Ababuyayo, abangabuyi namafumuka


AKUSEKHO ukujikela emuva kwendlu. Kungensuku zingaki lizoguqa iPhalamende kanjalo neZishayamthetho eziyi-9 kuzwelonke. Esinye seZishayamthetho esibhekwe ngabovu ngesaKwaZulu-Natal esinamalungu angama-80 avela emaqenjini ehlukene azophelelwa ngumsebenzi. Lesi yisikhathi esinzima ngoba wonke la malungu kumele aphakamise imikhono ayolekelela amaqembu awo ukuthi ayokhankasa ukuze izinombolo zivume ngoba kungenjalo umuntu uyojoyina izigidi zabantu bakuleli abangasebenzi. Elinye la maqembu eliphansi phezulu nokuhlanganisa uhlu lwamagama yiqembu elibusayo i-African National Congress (ANC).
Leli phephandaba selingakuqinisekisa ukuthi uma kuhamba ngezifiso zamalungu eqembu emazingeni omphakathi, zintathu izinhlobo zabantu ezikhona uma kukhulunywa ngesiphakamiso salabo okumele baye kuSishayamthetho; kukhona abazongena, ababuyelayo nalabo abasha, kube khona abangeke babuyele ngenxa yenombolo umuntu akuyo nalabo abangaqokwanga, bese kuba khona labo abazothatha umhlalaphansi.
Ngokohlu olubonwe yileli phephandaba okusalindwe ukuthi luhambe imigudu ethize yeqembu kanye ne-Independent Electoral Commission (IEC), phakathi kwabantu abangahle bangene eSishayamthetho yizimeya ezisesihlalweni, yilabo ababeyizimeya kanye namakhansela. Bakhona nabazosuswa KwaZulu-Natal batshalwe kuzwelonke. Okwenza itwetwe kwamanye amalungu ikakhulukazi lawo esilisa wumgomo wokulingana nongenza owesilisa obengangena esimweni esejwayelekile azithole esekhala ngaphansi sekungena amakhosazana namakhosikazi kaKhongolose. Kwesikhulume nabo lesi simo asehli kahle ikakhulukazi amagama abo asezansi nohlu.
“Uyabona le nto yamacomrade abesifazane ingahle isiqhathe ngoba ingase iphikisane nezifiso zamalungu, athe ucomrade othize wesilisa akangene bese eshaywa ngesithende ngenxa yalo mgomo”, kusho elinye ilungu likaKhongolose elisebenza emahhovisi ale nhlangano.
Ngokwamalungu asemazingeni omphakathi ku-ANC uMnu uMluleki Ndobe oyiMeya yaseHarry Gwala, uMnu uRicardo Mthembu oyiMeya yakwaDukuza, owayeyiMeya yeTheku uMnu uJames Nxumalo, uMnu uVukani Mdabe owayeyiMeya yeLembe, uNkk uThembeka Mchunu owayeyiMeya yaseKing Cetshwayo. UNkk uNomvuzo Shabalala owayeyiPhini leMeya yeTheku kumele bayomela leli qembu eSishayamthetho nasePhalamende. Omunye oqokiwe nguMnu uNigel Gumede owayesesigungwini esiphezulu eMkhandlwini weTheku. UMnu uMakhosi Nkosi obeyiMeya yaseNewscastle naye wayeqokiwe kepha waqoma ukubuyela ebhentshini nayilapho ezoba khona njengommeli waseNkantolo Enkulu.
Amafumuka
Khona kulo luhlu akhona namafumuka nokulindeleke ukuthi angene phakathi eSishayamthetho nokungasho uguquko emakomitini. Phakathi kwamagama akhona kukhona abaholi bentsha KwaZulu- Natal, uMnu uKwazi Mshengu, uNks uVuyiswa Caluza kanye nowake waba sesigungwini sikaVukayibambe nosewaqokelwa kubuholi besifundazwe, uNks u-Amanda Bani. Khona lapho amalungu aqome ukuthunga iqembu ebese limantwenguntwengu ngesikhathi ephakamisa ukuthi uhlu lolu luxube labo ababeseka uMnu uSenzo Mchunu nalabo ababeseka uMnu uSihle Zikalala. Kwababeseka uMchunu nababengaphandle kukhona igama likaMnu uSthembiso Mshengu , uMnu uMzwandile Mkhwanazi.
Khona lapho ngokohlu kukhona abathi khumu ngenxa yezizathu ezahlukene. Phezulu eqhulwini nguNdunakulu waKwaZulu-Natal, uMnu uWillies Mchunu. Ngokuthola koZul’azayithole phakathi kwezinto ezingenza lo mholi oke waba nguSihlalo we-ANC neSouth Africa Communist Party (SACP) athi khumu isimo sempilo esingesihle. Kuyimanje akekho phambi kwamehlo abantu kanti osabambe njengoNdunankulu nguMnu uSihle Zikalala nobemele isifundazwe njengoba bekuvulwa iSishayamthetho. Omunye osethi khumu ngumfikahawu likakotshi, uDkt uMeshack Radebe noyiSekela Somlomo. URadebe njengoMacingwane ungomunye wamalungu amadala nasebe nesikhathi eside eSishayamthetho.
Omunye wabaholi bale nhlangano noyilungu leSACP uthe: “UMacingwane wenze konke ngakho ukungabibikho kwakhe ohlwini akumele kufaniswe nokwabanye abahlanzwe ngamalungu. UMacingwane uyisebenzele inhlangano kanye nonxantathu ngakho njengoba isimo sakhe sempilo singesihle kuhle aphumule. Lonke izwe libonile eqinisela egubuzelwe yizifo ekhaya kepha wayibamba,” kusho lo mholi.
Abanye abaholi amagama abo akhona kepha akude le nokukhona ukwesaba ukuthi uma amanye amaqembu engenza ngcono bangahle basale ngaphandle nguMfu uVusi Dube igama lakhe elikunombolo 45 noMhlonishwa uThemba Mthembu ongunombolo 39. Omunye uMphathiswa osezibini nguNkk uBelinda Scott.
Kulolu luhlu kukhona labo abekade beseSishayamthetho nasebejutshwe ukuba baye kuzwelonke. Phakathi kwalaba baholi kukhona uDkt uSbongiseni Dhlomo onguMphathiswa Wezempilo KwaZulu-Natal nokusho ukuthi uma kube njengezifiso zamalungu lesi sifundazwe sizoba noMphathiswa omusha kwezempilo. Omunye umholi ngokohlu ojutshelwe ukuya kuzwelonke nguMnu uCyril Xaba nowake waba ngomunye wamalungu asemancane eSishayamthetho.
Yize lolu luhlu lusalinde imigudu yeqembu kanye neye- IEC kukhona isithombe esivelile sokuthi uMnu uSihle Zikalala uzohola lesi sifundazwe nokuyinto avele aseyenza. Okungacaci yisikhundla saloyo oyisekela lakhe uMnu uMike Mabuyakhulu nowehlele yisehlo lapho ezithola esebizelwa enkantolo ebekwa amacala enkohlakalo. Kukhona abathi akehle esikhundleni ngoba igama lakhe liyanukwa enkohlakalweni. Kukhona abathi uma lokho kuphoqwa okusho ukuthi abanye abaholi kuKhongolose kuyomele benze okufanayo. Muva nje amagama abaholi beqembu bayasolwa ezenzweni zenkohlakalo okubalwa uNgqongqoshe uNomvula Mokonyane muva nje noDkt uZweli Mkhize.