Bavule amehlo ukunqanda ubunzima behlandla lesithathu



UMhlongo yintatheli ebheke izindaba zohulumeni bendawo
Izibalo zabahaqwe ukhuvethe nyakenye zaqala ukukhula esifundazweni i-Eastern Cape kangangokuba uMengameli wezwe uCyril Ramaphosa waze wanxusa izakhamuzi ukuba zisigweme lesi sifundazwe kanye namadolobha aso amakhulu anjengeBuffalo City neNelson Mandela Bay.
Obambe njengeNhloko yoMnyango Wezempilo kulesi sifundazwe uDkt uSibongile Zungu, uthe sebezame ngakho konke okusemandleni ukuthi babhekane nezimo bebhekene nokhuvethe ngqo. Uthe emsebenzini asebewenzile ukubhekana nokhuvethe basaqhubeka nokukhipha izimemezelo ekutheni abantu baqhubeke nokuziphatha kahle, nalabo abahlanganayo bakwenze lokho ngaphansi komthetho.
“Esikubhekile ukuthi abantu bangayeqi imigomo. Isifundazwe senze isiqiniseko sokuthi imikhakha nezinhlaka zikaHulumeni ziyasebenzisana. Sithola amaphoyisa omasipala esebenzisana nabezempilo baphinde babambisane nabokongiwa kwemvelo, ngokuhamba bebheka ukuthi izindawo ezithengisa izidlo ziyayilandela yini imthetho ebekiwe. Nalapho abantu behlangana khona. Baphinde baqaphe amabhizinisi,” usho kanje.
Uthe bake baqaphela ukuthi ngesikhathi kudlula isigaba sesihlanu semvalelwakhaya abantu baqale bangena baba inqwaba ezitolo, kube sekuzanywa indlela yokuthi kusetshenziswane.
Ongoti baseNyuvesi iNelson Mandela phambilini bathi kungenzeka kube nenkinga yokubhebhetheka kokhuvethe ngesiwombe sesithathu semvalelwakhaya ikakhulukazi kuMkhandlu iNelson Mandela Bay neBuffalo City kuyona le nyanga nakwezayo.
Ephawula ukuthi ngabe izinkomba zabo zibakhombisa isimo esifanayo yini uthe: “Sike sibheke isonto nesonto ukubona ukuthi izinombolo zabantu abahaqekile zinyuka kanjani. Zinyuka kancane eNelson Mandela Bay kanye naseBuffalo City bese sikhathazwa izindawo lapho zinyuka khona noma ziphansi okwamanje kodwa zinyuka kakhudlwana eSarah Baartman.”
Uthe iSarah Baartman iyabakhathaza ngoba izindawo ezinjengeKugga zisekungeneni kwabasuka esifundazweni iWestern Cape.
“Yilezo zindawo ezisethusayo ngoba nangegagasi lokuqala nelesibili izinkinga eziningi zaziqala khona bese zingena ngaphakathi zithi uma zifika eNelson Mandela Bay zisabalale. Ngoba iSarah Baartman ayinabo abantu abaningi uma kunenkinga khona akuzweli kakhulu ngoba abantu baqhelelene kodwa uma ike yakhuphuka kuyabhebhetheka,” usho kanje.
Uqhube wathi ngegagasi lokuqala nelesibili kubabonisile ukuthi ukuhamba kwabantu okwenza ukuthi igciwane libhebhetheke kakhulu.
Njengoba abantu abaningi bezobe bebuyela emakhaya kula maholidi uDkt uZungu uthe: “Sibeke kakhulu amathemba ethu ekutheni uma sithola osehaqekile, sifune abasondelane naye bese behlolwa bonke ukuze igciwane siligcine kuleyo ndawo. Njengoba esikhathini saphambilini sike saba nezinkinga abantu behlele imingcwabo noma imicimbi besithi mbo kuleyo ndawo sisale sesihlola nalabo abaseduzane senzela ukuthi sithole onokhuvethe simdonsele eceleni. Lokho kusisizile njengoba izinombolo zisephansi, siqaphe ngeso lokhozi lapho sibona khona ukuthi izinombolo ziyenyuka, sesiqalile ukuhlola mawala eBuffalo City, eNelson Mandela naseKugga.”