Now Reading
UMkhize ubona likhulu isasasa leKhabba Cup U/21
Dark Light

UMkhize ubona likhulu isasasa leKhabba Cup U/21

Imidlalo izodlalelwa eSiphingo Sports Grounds kusasa, iphelele eWema ngeSonto.

UManqoba Shakes Mkhize ongumsunguli weKhabba Cup ubona lizoba likhulu kakhulu izinga lalo mqhudelwano kulonyaka.

IKhabba Cup ihlukene kabili kukhona eba ngoNhlangulana lapho isuke ingakhethi minyaka, bese kuba khona edlalwa abaneminyaka engaphansi kwengama-21 yona ezokuba kule mpelasonto.

Eyabaneminyaka engaphansi kwengama-21 kuzoba okwesibili idlala kulo nyaka, njengoba isungulwe nyakenye. Le midlalo izodlalelwa eSiphingo Sports Grounds yonke imidlalo kusasa ngoMgqibelo, bese isongwa ngeSonto eSJ Smith, edume ngokuthi iWema.

IDurban Pioneers FC iyona ezovikela isicoco enomlando wokuba iqembu lokuqala ukunqoba lo mqhudelwano nyakenye

UMkhize ekhuluma nelaboHlanga uthe: “Isasasa likhulu leKhabba Cup yakulonyaka okwenza ngisho njalo ingoba eyanyakenye yathela izithelo ezinhle kakhulu. Lapho sabona iningi labadlali lisayiniswa amaqembu amakhulu esifundazweni iKwaZulu-Natal, okuyimanje siyababona bedlala kwi-DDC kanti abanye bayanikezwa nethuba emaqenjini amakhulu. Ngikhuluma nje sathi sikhipha ukuthi amaqembu asengajoyina aliphelanga isonto, kwabe sezigcwele izikhala ezingama-32”.

Kubadlali ababonakale emva kokudlala iKhabba Cup U/21 nyakenye kukhona uBanele Nomvethe, uMbulelo Nombengula abakwiRichards Bay FC, uNtsikelelo Mbhele okwiLamontville Golden Arrows, uSiphesihle Mthiyane oku-AmaZulu FC, u-Aviwe Bai, uSiphelele Mthembu noSibusiso Mthabela abakwiDurban City ukabala abambalwa.

Okunye okuwubufakazi bokuthi lo mqhudelwano izinga lawo likhule kakhulu, kumaqembu angama-32 akhona kukhona neliqhamuka eGoli elibizwa ngeStonebridge Sporting Soccer Development.

Ngaphandle kwabesilisa kuzophinde kube nemidlalo kanobhutshuzwayo besifazane, amqembu akhona ayi-8.

“Nonyaka sibone kukhona isidingo sokuthi sifake nabantu besifazane. Inhloso yethu ukuthi asifuni kube khona igebe phakathi kwabesilisa nabesifazane, sifuna bengavaleleki ngaphandle. Njengoba iKhabba Cup isizakhele igama ngokukhiqiza abadlali asebedlala esigabeni esiphezulu kwabesilisa sifuna nakwabesifazane kube njalo. Sifuna ukubona abadlali bedlala kwiHollywoodbets Super League nakwiBanyana Banyana” kubeka uMkhize.

See Also

Uthe uyafisa ukuthi osomabhizinisi bewuxhase lo mqhudelwano ngoba akuwona owakhe kodwa owabantu baKwaZulu-Natal bonkana.

NgoMandulo lo mqhudelwano usanda kuqukula inkomishi wokuba iBest Kasi Tournament of the Year kumaSafja Awards.

“Ukunqoba lomkomelo kwangikhuthaza kakhulu ukuthi ngiphokophele phambili ngalo mqhudelwano. Ngesikhathi ngiwusungula ngangingazi ukuthi ngelinye ilanga ngobongwa ngakho” kubeka uMkhize.

Iqembu elizonqoba kwabesilisa lizogoduka nezinkulungwane ezingama-R50, kwabesifazane bazothola izinkulungwane ezili-R10. Izokuba khona nemikomelo yabadlali abavelele.

Scroll To Top