UNgwenya akafuni kuphazamiseke imidlalo yeSafa KZN ABC Motsepe League
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
USihlalo we-Safa esifundazweni iKwaZulu-Natal uKwenzokwakhe Ngwenya ufisa amaqembu agijima kwiSafa KZN ABC Motsepe League, aqhubeke nokubambisana ukuze kungeke kube khona izinkinga.
Kule ligi kujwayelekile ukuthi uma sekuwumlenze wesibili abe maningi amacala abakhona. Ukuba khona kwalamacala okubalwa kuwona ukungapheli kwemidlalo, nakho kungenxa yezinqumo zonompempe.
Kwesinye isikhathi onompempe baqeda umdlalo ungakapheli, ngenxa yokusabela impilo yabo kwazise ngesikhathi umdlalo uqhubeka usuke ethola amagama ayizinsongo. Kule mpelasonto uyaqala umlenze wesibili kuyo i-SAFA KZN ABC Motsepe League.
“Ukubambisana kwamaqembu ikhona okudinga ukuba kushayelwe izandla, ngoba ikhona okunomthelela omuhle ekutheni kungabi khona amacala ahlukahlukene nokuthi imidlalo yonke ilingane kuwo wonke amaqembu. Amaqembu ayakwazi ukubekezelana, nginethemba elikhulu lokuthi njengoba isigaba sesibili siqala kule mpelasonto izinkinga ngeke zibe khona. Siyihhovisi laka-Safa esifundazweni iKwaZulu-Natal sizimisele ukusebenzisana nawo wonke amaqembu” kusho uNgwenya.
Akagcinanga lapho kodwa uphinde wabonga onompempe ngokuphatha kahle imidlalo ngobunono kwisigaba sokuqala.
“Onompempe basenze omkhulu umsebenzi kumlenze wokuqala, bazama ngakho konke ukuthi benciphise amaphutha agcina asebafaka enkingeni. Nabo bangabantu banawo amaphutha, yize bechashwa ngenhlamba kodwa bayabekezela” kubeka uNgwenya.
Uveze ukuthi izinga lokudlala liphezulu kakhulu, wonke amaqembu azimisele.
“Amaqembu onke adla kahle kakhulu, lokhu kunginika ithemba lokuthi iqembu elizomela isifundazwe iKwaZulu-Natal lizonyukela kwi-Motsepe Foundation Championship (MFC) ngesizini ezayo. Kumasizini amabili kulandelana amaqembu alapha aphuma kowandulela owamanqamu, lokho sizokulungisa kule sizini. Iqembu elizomela isifundazwe sizoliseka ngayoyonke indlela” kubeka uNgwenya.
Isifundazwe iKwaZulu-Natal sagcina ukunyusela iqembu kwi-MFC isabizwa ngeNational First Division (NFD), kwaba Uthongathi FC ngesizini yangowezi-2016/17, ngesizini engaphambilini kwabe kuyi-Real Kings.

