Now Reading
OweNjampela FC ubona bengayinqoba iPrince Mangosuthu Legacy Cup nakulonyaka
Dark Light

OweNjampela FC ubona bengayinqoba iPrince Mangosuthu Legacy Cup nakulonyaka

UMpilo “Gattuso” Buthelezi ongukaputeni weNjampela FC okuyiqembu eligijima kwi-Safa KZN ABC Motsepe League, ubona bengaphinde bemangaze abantu abaningi ngokuthi benqobe iPrince Mangosuthu Legacy Cup.

Nyakenye leli qembu laKwaNongoma ilo elanqoba lo mqhudelwano okuhlonishwa ngawo umsunguli weqembu Inkatha Freedom Party (IFP) uMntwana waKwaPhindangene Buthelezi.

INjampela FC kaVusi “VJ” Buthelezi njengoba ivikela isicoco nyakenye yabe ingene ngopotsho kwazise kwahoxa AmaZulu FC ngezinsuku zokugcina kwaphoqeleka ukuthi kungene Abafana Basekuthuleni (iNjampela FC).

“Okokuqala Kuyajabulisa kakhulu ukuthi nakulonyaka siyingxenye yalo mqhudelwano, ekubeni siyiqembu elidlala esigabeni esiphansi. Nyakenye lo mqhudelwano sangena kuwona ngezikhathi zokugcina nalapho sabe sikwiPre-Season sakwazi ukuwunqoba, kulokhu sizowudlala vele iligi esidlala kuyo isiqalile. Ngengendlela esibumbene ngayo nginalo ithemba lokuthi singaphinde sikwenzenze esakwenza ngonyaka odlule” kusho uButhelezi.

Njengoba lo mqhudelwano udlalwa amaqembu amane iNjampela FC iyo ezovula na-AmaZulu FC kumdlalo ozoqala ngehora lesi-9 ekuseni, kulandele iRichards Bay FC neNsingizini Hotspur yaseSwazini ngele-12 kuyothi ngele-15:00 ntambama kudlale umdlalo wamanqamu. Le midlalo izobanjelwa ePrince Mangosuthu Regional Stadium, ngeSonto.

“Okuyikho engibona kuzosilekelela ukuthi sizobe sidlala ekhaya, okusho ukuthi umdlali we-12 uzosilekelela. Yize iqembu lidabuka kwaNongoma kodwa imidlalo yasekhaya yeligi kusukela lasungulwa siyidlalela ePrince Mangosuthu Regional Stadium. Ingakho nginxusa bonke abalandeli baseZululand bephume ngobuningi bezoseka iqembu labo” kusho uButhelezi.

See Also

Abafana Basekuthuleni bangelinye lamaqembu asembangweni okunqoba iqoqo A kuligi, banamaphuzu ali-13 endaweni yesithathu iqembu elihlezi phezulu Umvoti FC onali-19.

NgoLwesithathu bedlala neGood Fellas FC banqobe ngegoli elilodwa eqandeni, lelo goli livalelwe phakathi uyena uGattuso.

“Mayelana neligi kusasekuseni kakhulu sisanalo ithuba lokuthi sihlale phezulu eqoqweni. Kusanemidlalo emine esele ngaphambi kokuqala kwesiwombe sesibili, okuyilapho kusuke kusetshenzwa ngempela. Sike sayinqoba iligi yesifundazwe iKwaZulu-Natal nakulokhu sisanalo ithuba”.

Scroll To Top