Ukuqhuzulwa yitshe elilodwa kungaba yishwa kuRich Boys



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ngasekupheleni kwesizini edlule yeGladAfrica Championship baningi ababethi nakanjani iRichards Bay FC iyona ezoba ngompetha, kodwa kwathi ngosuku lokugcina lwesizini umbango wabe usuphakathi kweSekhukhune United neRoyal AM.
Yize iRichards Bay FC yaphucwa iqatha emlonyeni kodwa lowo oyinhloko ezinkuliseni za-AmaZulu FC ubona leli qembu lasesifundazweni iKwaZulu-Natal kulokhu lingeke liphindwe okwangonyaka odlule. “Kungumlando okwenziwe iBay ukuthi iqembu ngesizini edlule libe sembangweni wesicoco nangelandelayo lenze into efanayo. Umqeqeshi uDladla (Pitso) nethimba lakhe labaqeqeshi, abadlali, izikhulu badinga ukushayelwa ihlombe. Ngiyazi ngesizini edlule ihluleke ekugcineni kodwa ngibona kulokhu kungeke nangengozi kwenzeke lokho. Abantu baKwaZulu-Natal kumele bazi ukuthi likhona iqembu lesihlanu elizongena kuDStv Premiership ngesizini ezayo” kusho uMoroka.
IRichards Bay FC ihlezi esicongweni ngamaphuzu angama-46 emva kwemidlalo engama-26, ilingana nePretoria University (Tuks) okuyikho okubahlukanisile ngamagoli.
Ukunyukela kweNatal Rich Boyz phezulu kodwa kusho ukuthi isifundazwe iKwaZulu-Natal sesinamaqembu amahlanu kuDStv Premiership, okubalwa iRoyal AM egila izimanga muva nje njengoba ihlezi endaweni yesibili kulogi, iMaritzburg United, AmaZulu FC neLamontville Golden Arrows. “Kobe yinto enhle kakhulu uma kungathiwa igcina ngokwenzeka. Ngoba kobe kusho ukuthuthuka kwesifundazwe iKwaZulu-Natal. Nabantu abangaphansi kwesifunda iZululand bazothobeka izinhliziyo njengoba bake baphuka imimoya eminyakeni edlule ngesikhathi iThanda Royal Zulu inqoba iligi abaphathi bayo babe sebedayisa igunya layo lokudlala ku-Absa Premiership esiyaziwa ngeDStv Premiership ku-AmaZulu FC” Kubeka uMoroka.
UMoroka wasebenza neThanda Royal Zulu eyisekela mqeqeshi, wathi eshiya kuyona ngesizini ezayo yabe isinqoba iligi. Iningi labadlali abanqoba iligi nguyena owabavukuza.
IRichards Bay FC isalelwe imidlalo emine kule sizini, kusasa ngoMgqibelo izivovana inkani neHungry Lion lo mdlalo izowudlala ekhaya eKing Zwelithini Stadium, eMlaza ngelesi-3 ntambama.
Eminye esele izovakashela iTS Sporting esigawulwe zembe, bese idlala nomkhaya bayo uThongathi FC neCape Town Spurs ekhaya imiphumela yakumlenze wokuqala iNatal Rich Boys ibhekene nalamaqembu angenhla iveza ukuthi iwahlule wonke ngaphandle koThongathi FC. “Abalandeli baKwaZulu-Natal abasukume baseke iqembu labo, okuhle nje sebevumelekile abalandeli ezinkundleni abaphume ngobuningi babo. Ukuba khona kwabo kuzobe kusho ukuthi sinomdlali we-12” kusho uMoroka.
ITuks yona inomdlalo onzima namuhla ntambama izovovana inkani neJDR Stars efuna ukudlala kumaplay-off.
Eminye imidlalo izodlala neVenda Football Academy esendaweni yesithathu, iCape Town Spurs ivale ngeHungry Lions.