Iyanda iminwe ekhomba abakwa-Jeena


SELUTHATHE elinye igxathu udaba lwesiteleka sabasebenzi besitolokazi sakwa-Jeena Warehouse eSiphingo ababhekene ngeziqu zamehlo nomqashi njengoba kunomdonsiswano ngamaholo nezinsolo zokuxhashwazwa
Lokhu kulandela ukungenelela kwenhlangano yomphakathi i-South African National Civic Organisation (SANCO) ne-Congress of South African Trade Union (COSATU) abazolekelela abasebenzi oselokhu bateleka kusukela ngoZibandlela nyakenye kodwa okuze kube manje asikatholakali isixazululo ngoba umqashi akayingeni eyokuxoxisana nabo.
Esikhundleni salokho umqashi usevele waziqashela abanye abasebenzi ukuvala izikhala zabatelekile. Unobhala weSANCO esifundeni saseThekwini, uMnu Mandlenkosi Ngcobo ubikele iBAYEDE ukuthi sebemangalele umqashi wakwa-Jeena enkantolo yezokulamula i’Council for Conciliation, Mediation and Arbitration (CCMA) ngenhloso yokumphoqa ukuba avume ukuxoxisana nabasebenzi ukuze kupheliswe lesisiteleka esesidonse izinyanga eziningi.
“Okungcono asivele sivalwe lesi sitolo sakwa-Jeena ngoba lo mqashi ukhombisa ukungawakhathaleli amalungelo abasebenzi bakhe,’’ kusho uMnu Ngcobo.
Ngakolunye uhlangothi iCOSATU nayo ithe izophuma ngobuningi bayo ukuyokwesekela abasebenzi e-CCMA ngoLwesibili lwayizolo.
NoMengameli wezwe, uMhlonishwa, uJacob Zuma encwadini yakhe evulekile ayibhalele iphephandaba lesilungu eliphuma kanye ngesonto nalapho ebephendula umbhali waseMozambique uMnu Mia Couto uhambe embikweni wephephandaba, iBAYEDE wathi umphehli wodlame lwabokufika nabakuleli nolubhebhetheke naseGoli ngumnikazi wesitolo sakwa-Jeena Warehouse eSiphingo.
Ingxenye yencwadi kaMsholozi ifundeka kanje: “Umbiko esiwutholile uveza ukuthi udlame oluqubuke ngesonto eledlule eThekwini lwaba ngenxa yokuziphatha komqashi oxoshe abasebenzi bakuleli lizwe waqasha abokufika kuleli.
“Ngisho nasemlandwini wezabasebenzi, ukuqashwa kwamagundane yikho okudala udlame ngenxa yokudinwa kwabantu abasuke besesitelekeni. Nathi sihambisana nezinyunyana uma zinxusa abaqashi ukuba bapheze ukuqhatha abasebenzi,’’ kuqhuba incwadi kaMhlonishwa uZuma.
UMnu Zuma uthi nodlame oluqubuke eSoweto ngoMasingana lube ngenxa yesenzo somnikazi wesitolo ongowokufika kuleli owadubula wabulala umfana omncane.
“Lesi isikhathi esinzima sezwe laseNingizimu Afrika. Umphakathi waleli lizwe obalelwa ezigidini othanda uxolo usezinhlungwini ngoba wonke umuntu sekuthiwa uzonda abokufika okungelona iqiniso. Akungabhecwa umphakathi obalelwa ku-50million ngenxa yesenzo sabayingcosana,’’ kuqhuba uZuma.
Uqhuba uthi kusukela ngo-1994 iNingizimu Afrika isebenze kanzima ukwakha leli lizwe nokuqeda izinsalela zobandlululo.
“Siphumelele ukwakha umphakathi olihloniphayo ilungelo lomuntu lokuphila kanye nesithunzi. Sisaqhubeka nokwakha umphakathi ongabandlululi. Sikwenza lokhu ngoba sibazi kahle ubuhlungu bokubandlulwa ngenxa yebala, ulwimi nobuzwe.’’
UZuma uqhuba uthi uyalazi iqhaza eladlalwa ngabantu bamazwe angaphandle ukukhoselisa abakuleli ngesikhathi besekubhaceni.
“Iningi lenu lafa ngokwesekela umzabalazo wethu wenkululeko,’’
UZuma wenze isibonele ngokuhlaselwa kwendawo iMatola yaseMozambique lapho babebhace khona ihlaselwa ngamaBhunu.
