Kuzoguga utshani eLoftus Versfeld kutholana phezulu iSundowns nePirates
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.


Ukhomanda wamasosha uma kuthiwa kuyiwa empini usuke, efuna ukuya amasosha akhe ephelele esesimeni esihle kanti nezikhali zonke ziphelele ukube makuthiwa bayehlulwa kungabi khona akhala ngakho.
Kusasa ngoMgqibelo iMamelodi Sundowns iya empini enzima lapho iyobhekana khona nezimbangi zayo ezinkulu i-Orlando Pirates kumdlalo weBetway Premiership. Lo mdlalo uzoqala ngele-15:30 eLoftus Versfeld, ePitoli.
UMiguel Cardoso oqeqesha iSundowns uzoya kulempi engaphelele njengoba umdlali ofana nomgogodla kuleli qembu lasePitoli, uTeboho Mokoena engeke abonakale ngenxa yokuthi unamaphuzu amane awathola bebhekene neMarumo Gallants, iChippa United, iLamontville Golden Arrows kanye nayo iPirates.
UMokoena usanda kuba sematheni ngokuthi adlaliswe kwiBafana Bafana kungafanele ngenxa yokuba namaphuzu, kwaze kwaphoqa ukuthi ezikaHugo Broos ziphucwe amaphuzu amathathu.
Umdlali okunguye okubukeka ezongena endaweni yakhe uMokoena uBathusi Aubaas naye omakayo esiswini.
Omunye umdlali ozophuthwa ilomdlalo uMiguel Reisinho ongumdlali wasePortugal, yena wathola ikhadi elibomvu ngesikhathi iSundowns idlala neGallants koweCarling Knockout Cup.
Kuyiwa kulo mdlalo iSundowns ihlezi phezulu kulogi ngamaphuzu angama-21 emva kwemidlalo eli-10, kanti iPirates yona isendaweni yesithathu ngamaphuzu ali-18 isidlale imidlalo eli-18.
Njengoba idlala ekhaya iSundowns inerekhodi elihle lokuthi emidlalweni eyi-7 idlala nePirates ePitoli induku yinto engayazi.
IPirates yagcina ukuhlula iSundowns ePitoli ngoMasingana wezi-2018, ngamagoli amathathu kwelilodwa. Amagoli eziMnyama eza noMpho Makola, uLuvuyo Memela, uNtshikelelo Nyauza elamaBrazillians leza noPercy Tau.
Kule sizini kuzoba okwesithathu lezi zinkunzi zitholana phezulu, zibhekane kwi-MTN 8 okwaba umdlalo owaba nemilenze emibili waphela zibambene ngamabili iPirates yanqoba kumaphenathi.
Abadlali okulindeleke bagqame ngakwiPirates u-Oswin Appolis, uTshepang Moremi, uSipho Mbule, u-Evidence Makgopa noMbekezeli Mbokazi, ngasohlangothini lweSundowns khona uMarcelo Allende, uPeter Shalulile, uTashreeq Mathews noRonwen Williams.

