoka kanjani kimi. Namuhla kanye nani ngizokhwezela ngoba ngiyabona umlilo wobunye, wokwethembeka uya unhlinhla esizweni. Pho manxa ngikhwezela ngani ngisuke ngazi ukuthi ngisuke sengikhwezele ngabokugcina.

Ngilibonile izinga lokuphelelwa yithemba kubantu bami. Nokho, nginesiqiniseko sokuthi uma abesifazane bengakimi bebamba iqhaza lakudala lokunakekela futhi bengenelela ngokwamaqhingasu ngezikhathi zonke sizophumelela ekubuyiseni ithemba.

Ngani ngihlose ukuvuselela isizwe. Ukwakha kabusha lapho kubhidlike khona. Ngithi qhubekani-ke boNomathemba ningibambise kulokhu okungekhona okwenu kepha okungokwezizukulwane. Qhubekani nibe ngomama bethemba, oNomathemba.

Ngiyabonga

Scroll To Top