“Yingaleso sizathu esenza nathi sibemukele abafowethu abeza kuleli ngokusemthethweni. Empeleni umthetho wethu wokubhacisa abokufika uthuthuke kakhulu ngoba ababaleki sibahlalisa nemiphakathi yethu.
“Baphila nemiphakathi yethu,bayingxenye yethu. Simunye njengokusho kukaMongameli waseMozambique uSamora Machel owathi simunye ngemuva kwesibhicongo sokubulawa kwabantu baseMozambique ngumbutho wamaphoyisa kahulumeni wobandlululo,’’ kuqhuba uZuma.
“Izwe laseMozambique, Iningizumu Afrika, i-Frelimo ne-ANC banobudlelwano obujulile obusukela kulowo mlando. Yize lokhu kwakubeka izwe laseMozambique engcupheni yokuhlaselwa ngumbutho kahulumeni wobandlululo kodwa iMozambique yakhombisa okukhulu ukwesekela nokuthalalisa okwakwenziwa yi-ANC nombumbi wayo i-MK njengoba sasiqhubeka nokusebenzisa umngcele wenu ukungena kuleli lizwe isinyelela ukuzobhekana nombutho wobandlululo.’’
UZuma uphinde waveza nokuthi izinhlangano ezifana ne-ANC, Frelimo zakhiwe ngokuhlanganyela ngesikhathi sombuso wobandlululo. “Besisebenzisa isikhashana ndawonye izinkambu zamasosha eTanzania. UMkhonto Wesizwe ne-Cuba belekelela umbutho we-MPLA ukuze izwe lase-Angola lithole inkululeko. Izwe lethu alikukhohliwe konke lokho,’’ kuqhuba ingxenye yencwadi kaZuma.
UMnu Ngcobo uthi ngesikhathi bona njenge-SANCO besaqhinqe emasangweni akwa-Jeena ngomhlaka-30 kuNdasa bathola ukuthi umqashi wakwa-Jeena wayeseqashe abokufika njengonogada ebahlomise ngezibhamu, bala ukhasha kosondela eduze kwesitolo.
“Labo nogada bokufika ababehlomile babegqoke ophaqa ezinyaweni. Ngalelo langa kwaqondana nokuthi umphakathi waku ward-74 okuhlanganisa nabahlali basehostela i-Glebelands nasezakhiweni ezisezimbuzini nawo wawusembhikishweni wokufuna izimfuno zawo kumasipala weTheku okubalwa nogesi,’’ kusho uNgcobo.
Uqhuba uthi lo mphakathi owawusembhikishweni wajika wazwelana nabasebenzi ababesesitelekeni kwashaywa bonke abokufika ababeqashwe ngu-Jeena.
“Ngemuva kwalokho kwasuka uthuli lwezichwe sekuhlaselwa bonke abokufika abahlala eduze kwakwa-Jeena okubalwa nabanamabhizinisi. Umphakathi wawusola laba bokufika ngokuthathela abakuleli imisebenzi,’’ kuqhuba uNgcobo.
UMnu Edwin Mkhize (uNobhala we-COSATU KwaZulu-Natal) ubikele iBAYEDE, ukuthi ubuholi bukazwelonke be-COSATU nabo buzobe bukhona ukuzokwesekela abasebenzi bakwa-Jeena e-CCMA. “Sifuna umnikazi wesitolo sakwa-Jeena athweswe amacala okuqhatha abamnyama kanye nokulimaza umnotho nesithunzi saleli lizwe emazweni omhlaba kanye nokuqhatha leli namazwe angomakhelwane balo,’’ kusho uMnu Mkhize.
UMkhize uqhube wathi njenge-COSATU bafuna ukufaka ingcindezi kubaphathi be-CCMA ukuba kujeziswe umqashi wakwa-Jeena ngenhloso yokunika isifundo nakwabanye abaqashi abenza okufanayo ngokuxhaphaza abasebenzi. “Akukho emthethweni ukusebenzisa abasebenzi njengamatoho iminyaka eminingi ungabaqashile ngokugcwele,’’ kuqhuba uMnu Mkhize.
Nomhlaziyi wezepolitiki, uMnuz Protus Madlala uthi kumele umnikazi wesitolo sakwa-Jeena athweswe amacala okuqhatha abantu bokufika nabakuleli. “Empeleni kade yaziwa indaba yomqashi wakwa-Jeena ukuthi uxhaphaza abasebenzi nokuthi nguyena oqashe abokufika ukuba bayovula amabhizinisi ezindaweni zabantu abamnyama. Manje usefundise nosomabhizinisi bamaSulumane ukuba nabo benze njalo,’’ kuphetha uMnu Madlala.