Uyazethemba umqeqeshi weSundowns ngokudlulela esigabeni esilandelayo



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi uthi uyalethemba iqembu lakhe ukuthi nakanjani lizodlulela esigabeni esilandelayo somqhudelwano omkhulu ezwenikazi i-Afrika, iCaf Champions League.
ISundowns izokwamukela i-Al Ahly yase-Egypt emdlalweni womlenze wesibili weQuarter Final ozokuba kusasa ngoMgqibelo eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville, ngelesithathu ntambama.
Kuyiwa kulo mdlalo nje ompetha beDStv Premiership (iSundowns) balandela ngemumva ngamagoli amabili eqandeni.
UMngqithi uthe yize amagoli amabili ewumqansa kodwa nakanjani bazozibuyisa izinduku. “Iqembu lami ngiyalethemba kakhulu ukuthi lingawunqoba lo mdlalo ledlulele esigabeni esilandelayo salo mqhudelwano. I-Al Ahly udonga lwayo lubuthaka kakhulu, esikubhekile ukuthi bazodlala kanjani ePitoli. Uma bezodlala ngendlela abadlale ngayo eCairo, abadlali bethu baphambili bazoshaya amagoli amaningi. Uma ukhuluma ngeqembu elingakwazi ukushaya amagoli amahlanu libhekene ne-Al Ahly ileli engiliqeqeshayo,” kusho uMngqithi ngokukhulu ukuzethemba.
ISundowns ngonyaka wezi-2019 yakwazi ukuthi ibhudlule leli qembu elikhulu e-Afrika ngamagoli amahlanu eqandeni, nokuyinto eyamangaza abantu abaningi.
UMngqithi ebuzwa ukuthi bangakuphinda yini lokhu uthe: “Uma kungabhekwa iningi labadlali elalidlala lowo mdlalo alikho kulesi sikwati, umqeqeshi owayeqeqesha iSundowns uyena lo oqeqesha i-Al Ahly (uPitso Mosimane). Kusho ukuthi kuzoba nemiphumela ehlukile kodwa ezobe nakanjani ivuna thina.”
Lo mqeqeshi uphinde washo ukuthi iSundowns ilona qembu elidlala kahle kakhulu, isangenelwe amagoli amancane kuCAF Champions League nakuligi yalapha iDStv Premiership kanti iyona eshaye amagoli amaningi. Ube esenza isibonelo ngokuthi iSundowns iyona esakwaze ukuthi ishaye amagoli amathathu e-Orlando Stadium, into athe ayenziwa inoma iliphi iqembu ngaphandle kwezakhe.
Yize ekhuluma kanje uMngqithi kodwa uthe abangeke bakukhohlwe ukuthi badlala neqembu elikhulu e-Afrika eseliwunqobe izikhathi eziningi lo mqhudelwano.
Izindaba ezimnandi kuleli qembu lasePitoli ukubuya kwesethenjwa salo uThemba “Mshishi” Zwane obelimele.
Lezi zindaba zimujabulisa kakhulu uMngqithi. “UZwane akabonakalanga emlenzeni wokuqala ngenxa yokuthinteka, udokotela uthe useluleme ngokwanele. Lokho sikubonile eziqeqesha neqembu, amagalelo akhe ayaziwa kakhulu futhi uzosisebenzela uma siya phambili. Engimthanda ngakho ukuthi uyakwazi ukukhanda amathuba okuthi abagadli beshaye amagoli lawa esiwadingayo,” kusho lo mqeqeshi.
Isitobha seSundowns uMosa Lebusa, sithe kumele nakanjani bawunqobe lo mdlalo.
“Sidlale kahle ngeledlule kodwa inhlanhla yangababikho kuthina. Inhloso yethu kwaba ukuthi sithole igoli ekuhambeni kodwa sehluleka, nokuyinto engabanga yinhle neze,” kusho uLebusa.
Ebuzwa ukuthi ngabe uyawubona yini umehluko phakathi kweCAF Champions League neDStv Premiership uthe: “Ukhona kakhulu ngoba i-Al Ahly ithole amathuba amabili yawasebenzisa nokube amaphutha ethu, kuDStv Premiership bekungenzeka kungabi amagoli. Ingakho nakulo mdlalo kuzoba nzima nje.”
Kuzo ezithinta iCAF Champions League, iqembu lakuleli iKaizer Chiefs lizolibhekisa eTanzania lapho lizotholana phezulu neSimba SC, emlenzeni wesibili weQuarter Final. Lo mdlalo uzokuba kusasa eBenjamin Mkapa National Stadium, ngehora lesi-3 ntambama.
IChiefs iya kulo mdlalo ihamba phambili ngamagoli amane eqandeni.
Yize kunjalo kodwa umqeqeshi waleli qembu uGavin Hunt, uxwayise abadlali bakhe ukuthi bangaqale bajabule ngoba asangaphenduka amatafula. Uthe okumele bakwenze ukuthola igoli elilodwa, lokho kuzokwenza umdlalo ubavune kakhulu.
Okhulumela iSimba SC uHaji Manara, uthe leli qembu lizothusa abaningi kulo mdlalo wakusasa. “Baningi abazitshela ukuthi sekuphelile ngeSimba SC, kusasele imizuzu elinganayo nale iChiefs eshaye ngayo amagoli amane. Emva komdlalo kuzokhulunywa okunye,” kusho uManara.
Uthe nakanjani leli qembu laseTanzania liyodlala umdlalo owandulela owamanqamu.
NgeSonto iPirates izolibhekisa eMorocco lapho iyodlala khona umdlalo weQuarter Final weCaf Confederation Cup. Emdlalweni womlenze wokuqala zabambana ngegoli elilodwa. Lo mdlalo uzoqala ngelesi-6 kusihlwa.