Now Reading
OwoMkomaas All Stars FC ubona bengawujabhisa uMkhambathi FC kowamanqamu
Dark Light

OwoMkomaas All Stars FC ubona bengawujabhisa uMkhambathi FC kowamanqamu

UChillies Mhlongo ongumqeqeshi woMkhomaas All Stars uthi kube yinto abangayilindele ukuthi behambe beze befika kuleli banga abalihambile kwimidlalo yokuhlungela ukungena kumqhudelwano womkhumulajezi iNedbank Cup.

UMkomaas All Stars iqembu elidlala kuHollywoodbets SAB League ngaphansi kwesiFunda Ugu, kusele kancane ukuthi ungene kwiNedbank Cup Last 32.

Konke kulele ekutheni uhlule uMkhambathi FC okuyiqembu eligijima kwi-Safa KZN ABC Motsepe League, la maqembu azotholana kumdlalo wamanqamu okuhlungela ukuzibekisela indawo kwiNedbank Cup. Lo mdlalo kulindeleke ukuthi ube ngeSonto eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont.

“Lapho iqembu elikhona namuhla bengaliboni ukuthi lingafika, ngoba njengoba sidlala kwi-SAB bekuwukuthi sizitshelile nje sizozidlalela bese sigxila kwiligi ngoba vele sizidlalela esigabeni esiphansi. Konke kodwa lokho sekuguqukile ngoba sizoyadlala umdlalo wamanqamu ngeSonto. Abadlali esinabo eqenjini bancane kakhulu ngeminyaka ngalokho ngibatshelile ukuthi kumele bazinikele ngayo yonke indlela, ngoba bengagcina bethola amadlelo aluhlaza ngawo lo mdlalo” kusho uMhlongo.

Lo mqeqeshi oneziqu zikaCaf D uthe leli qembu lisungulwe ngesizini edlule.

“Yize uMkhambathi FC udlala esigabeni esingenhla kodwa ibhola leli liyaginqika kungenzakala noma yini. Sobabili lo mdlalo siyakwazi ukubaluleka kwawo, ngakhoke akekho ozobe ehlonipha omunye enkundleni”.

See Also

Kulogi uMkomaas All Stars uhlezi endaweni yesine, uMhlongo uthi ukuwina kwabo ngeSonto kungabakhuthaza kakhulu.

“Into engiyibheke kakhulu ukunqoba iligi, okuyinto ezokwenzeka nakanjani. Kodwa makungathiwa siyanqoba ngeSonto angazi injabulo enginganayo iyinto engachazeki, ngoba sokhuthazeka kakhulu ukuthi sibe ngompetha beligi. Singagcini lapho kodwa sikhuphukele kwi-Safa KZN ABC Motsepe League ngesizini ezayo” kusho uMhlongo.

Leli qembu lizobeka amathemba alo kumgadli osezakhele igama ngokuhlohla amagoli, KwaZulu-Natal nase-Eastern Cape uSibongiseni “KFC” Ngidi.

Scroll To Top