UMengameli wase-USA angahle abhekane namacala
UMENGAMELI uDonald Trump ngoLwesithathu uthe uzobandakanya iNkantolo Ephakeme uma iDemocrats izama ukumbeka amacala ngokutholwe uRobert Mueller ophenyweni oluthinta iRussia. Nokho akazange achaze ukuthi lokho uzokwenza kanjani.
Ezinkulumweni zeTwitter uTrump ugxeke iNdlu elawulwa iDemocrats ngokuqhubeka nezigcawu kanye nophenyo lokuthikameza umthetho ngokmbiko kaMueller. Uthe umbuso wakhe uzolwa nakho konke okuzayo okuphenya ngezindlela eziningi okuholela ukuthi abekwe amacala.
“UMbiko KaMueller, yize ubhalwe abeDemocrats Abathukuthele Nabazonda uTrump, nokuxhaswe ngemali eshisiwe eyizi-$35,000,000, akudikizisi nqulu. “Alukho olubi engilwenzile,” kusho uTrump kuTwitter.
UMengameli uthe; “Uma umlandeli uDems ezama ukungibeka amacala, okokuqala ngizoya eNkantolo Ephakeme.” Wabuye wabhala ukuthi; “Akusikhona ukuthi awekho ‘amacala nobubi okusezingeni eliphezulu’ kodwa mina angenzanga cala nhlobo,” wafaka nembangi yakhe yangowezi-2016 uHillary Clinton njengomunye weDemocrats ayisola ngophenyo.
UTrump uthi iDemocrats yesaba okungatholwa yiCongress ngokuziphatha kwakhe. Abameli bathi ukubeka amacala umengameli kwenziwa ngendlela yezepolitiki kusingathwe yiCongress, futhi izinkantolo kungenzeka zingayingeni leyo.
“UMbiko kaMueller wakha isithombe lapho uTrump ehlale etshelwa abeluleki, abameli nezinye izikhulu ukuthi akwenzile akulungile,” kubhala uRenato Mariotti owayengumshushusi kuTwitter. “Njengoba umbhalo usho kuTwitter, akaznge afunde lutho.”
Ukukhishwa koMbiko kaMueller kubange intukuthelo kuDemocrats kwaqubula nempikiswano yokuthi kufanele yini imibhalo ethinta ukubekwa amacala kuTrump kuhhoywe.
Umbiko ongamakhasi angama-448 uveze imininingwane eminingi yokuxhumana phakathi kwabasondelene noTrump nabasebenza eRussia kodwa wathi but s akunabufakazi bokuthi kukhona ubugebengu okwakuhlangenwe ngabo. Umbiko ubhale ngokuningi okwakwenziwa nguTrump ukudusa uphenyo lwezigele nokuhubhuza amanga ngabasondelene naye ngokuxhumana neRussia, kodwa akuzange kufike ekutheni uMengameli waphazamisa umthetho.
USomlomo uNancy Pelosi nabanye abaholi beDemocrats bafuna ukuyidambisa inkulumo yokubeka amacala uTrump ekubeni iyona ehamba phambili ekukhishweni koMbiko kaMueller. Bathi bafuna iqembu ligxile kakhulu ezindabeni ezifana nezempilo nemisebenzi okuyikhona okubathinta kakhulu.
Ezinsukwini kusukela uMbiko kaMueller wathulwa emphakathini, lilokhu likhula inani labeDemocrats abathi kungenzeka abekwe amacala uTrump. UPelosi uthi iNdlu kufanele ithole amaqiniso kuqala, uma amaqiniso eholela ekubekweni amacala bese kuyadingidwa.
Ekuseni uTrump ubelokhu ebhala kuTwitter ekhononda ngophenyo okungaba yisisekelo sokubekwa kwakhe amacala. “ICongress ayinaso isikhathi sokubeka imithetho,” kubhala uTrump said. “Ifuna kuphaela ukuqhubeka ithole opjikisana neningi, lokho sengikunqobile.”
Ngaphambi kokuba ashiye umcimbi e-Atlanta, uTrump unxenxe abenzi bomthetho ukuba ‘babuyele kungqalasizinda, ekunciphiseni intela, ekunciphiseni intengo yemithi.”
Uthi uphenyo selwanele. UTrump uthi; “Silwa nazo zonke izincwadi ezisibizela enkatolo.”
UTrump neCongress bayalwa ngophenyo olwenziwa yiNdlu nokuthinta uMbiko kaMueller, intela ngokukaTrump kanye nezokuphepha.
Abasizi bakaTrump kungenzeka bavimbele ubufakazi ngokweCongress basebenzise owayeyisigele eWhite House uDon McGahn, osemqoka phenyweni lukaMueller. UMcGahn ukhulume nethimba likaMueller mayelana nemizamo kaTrump ukuba kususwe isigele esikhethekile esikhundleni saso, okuyimizamo abashushusi abathe kungaba yisenzo esiphazamisa umthetho.
IHouse Judiciary Committee inikeze uMcGahn incwadi yenkatolo. IWhite House ingafuna kuvinjwe ubufakazi bukaMcGahn kuCongress ngokuthi ube nethuba elikhethekile lokuba nezingxoxo noMengameli.
UMnyango Wezezimali ubambezeleke kuze kube ngumhla ziyisi-6 kuNhlaba ngesinqumo sokuthi uphendule ekomitini leNdlu House ngesicelo samakhophi entela kaTrump. Koba yinhlanhla uma umbuso uhambisane nesicelo.
UNobhala Wezezimali uSteve Mnuchin uthe; “Angikwazi kwenza lutho ngesicelo senu kuze kube kuyaboakala ukuthi siyahambisana nomthetho.”
IWhite House itshele owayengumqondisi kwezokuphepha kwezisebenzi uCarl Kline ukuthi angalokothi avele phambi kweHouse Committee on Oversight and Reform, ephenya ngezinkinga zezokuphepha okugunyazwe yizikhulu ezithile eWhite House. Uphenyo lubandakanya ukuthi ngabe uTrump wangenelela yini ekutholeleni umkhwenyana wakwakhe uJared Kushner amaphaepha amhlangulayo kwezokuphepha.

