UTovey ufuna iBafana iqhubeke nokuzinza eGoli
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Akayizwa eyokuthi iBafana Bafana ifudukele kwezinye izifundazwe owayengukaputeni weqembu lesizwe, uNiel “Mokoko” Tovey ngesikhathi elakuleli likhala lemuka ne-Africa Cup of Nations (Afcon) ngowe-1996.
Sekuphenduke insakavukela umchilo wesidwaba ukuthi iqembu lesizwe libukwe yizinyoni uma lidlalela imidlalo yalo yasekhaya eGoli. Kusukela uHugo Broos ethathe izintambo zokupheka iBafana ngonyaka odlule, iqembu lesizwe lidlala imidlalo yalo yasekhaya eGoli.
IBafana iphinde yangena ehlazweni ngempelasonto ibhekene neNamibia emdlalweni wesihle ophele zibambene ngo 0-0 e-Orlando Stadium, eGoli.
Ngendlela obekucwebe ngayo enkundleni ubungazitshela ukuthi iqembu lesizwe liyazilolonga.
“Kuyihlazo ukuthi iqembu lesizwe lonke lithanyelwe yidlanzana labalandeli ekubeni lidlalela ekhaya. Njengamanje iqembu lesizwe libukeka lidlondlobala. Seliyakwazi ukuthola imiphumela emqoka emidlalweni ebalulekile nemikhulu ekhaya. Kuyathusa ukuthi lokho akubakhuthazi abalandeli ekutheni balayishe izinkundla zaseGoli,” kubeka uTovey.
Ingwazi yeBafana neKaizer Chiefs isanda kuphumela obala ngokuthi sekuyisikhathi sokuthi imidlalo yeqembu lesizwe idlalelwe kwezinye izifundazwe ngoba abantu baseGoli sebekhombisile ukuthi abanendaba nalo.
“Inhlangano eyangamele ibhola nethimba lezokukhangisa ngabe benza umsebenzi ofanele? Kumele nabo bazinuke amakhwapha. Kungani bengaxhumani nosihlalo babalandeli bamaqembu afana noKaizer Chiefs, Orlando Pirates neMamelodi Sundowns. La maqembu kuyagcwala uma edlala imidlalo yayo yasekhaya. NeSafa kumele isebenzisane nawo ukuze ithole ukuthi azogcwalisa kanjani izinkundla. Lo mkhuba awukwazi ukuqhubeka kube sengathi akwenzakalanga lutho. Kumele kutholakale ikhambi lokuwelapha,” kulandisa uTovey.
IBafana isanda kuzibekisela indawo ku-Afcon ezoba se-Ivory Coast ngonyaka ozayo. “Uma neSafa ingafaka umdlandla ekugcwaliseni izinkundla ngikholwa wukuthi sizokwazi ukuqala sibone umehluko. Okwamanje ngeneme ngendlela uBroos akha ngalo iqembu lakhe. Umbango ushubile kuzo zonke izindawo. Sesibheke ukuthi enze kahle ngonyaka ozayo ku-Afcon,” kusho uTovey.
UBroos akayazi induku emidlalweni yasekhaya kusukela ethathe izintambo.