Now Reading
UMapensela unephupho lokusakaza bukhoma imiqhudelwano emikhulu emhlabeni
Dark Light

UMapensela unephupho lokusakaza bukhoma imiqhudelwano emikhulu emhlabeni

Ili-10 iminyaka kulonyaka esakaza, waqala kaSABC njengoba esekaSupersport.

Ulokhu eqhubekile nokudlondlobala umsakazi webhola likanobhutshuzwayo igama lakhe eliphezulu kakhulu ngokuthi afike nento ehlukile okuwukuqamba abadlali amagama.

Lowo nguReginald “Mapensela” Ndlovu ongumsakazi webhola likanobhutshuzwayo kaSupersport, nonyaka eminyaka eli-10 aqala ukusakaza. Iphimbo lakhe laqala ukunkenteza ezindlebeni zabantu abaningi balapha eNingizimu Afrika ngonyaka wezi-2015 lapho wayesasaka ka-SABC. Umdlalo wokuqala esemvakombhobho kwabe kutholene phezulu iPlatinum neTownship Rollers yaseBotswana emqhudelwaneni weBokone Bophirima Maize cup, kusukela lapho akabange esabheka emumva.

Muva nje usanda kubonakala engcebekela enkundleni ehlonishwa kakhulu emhlabeni iSantiago Bernabeu okuyikhaya lezingqungqulu zaseSpain iReal Madrid, nalapho wayehanjiswe imisebenzi yakhe emihle.

“Emva kokuthi ngibe umuntu wokuqala ongumZulu ukusakaza i-El Classico (lapho kusuke kudlala iReal Madrid neFC Barcelona), iLa Liga yangikomelisa ngokuthi ngibe nohambo lokuya eSpain ngizungeze iSantiago Bernabeu. Angigcinanga lapho kodwa ngahambela neColliseum Stadium okuyinkundla yeGetafe FC. Ngabe sengiya endaweni egcina izinto ezingamagugu eziphathelene nonobhutshuzwayo wamazwe, nokuyilapho ngibone ijezi lika-Anele Ngcongca abe eligqoke ngonyaka wezi-2010 kwiNdebe YoMhlaba eyayibanjelwe lapha eNingizimu Afrika” kusho uNdlovu.

Etshela elaboHlanga ngokukhula kwakhe kulomkhakha uthe: “Ayikho into ebaluleke ukudlula njengokubamba umgqigqo ukuze uzokhula kulo mkhakha. Kunzima ukungena kuwona kodwa kulula bese usungaphakathi. Ingakho ngiwuhlonipha umsebenzi wami ngihlezi ngiwubeka phambili ngoba ngiyazi bekunzima kanjani ngisafuna ukungena. Nanokuthi ngifuna ukukhuthaza umuntu osemakhaya abone ukuthi impumelelo ayikho emadolobheni kuphela kodwa ungaphumelela noma kuthiwa uqhamukaphi”.

Mayela nomsuka wakhe uMapensela wazalelwa eBara eSoweto wakhulela eMofolo Central, emva kweminyaka emihlanu wehlela eNquthu, KwaZulu-Natal, eNgwebini ekhaya lakhe koMama. Ufunde eDundee Primary school, iseCasino Primary School, wadlulela Ekucabangeni High School (Nquthu), waya eNdlelanhle Secondary school, wadlulela eLangazela High School (eNondweni) wabe esesonga eMzamo High school (eNewcastle). Kanti ube esedlulela eDurban University of Technology (DUT).

Okunye okuwubufakazi bokuthi uyaqhubeka nokukhula kulomkhamkha, ngaphandle kokusakaza kaSupersport uphinde abe iContent Creator kaHollywoodbets okuyinkampani yokugembula ehlonishwa umhlaba wonke.

Kule nkampani yakaHollywoodbets usebenza eduzane kakhulu nomsakazi akhule emlalela lowo nguJoe Hudla.

ElaboHlanga limbuza ukuthi kusho ukuthi kuyena lokho uthe: “Ukusebenza noNtshosho (uHudla) kungenze ngabona ukuthi iphupho alifi umnikazi esaphila, ngikhule ngimlalela emakhaya. Ukuba seduze kwakhe ngalendlela kungikhulise kakhulu. Uwumuntu esengikhona ukuphakamisa ucingo ngimuqalaze ngibuze futhi makukhona engibhekene nakho bese eyangeluleka”.

See Also

Isikhathi esiningi kaSupersport imidlalo emikhulu okubalwa iSoweto Derby, kwazise abathandi bakanobhutshuzwayo bajatsuliswa indlela abiza ngayo abadlali.

Kubadlali abambalwa abaqambile uThalent Mbatha (Amathalente awafani), Themba Zwane (Shelela Mshishi uyaShelela), Thabiso Sesane (Scima mlilo, the fire fighter), Willard Katsande (Sgwinya konke), Thabiso Monyane (Isencane lengane), Evidence Makgopa (Ubufakazi) nabanye abaningi cishe bonke abadlali bakwiBetway Premiership banamagama abaqamba.

Uthe ⁠wathatha isinqumo sokungawasebenzisi amagama okuteketisa bayesakaza imidlalo ye-Afcon ngoba kwake kwakhona iyinkulumo ezazithi akasiyena umsakazi kodwa ugabe ngokuteketisa abadlali nje kuphela, lozo zinkulumo zabe zishiwo abanye abasakazi.

Ephawula ngokukhula kukanobhutshuzwayo walapha eNingizimu Afrika uthe: “Ibhola lethu likhule kakhulu futhi lishintshe ngendlela ehlukile, ngiyafisa ngelinye ilanga bebongwe besaphila uDkt Khoza (Irvin) noDkt Motaung (Kaizer) ngendima abayidlale ebholeni lalapha. Namhlanje sinenqwaba yabadlali esibabona beya phesheya kwezilwandle, abaqale ukubonakala bedlala kwi-DDC. Kwashintsha indlela okwenzeka ngayo izinto abadlali sebehola imali eshintsha izimpilo zabo amaqembu kunezimali ayitholayo njalo makuphela inyanga, lokho kusho ukuguquka kwebhola lethu” kubeka uMapensela.

Esonga uthe unesifiso sokuqhubeka nokukhuthaza intsha, kanti ngelinye ilanga ufisa ukusakaza esenkundleni imidlalo yamanqamu e-Afcon, i-Euro, Indebe YoMhlaba ne-Uefa Champions League. Isikhathi esiningi lemidlalo noma eyisakaza usuke engekho enkundleni usuke eseStudio eRandburg, eGoli.

Scroll To Top