Isaqhubeka ngaphandle kweringi impi kaWendy noNobengazi abagcina bengalwanga
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umqeqeshi kaNobengazi usola uWendy ngobugwala. UWendy uthi yena akasoze amsaba uBooth (Nobengazi).
UPhlorian Mnikathi usola umpetha wesicoco saseNingizimu Afrika Supermiddleweight uWendy “The Rose” Gcadu ngokuba “yigwala”, njengoba abika ukugula ngaphambi kwempi yakhe noNobengazi Booth eShowe Town Hall ngoLwesihlanu olwedlule ebusuku.
Ngokwemibiko kuthiwa uWendy uqale ukungazizwa kahle emzimbeni ekuseni waphuthunyiswa esibhedlela lapho udokotela enqume khona ukuthi akekho esimweni sokungena eringini. Ubezobe elivikela okokuqala leli bhande alinqoba ngamaphuzu kuNoxolo Mkhasibe empini eyayiKwaDukuza ngoZibandlela odlule.
Lena impi eyabe ibhekwe kakhulu njengoba kwabe sekukhulunywe ngayo isikhathi eside, ngasekuqaleni kwesonto eledlule ezinkundleni zokuxhumana yiyo eyayihamba phambili.
UMnikathi ekhuluma nelaboHlanga uthe: “UWendy wayisaba ingcaca lempi wayebona ukuthi ibhande lizohamba, ngoba sasizobe singaqali ukubhekana naye. Kwimpi yokuqala wakhala ngaphansi nakulokhu bekuzoba yiso leso. Okungiphatha kabi ukuthi uthi mina ngangichela eduze kwendlu lapho ayelele khona. Siphi isizathu sokwenza lokho kumuntu engaziyo ukuthi siyamhlula. Mina ngisola ukuthi wavele wakhumbula izibhakela ezazifakwa uNobengazi kuyena wathola indlela yokuzivikela”.
Eqhuba uthe: “Ibhokisa lami lilimele kakhulu, kodwa izolo (ngoLwesine) uzifikele yena ejimini esho ukuthi ukhathele ukuzivalela endlini okwenzekile usekudlulisile. Ngingasho ngithi lento isivalele indlela yethu eya phambili, ngoba emva kokunqoba leli bhande besinezinhlelo ezithize. Kodwa-ke sesibheke impi ezokuba ngonyaka ozayo lapho uNobengazi ezolwa noNoxolo Mkhasibe kwi-SA Junior Middleweight”.
Uvale ngelokuthi ukube uWendy ubejima kuyena ubezomxosha ngoba ubezobe embukanise nezwe.
ElaboHlanga libe selithinta uWendy ukuba aziphendulele ngalezi zinsolo ezibhekiswe kuyena.
“Angikaze ngamsaba uBooth mina, akekho ngisho kwizikeliso (ratings) engikuzo mina. Okokuqala yimi engathi ibhande lami ngifuna ukulivikela kuyena. Yena akekho ngisho kwi-Supermiddle Weight. Mayelana nokugula kwami, nto eyenzeka ngalala kahle ngoLwesine, phakathi nobusuku ngashawa izibhobo kwangalaleka ngafonela umqeqeshi wami weza egumbini lami, ngazama ukuthandaza, ngaphuza namanzi antukutuku kodwa kwafana. NgoLwesihlanu ngavuka ngivuvukele emehlweni ngiphethwe ikhanda, udokotela wathi ngeke ngikwazi ukudlala, mina lapho ngangikulangazelele ngoba ngijime isikhathi eside” kusho uWendy.
Uthe uyohlezi ekulungele ukulwa noNobengazi noma kuthiwa ujime isonto elilodwa vo.
“Isibhakela ngasiqala ngowezi-2016, okusho ukuthi angiyena umafikizolo kulo mdlalo. Ngeke ngasaba elinye ibhokisa kakhulukazi elifana noNobengazi. Mayelana nokugula kwami engingakusho nje akufani, ngiyalulama noma kwamangaza abantu abaningi – nami nje ngisathukile. Uma kuzoqhubeka kanje isibhakela sizophela ngenxa yesandla semfene” kubeka uWendy.

