Now Reading
KHUMU: Okungapheli kuyahlola
Dark Light

KHUMU: Okungapheli kuyahlola

Kungephikiswa muntu ukuthi ukufika kwakhe e-England ngonyaka wezi-2015 kwafike kwashintsha isithunzi seLiverpool FC, sabuyela kulesi esabe siyiso eminyakeni edlule. Lowo ngu-Jurgen Norbert Klopp ongowokudabuka eGermany.

Ukushintsha kwakhe iLivepool FC uKlopp, wenza umbango washuba kulamaqembu abalwa namakhulu kwi-English Premier League (EPL).

Ngesikhathi efika kuleli qembu uKlopp ekhuluma kokuqala nabezindaba, emenyezelwe njenqomqeqeshi weLiverpool FC wakubalula ukuthi ufuna ukuzobuyisa izinsuku zenjabulo kuleli qembu.

Namuhla lo mqeqeshi emini ushiye abalandeli bakanobhutshuzwayo emhlabeni wonke jikelele bemangele, ngesikhathi ememezela ukuthi ngeke esabuya kuleli qembu ngesizini ezayo.

UKlopp ngeke ahambe yedwa kodwa uzohamba nethimba lakhe okunguPepijin Lijnders noPeter Krawietz okungamaphini akhe.

Ekhuluma ngalesi sinqumo uKlopp uthe: “Ngiyakuqonda ukuthi kuyizindaba lezi ezishaqisayo, kwazise abantu bebengazilindele. Kodwa bengazi ukuthi ekugcineni into lena ezokwenzeka. Akukho okubi engingathi kuyangihambisa kwiLiverpool FC. Ngithanda yonke into ngeqembu, ngithanda indawo yakhona, ngithanda abalandeli, abadlali nalo lonke iqembu engisebenze nalo” kusho uKlopp.

UKlopp iLiverpool FC bekuyiqembu lesithathu akade eliqeqesha kusukela aqala ukuba ngumqeqeshi ngonyaka wezi-2021. Iqembu aqala kulo iMainz ngonyaka wezi-2001 kuya kowezi-2008, wabe eseya kwi-Borrusia Dortmund.

“Ngemumva kweminyaka ngiseqenjini ngiyabonga inhlonipho engiyitholile. Lingikhulise kakhulu iqembu, ngikhula usuku nosuku” usho uKlopp.

Izinguquko azenzile kuleli qembu, ulinqobile i-EPL elabe liyigcine ngesizini yangowe-1989/90, iFA Cup eyayiyigcine ngesizini yangowezi-2005/06, i-Uefa Champions League yona eyabe ukugcina ukuyinqoba ngesizini yangowezi-2004/5.

Ezinye izinkomishi iCommunity Shield eyagcina ukuyinqoba ngowezi-2006, i-Uefa Super Cup abayigcina ngowezi-2005 ne-EFL Cup ababeyigcine ngesizini yangowezi-2011/12.

Ngesizini yangowezi-2019/20 nangesizini yangowezi-2021/2022 waqokwa njengomqeqeshi ovelele e-England.

See Also

Kuyimanje iLiverpool FC iyona ehlezi esicongweni kulogi isidlale imidlalo engama-21 yathola amaphuzu angama-48.

Amagama abaqeqeshi okungenzeka bengene endaweni kaKlopp Steven Gerrard odlale kakhulu kuleli qembu eminyakeni edlule, engalekelelana noXabi Alonso oqeqesha iBayern Leverkusen yaseGermany okuyimanje ihlezi phezulu kulogi ngaphambi kweBayern Munich.

UGerrard no-Alonso babekhona ngesizini yangowezi-2004/5 iLiverpool FC inqoba i-Uefa Champions League.

Izinkomishi azinqobile kwiLiverpool FC:

2019-20: English Premier League
2018/19: Uefa Champions League
2021-2022: FA Cup
2021-2022: EFL Cup
2022: FA Community Shield
2019: Fifa Club World Cup
2019: Uefa Super Cup

Scroll To Top