Now Reading
Izibona ihamba uhambo olude kwisibhakela intokazi yaseDundee
Dark Light

Izibona ihamba uhambo olude kwisibhakela intokazi yaseDundee

UNompilo Mahaye ubonge uDkt uHlulokwakhe “Mholi Wami” Dladla weHlula Dladla Boxing Promotions ngokumnikeza ithuba lokuba uRing Announcer okokuqala esibhakeleni esikhokhelayo.

Izimpi le ntokazi (23) yaseDundee ebonakale kuzona bezingoMgqibelo owedlule Escourt Town Hall, lapho ihholo beligcwele phama kanti nezimpi bekungezinga eliphezulu.

Esikhathini esiningi uma kunezimpi okunguye ojwayele ukubonakala eringini enguRing Announcer nguSipho “Kuyafiwaaa” Mashego ozinze eGoli. Kwaze kwaba nemibuzo eminingi ukuthi njengoba isifundazwe iKwaZulu-Natal singaka kungani kungathathwa abantu bakulesifundazwe kube yibo ababa oRing Announcer kunokuthi kulokhu kubizwa umuntu oyedwa wakwesinye isifundazwe.

“Leli thuba engilinikezwe iHlula Dladla Boxing Promotions kaDkt Dladla, angisoze nangelilodwa ilanga ngalithathela phansi. Kube yinto enkulu kakhulu kumina. Ngiyabonga ngokuthi ngimncane ngimngaka benginike umsebenzi omkhulu kangaka. Ngibonga ngokungeseka kusukela kuqala kwaze kwaba sekugcineni” kusho uNompilo.

Eqhuba uthe: “Yize ngijwayele ukuma phambi kwbantu kodwa kube ngokuhlukile ukuba ngibe seringini njengoRing Announcer. Ngiyazi kukhona lapho engingenzaka kahle khona, ngalokho ngizimisele ukufunda emaphutheni ami ngokuzayo. Ngihlezi ngifisa ukufunda izinto ezintsha. Njengoba sengiqalile ngeke ngisabheka emumva ngiphokophele phambili”.

Ziyisikhombisa izimpi le ntokazi esebenze kuzona okubalwa nezimbi obungamabhande e-International Boxing Federation (IBF), obekulwa uLindelani “Sqhwaga Man” Sibisi noKeisham Luckysun Singh wase-India kwi-Featherweight enye kwaba uNkosingiphile “The Prince” Sibisi noLongyi Hu waseChina kwi-Flyweight.

See Also

Le ntokazi ithe ngowezi-2024 ezimpini zeHle-Jobe Boxing Promotions yaba uRing Girl (Lezi zintokazi eziphatha amabhodi abhalwe izinombolo eringi), kwathi emva kwemiqhudelwano yafuna ukufunda kabanzi ngesibhakela , lokho kube sekuyihehela ekutheni ibe uRing Announcer.

Iveze ukuthi kuningi ekufisayo kule minyaka ezayo okubalwa ukuqeqesheka kabanzi ngendlela yokukhuluma uma iseringini, ukuqedela izifundo zayo bese ithola umsebenzi.

Scroll To Top