Ingwe neNgonyama phakathi koMsinga United noMkhambathi FC
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umqeqeshi woMkhambathi ubona bezovuka ngalo mdlalo, njengoba kwemibili edlule bengenzanga kahle
UMondli Ntinga oyisekela mqeqeshi kuMkhambathi FC ufuna beqhubeke nerekhodi labo elihle lokungahlulwa uMsinga United abazovovana inkani nawo kumdlalo weSafa KZN ABC Motsepe League kusasa eGxhusheni Sports Ground, ePomeroy.
Lomdlalo walamaqembu ubhekwe kakhulu kule mpelasonto njengoba womabili ahlezi esembangweni wokunqoba iqoqo. Ngesizini edlule iqoqo linqotshwe uMkhambathi FC, kanti ngeyango-2023/24 kwaba uMsinga United.
“Siya kumdlalo onzima kakhulu ngoba sinoMsinga United sihlezi sisembangweni wokunqoba iqoqo. Kodwake kunento ekuthiwa umlando ongasoze wayiguqula, kulokhu uvuna thina njengoba induku yoMsinga udlala enkundleni yawo asiyazi. Ngalokho sizimisele ukuqhubeka nawo lowomlando omuhle. Ukunqoba kwethu lo mdlao kuzosenza silingane nawo ngamaphuzu, kanti uma besihlula bazovula igebe kuthina okuyinto esingayifisi nhlobo” kusho uNtinga.
UMsinga United uhlezi phezulu kuqoqo B ngamaphuzu ali-10 emva kwemidlalo emine, kanti uMkhambathi FC wona unamaphuzu ayisikhombisa emidlalweni emine.
Kuyiwa kulo mdlalo nje uMkhambathi FC awenzanga kahle emidlalweni yawo edlule njengoba udlale ngokulingana noMshwathi United, ngeledlule uhlulwe iChess FC.
“Emva komdlalo odlule sihlalile phansi nabafana sakhuluma nabo, siwabonile amaphutha kakhulukazi phambili ngoba siwatholile amathuba sangawasebenzisa. Ngesikhathi umdlalo sizitshela ukuthi usuphelile iChess FC yathola iphenathi, kodwa konke lokho sesikudlulisile. Siyobhekana nomdlalo onzima esibheke ukuthi siwunqobe noma ikanjani, ngalokho sidinga ukuba yinto eyodwa” kubeka uNtinga osebenza noXolani Khumalo obeqeqesha iYoung Elephant ngesizini edlule.
UMkhambathi FC ungelinye lamaqembu amane asele kwimidlalo yokuhlungela ukungena kwiNedbank Cup.
UNtinga ubuya waveza ukuthi kule sizini baqoke ukuba balande abadlali abancane abasakulambele kakhulu ukuya esigabeni esiphezulu.
Kulabo badlali kukhona uThami Ndelu obekwi-DDC yeLamontville Golden Arrows, uSfundo Khanyile obekwiRichards Bay FC no-Alondwe Mngwengwe yena obedlalela iSekhukhune United noMnelisi “Carrot” Ngcongo obekwiMidlands Wanderers FC ukubala abambalwa.
Isiyonke imidlalo engempelasonto yeSafa KZN ABC Motsepe League ithakwe kanje:
Kusasa ngoMgqibelo:
Iqoqo A:
Umzinto United Football Club vs Asande FC ngele-15:00, eScottburg Country Club
UKZN Football Club vs Ulund FC ngele-15:00, e-Edgewood Sports Ground
Tornado FC vs UMlazi Young Lions FC ngele-12:00, eMawombe Stadium
Umvoti FC vs Njampela FC ngele-15:00, eGreytown High School
NgeSonto:
Dlangezwa Hellenic FC vs Summerfield Dynamos FC, ngele-15:00 eMthunzini Soccer Field
Iqoqo B:
Newcastle Warriors FC vs uMshwathi United FC
ngele-12:00, e-Arbor Park Stadium
Newcastle All Stars FC vs Ditlou FC ngele-15:00, e-Arbor Park Stadium
Umgungundlovu FC vs Longcroft Falcons FC
ngele-12:00 eWartburg Stadium
Young Elephant FC vs CHESS F.C
ngele-15:00 eWembezi Stadium
UMsinga United FC vs Mkhambathi FC
ngele-15:00 eGxushaneni Stadium
KwaMashu Durban Knights FC vs eThekwini Coastal ngele-15:00 eNew Center Field

