Now Reading
OweRichards Bay FC usongela iDurban City FC ngokuthi ngeke iphume eMhlathuze
Dark Light

OweRichards Bay FC usongela iDurban City FC ngokuthi ngeke iphume eMhlathuze

Omunye wabaqeqeshi beRichards Bay FC uRonnie Gabriel ubona benethuba lokuthi badlulele esigabeni esilandelayo koweCarling Knockout.

IBay izobhekana nomkhaya bayo, iDurban City FC koweQuarter-Final yalo mqhudelwano kusasa ngoMgqibelo ngele-15:00, eMhlathuze Sports Complex.

Iya kulo mdlalo iphoxe abalandeli bayo njengoba ngoLwesihlanu olwedlule yehlulwa okokuqala eMhlathuze Sports Complex i-Orbit College ngamagoli amabili kwelilodwa koweBetway Premiership.

“Siyibonile iDurban City FC iqale kahle isizini, idlala kahle kakhulu inabadlali abahle nomqeqeshi wayo unamava ayisimanga. Ngalokho silindele umdlalo ozothanda ukuba nzima, kodwa lokho ngeke kusivimbe ekutheni sifeze iphupho lethu okuwufika kowandulela owamanqamu alo mqhudelwano. Abalandeli bethu sibaphoxile ngeledlule, kulo mdlalo sifuna ukubajabulisa kwazise sidlala ekhaya” kusho uGabriel.

IBay kulamasizini amqbili edlule ifinyelelile kulandelana kowandulela owamanqamu alo mqhudelwano, amaqembu asuke eyihlulile yiwo agcina eba ngompetha.

“Okuhle ngalo mqhudelwano kulamasizini amabili ukhona unqotshwa inoma iliphi iqembu, nathi siyiBay sinalo ithuba lokuwunqoba. Kuyimanje kumaqembu ayi-8 asele lilodwa kuphela iqembu elikhulu elisele okuyi-Orlando Pirates” kubeka uGabriel.

See Also

Uthe amalungiselelo ahambe kahle kakhulu, abadlali batshengisa ukuzimisela ngendlela eyisimanga.

Ephawula ngoKnox Mutizwa obukeka enza kahle kakhulu muva nje uthe: “UMutizwa ungumdlali weqophelo eliphezulu, indlela aqale ngayo iyajabulisa kakhulu. Ngeke samfakela kakhulu ingcindezi kodwa sibheke ukuthi nalapha kwiBay aqhubeke nento adume ngayo okuwukushaya amagoli”.

Scroll To Top