OweBucs akamangalanga enikwa ijoka lokucija iqembu elibophele izihlabani
Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro akumethusi ukuthi abalandeli bebhola eNingizimu Afrika bathathe isinqumo sokuqoka yena ukuzocija iCarling All-Stars.
Kusasa ngelesi-3 ntambama, i-All Stars izodudulana nompetha beCarling Label Knockout eNew Peter Mokaba Stadium, ePolokwane, eLimpopo.
Lo mqeqeshi weZimnyama usezakhele igama ngokungayibheki imidlalo yemikhumulajezi.
Selokhu efikile eMzansi usenqobe izicoco ezintathu. Usehlabane ngezimbili zeMTN8 neseNedbank Cup. Akayazi induku kweyamanqamu.
“Akungethusi ukuqokwa kwami. Ngifuna ukubonga abalandeli ngokungethemba. Ngizizwa ngijabule kakhulu ngaleli thuba. Angingabazi ukuthi banginike lamandla ngenxa yeqembu engilicijayo. Sizimisele ngokungaphoxi ngoMgqibelo ngelesi-3 ntambama,” kuchaza uRiveiro.
I-All Stars ibophele izihlabani ezifana no-Itumeleng Khune, Ramahlwe Mphahlele, Njabulo Ngcobo, Ashley Du Preez, Ndabayithethwa Ndlondlo noMfundo Thikazi.
“Iqembu lami lizimisele. Libukeka lijabule kanti sibophele ikhono eliyisimanga. Asinaso isikhathi esiningi sokubandawonye kodwa zikhona izimpawu ezinhle engizibonayo. Namuhla (ngoLwesine) bekuwukwazana. Kusasa (namuhla) sizogxila endleleni esifuna ukudlala ngayo,” kuchaza uRiveiro.
IStellenbosch iguqise iTS Galaxy FC ukuze iphumelele kuCarling Knockout Cup eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoZibandlela.
“Kunzima ukuhlanganisa iqembu ngezinsuku ezimbili. Okumqoka wukuthi izinhloso zethu ziqonde khona abadlali bezozizwa begqugquzelekile. Osukwini lomdlalo ngeke kusebenze kakhulu amaqhinga. Kunzima ukuthi ungahlanganisa amaqhinga anzima ngezinsuku ezimbili. Okuhle wukuthi abadlali babhekene nenselelo yokufuna ukunqoba isicoco.” kulandisa uRiveiro.
ICarling All Star XI ezibhekene neStellenbosch:
- Itumeleng Khune
- Jabulani Mokone
- Ramahlwe Mphahlele
- Njabulo Ngcobo
- Masibonge Ngidi
- Kagiso Mnguni
- Siphamandla Zikhali
- Phillip Ndlondlo
- Mfundo Vilakazi
- Victor Letsoalo
- Ashley du Preez
- Jose Riveiro (Umqeqeshi)