Abelungu baqala ukudunga uZulu ngokwenhlalo


Ngemuva kokubulawa kweNgonyama uShaka kwaDukuza mhla zingama-24 kuMandulo we-1828 amaNgisi aseSibubulungu aphikelela eMgungundlovu eMakhosini, emzini omkhulu weNkosi uDingane okwakuyiyona eyase ithathe indawo yeNgonyama uShaka. UNhlamba naye wayelokhu eqhubekile nokuhumushela amaNgisi neNgonyama uDingane nesigungu sayo uma kuxoxwa. Waqhubeka wachathazela iNgonyama uDingane ngemikhuba emibi yamaNgisi njengoba wayekade eyichathazela neNgonyama uShaka. Umehluko kwaba ngukuthi iNgonyama uShaka yayingathi vu ngeyayikutshelwe nguNhlamba mayelana nemikhuba emibi yamaNgisi. Kwathi-ke uma uNhlamba etshela iNgonyama uDingane ukuthi la maNgisi ayegqoka izingubo ezibomvu ayengakugqizi qakala ukukhonza eMakhosini abantu abamnyama. Kuthe uma kufika amaNgisi amabili ehambele eSigodlweni saseMgungundlovu, athola ibandla lihlezi lotha iNgonyama uDingane. UNhlamba wayengekho. INgonyama uDingane yathi kulawo maNgisi amabili ifuna ukuzwa ukuthi kwakuliqiniso yini ukuthi kwakunabantu ababegqoka izingubo ezibomvu ababengafuni ukukhonza eNgonyameni. UJohn Cane wabuza ukuthi iNgonyama ngabe yayikuzwephi lokho? Abelungu baphika bema ngentaba ukuthi kwakukhona amaNgisi angazimisele ukukhonza eNgonyameni. INgonyama uDingane yabuza ukuthi babezombulala yini umuntu owayeyitshele lokho ngabo? AmaNgisi aphakamisela izigqoko zawo phezulu abuza ukuthi lokho ngabe kwakusho ukubhula kweNgonyama isifiso sabo na? Ngemuva kwenkulumo neNgonyama amaNgisi azifundela kwezawo ukuthi uNhlamba wayekhiphe ingonyuluko ngemikhuba yawo eNgonyameni uDingane. UJohn Cane watshela uHenry Ogle owabe esezinze kwaToyane ukuthi abize uNhlamba kwathi uma efika kuye wamdubula wafa ngoba u-Ogle wayengekho eMgungundlovu mhla iNgonyama uDingane ibuza amaNgisi ngemikhuba yawo. AmaNgisi ayeseMgungundlovu athi kuhle kube nguye odubula uNhlamba.
Ngemuva kokuzwa ngokubulawa kukaNhlamba iNgonyama uDingane yathumela amabutho ngowe-1833 ukuthi ayohlasela ababulali bamaNgisi eSibubulungu. AmaNgisi abaleka angena emikhunjini yawo aphikelela eKapa lapho ayekade ephakwe khona ukuya kwaZulu ngowe-1824. Kwasala uMnini Luthuli eThekwini nabalandeli bakhe. Ngemuva kwalokho kwatheleka eThekwini uDabeka iNkosi yasemaQadini ezala uMqhawe noMnguni kaMshiyana inkosi yesizwe sakwaShangase. UDick King naye wagcina edubule ngesibhamu uLukhilimba wambulala emsola ngokuba yimpimpi yeNgonyama uDingane. Wayekade eyinduna yebutho uMdadane ngesikhathi seNgonyama uShaka. Wagcina ewelele eningizimu yoThukela wayokwakha khona.
Ukubulawa kweNgonyama uShaka kwakuyinto ehlangene nokuhlela kwesandla esinoboya sedlanzana lamaNgisi eSibubulungu. Abantu ababekhona ebulawa kwakuyizithunywa zaseMampondweni ezazivela eNkosini uFaku zilethwe kwaDukuza nguMatubane Luthuli owayeqapha izinkomo zeNgonyama uShaka esigodlweni kwaNdabenkulu eThekwini. Izithunywa zaziqhuba izinkomo uFaku ayekhonza ngazo eNgonyameni uShaka. Ingxenye yedlanzana lamaNgisi yakwazi ukungena ngakuBantwana baseNdlunkulu oMhlangana, uMbopha noDingane ukuthi iNgonyama uShaka ibulawe. Kwathi kusihlwa iNgonyama uShaka ihlezi esibayeni ukuze ilalele izithunywa zaseMampondweni kwase kutheleka aBantwana uMhlangana, uMbopha noDingane bamgwaza ngomkhonto wafa. Idlanzana lamaNgisi eSibubulungu lalinohlu lwamagama ezikhulu zeNgonyama uShaka ezazethembeke kakhulu kuyo nokwakungeke kube lula ukuzidunga imiqondo mayelana nendlela izwe elalibuswa ngayo.
– Lo mlando ucashunwe encwadini: Umlando Wamakhosi Esifundazweni saKwaZulu, Umqulu II. Uma ufisa ukutholale ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalela uSolwazi Maphalala kule email: maphalalajs@vodamail.co.za; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918.