Now Reading
Ufunga abakubo ngoSithebe uMengameli woSuthu
Dark Light

Ufunga abakubo ngoSithebe uMengameli woSuthu

Ugeqa amagula ngodaba lukaSiyethemba Sithebe umengameli wa-AmaZulu uSandile Zungu osamile ekutheni lo mdlali obefunwa uthuli yiKaizer Chiefs ngeke asaphinde aligqoke ijezi loSuthu.

USithebe obesephenduke insika esiswini oSuthwini usalelwe yizinyanga eziyisithupha enkontilekeni yakhe. Usevele usesayine inkontileka yesibambiso neChiefs.

UZungu utshele elaboHlanga ukuthi akakugqizi qakala ukugxekwa ngabathandi bebhola ngesinqumo sakhe sokudingisa uSithebe. 

“USithebe ngeke simbone edlala ku-AmaZulu kule sizini. Uma ungumholi kumele wazeke ngokuthatha izinqumo. Ezinye zezinqumo ozithatha ngeke zijabulise wonke umuntu. Yingakho abanye basuke bezokuphikisa futhi balibeke ngembaba elokuthi isinqumo osithathile asiphusile. Uma ungumholi akumele ube yisimukanandwendwe into ethi uma umoya uvunguza ubheke enyakatho noma empumalanga nawe ubonakale uphephukela ngakhona ngoba abantu angeke bakuhloniphe lapho,” kuchaza uZungu.

USithebe akasasali naseqenjini lesizwe lakuleli, iBafana Bafana ngaphansi kobuholi bukaHugo Broos.

“Indaba kaSithebe akuyona into ebucayi. Usazolidlala ibhola kodwa hhayi oSuthwini. Kumqoka ukuthi sivikele isithunzi seqembu. IChiefs yeza kulo mfana yakhuluma naye nemeneja yakhe ephinde ibe ngumalume wakhe singakashayi isikhathi esifanele. Ngokwemithetho yebhola iqembu ligunyazwe ukuqala izingxoxo uma umdlali esesalelwe yizinyanga eziyisithupha kodwa iChiefs iqale ukukhuluma naye kudala. Bamthembise izulu nomhlaba. Sathi siyafika njengeqembu lakhe kwasho ukuthi akasezwa mshini. Besizimisele ngokumnika iholo elingcono kodwa kwacaca ukuthi sizishaya ngendlebe etsheni. Bese bemnxenxile umfana baqeda naye,” kubeka uZungu

USithebe uzohlala izinyanga ezinhlanu engadlali yize ezobe esavunyelwe ukuzilolonga noSuthu.

“Ngehlise inhliziyo ngemuva kwesikhathi kodwa ngasengithi kuKaizer Chiefs ayikhokhe ukuze ikwazi ukuthola uSithebe. Hhayi abayizwa-ke le yokukhokha. Bona bamfuna mahhala. Yingakho bengeke bemthole manje. Okwamanje usengumfana wethu. Bamfuna uma kuphela isizini. Ngezinye izindlela bathi asimcije simcijela bona ngokuthi simdlalise okuyinto esingeke siyenze. Bafuna ukugwaza ngaye esecijile kodwa abafuni ukusikhokhela. Leyo nto ayinabo ubulungiswa. USithebe akasukelwa. Naye ubeyingxenye yezingxoxo. Nguye kanye obengungqo shishilizi nomalume wakhe. Imeneja yakho yenza lokhu ekutshelwa nguwena,” kucacisa uZungu.

Isenzo sikaSithebe sizomphuthisela ngengqayizivele yethuba lokudlala kweyamaqoqo eCaf Champions League.

“Ngokomthetho uSithebe kumele ngabe ubizelwe ngaphambi kwekomidi eliqondisa ubugwegwe ngesenzo sakhe ajeziswe. Ubekufanele ukujeza kodwa samxolela. Sibone kungcono ukuthi sikhohlwe ngomuntu ongafuni ukwakha iqembu lethu. Ongigxekayo-ke angazi ukuthi ungigxeka ngaliphi. Abangigxekayo bathi bafuna ngenze njani? Phela iChiefs ayiqali ukusigila ngalolu hlobo. Baziphatha ngendlela efanayo ngesikhathi bentshontsha uSibusiso Mabiliso. Sathi siyahlala naye ukuthi abheke isicelo sethu senkontileka entsha kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Umfana wasifihlela ukuthi usesayine waqeda neChiefs. Kwala ngisho sesimheha ngeholo elingcono. Samcija samcijela iChiefs. Ukubona kanye ukubona kabili,” kulandisa uZungu.

See Also

USithebe akazange abonakale ngempelasonto edlule ngesikhathi uSuthu luguqiswa yi-Orlando Pirates kuNedbank Cup e-Orlando Stadium.

‘’Asizikukuvumela ukuchanyelwa emakhanda ngezinye izinsizwa. Ngifunga oGwabini, oNyama kayishi isha ngababhebhezeli noMaNdlela ongizalayo. Impela angeke ngivume. Isithunzi soSuthu sibaluleke kakhulu ukuthi sivikelwe. Uma kumele ngakhe izitha endleleni ngoba ngizama ukuvikela isithunzi seqembu, kulungile. Ngeke sivume ukuchanyelwa ezinye izinsizwa udede thina. Sekwanele manje. Bamtshontshile umdlali wethu bangasikhokhela lutho. Sebefuna ukuntshontsha owesibili manje. Hhayi ngeke sivume,” kusho uZungu.

IChiefs ayikaze ithi vu ngalolu daba. “Bebefuna ukusinika abadlali abangabasebenzisi. Lokho bekuzosithunaza kakhulu isithunzi seqembu. Bebefuna ukusinika abadlali esingakaze sithi siyabafuna. Uma sicabanga abadlali esibafunayo asikaze sicabange amagama abo. Benjalo nje laba badlali abebefuna ukusinika bona babiza itshe lemali uma kukhulunywa ngamaholo abo. Asizona izithutha. Ngeke sivume noma yini. Lokhu engikwenzayo ngingakumela phambi kukaJehova. Uma ngingathola ithuba lesibili ngingaphinda into efanayo.” kuphetha uZungu.

Omunye umdlali obekuvela ukuthi iChiefs ifuna ukumdedela ukuze ithole uSithebe uKambole olizwa ngendaba ijezi kubafana basePhefeni. 

Scroll To Top