Ilokhu iqhubekile nokukhiqiza abadlali iKhabba Cup



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ngeledlule elaboHlanga libike ukuthi umsunguli weKhabba Cup uManqoba Mkhize ukholelwa ukuthi baningi kulo nyaka abadlali abazothola amadlelo aluhlaza ngenxa yalo mqhudelwano.
UMkhize usho lokho nje lo mqhudelwano nyakenye udlala okokuqala waba sematheni njengoba kuwona kwatholakala uYanela Mbhuthuma. Lo mdlali oneminyaka yobudala engama-21 wasayiniswa iRichards Bay FC.
Ukusayina kwakhe uMbuthuma kwasusa umsindo kwazise wayesebangwa iyona iRichards Bay FC neLamontville Golden Arrows.
Nonyaka kuye ngamagama kaMkhize, kwazise sandile isibalo sabadlali abathole amadlelo aluhlaza ngenxa yalo mqhudelwano.
Abadlali okuyibo abanyelwe esandleni uSiphamandla Gwele noSamkelo Fumaniso labadlali basayiniswe iJDR Stars okuyiqembu eligijima kuMotsepe Foundation Championship. ULungeso “Mbesuma” Nguse yena uzoyibamba kuLamontville Golden Arrows.
Abanye u-Athini Maqokolo noCebo Mchunu okulindeleke ukuthi baqede konke ne-Orlando Pirates. Labadlali bobabili bachaze isekela mqeqeshi weziMnyama uMandla Ncikazi obehambele lo mqhudelwano.
Bonke labadlali bebedlala kwiBizana FC okuyiyo ebe ngompetha beKhabba Cup 2023, yagoduka nezinkulungwane ezingama-R80.
“Kuyajabulisa ukuthi isifiso sethu sifezekile ngokuthi kwande isibalo sabadlali abathola amadlelo aluhlaza ngenxa yeKhabba Cup. Ikhono beliningi kakhulu kulo mqhudelwano, siyabonga kubobonke abathathe isikhathi sabo baba yingxenye yalo mqhudelwano. Sibonga kubaxhasi kakhulukazi iJoma, okuyoliyo eyenze umsebenzi omkhulu” kusho uMkhize.
Lo mqhudelwano ubuhanjelwe izinkakha, abaqeqeshi bamaqembu akuPremier Soccer League (PSL) kanye nabadlali abadlala khona. Kanti nabalandeli bebephume ngobuningi babo baze bagcwalisa iKing Zwelithini Stadium, okuyinto ehlula ngisho amaqembu adlala esigabeni esiphezulu.