Now Reading
Izikhulu ze-uMsinga United zibona kungekho okuzoma endleleni yeqembu
Dark Light

Izikhulu ze-uMsinga United zibona kungekho okuzoma endleleni yeqembu


Umqeqeshi ukholelwa kakhulu kubadlali abasebancane ngokusiza iqembu linyukele esigabeni esilandelayo


Uma ukhuluma ngabaqeqeshi abazenzele igama esigabeni se-ABC Motsepe League esifundazweni iKwaZulu-Natal ngeke lasala ngaphandle igama likaDoctor Mkhonza.

Ekhuluma nelaboHlanga udalule ukuthi nakanjani uMsinga United iwona ozomela iKwaZulu-Natal emdlalweni yokuhlungela ukungena kwiMotsepe Foundation Championship ekupheleni kwesizini. “Siqale ngoNhlaba ukuzilungiselela isizini ka-2022/23, sibonile lapho okumele silungise khona nebala salungisa ngenhloso  yokuthi sifuna ukuba nesizini enhle. I-ABC Motsepe League, iligi enzima ngoba umuntu ojabulayo uba yedwa nakhona ujabula uhhafu ngoba usuke esasalelwe umqansa wokuyodlala imidlalo yokuhlungela ukuya esigabeni esiphezulu. Kodwa ngingasho ngaphandle kokusaba ukuthi uMsinga United iwona ozoba ngompetha bakulesi sifundazwe” kusho uMkhonza.

Lolu qweqwe lo mqeqeshi luyidlale kane imidlalo yokuhlungela ukungena kwiMotsepe Foundation Championship. Wakwenza lokho eqeqesha Abaqulusi, iSisilian, waya kabili no-Umvoti FC. 

Ngokusho kwakhe basayine abadlali abali-14, okungabadlali abancane.

Ebuzwa ukuthi kungani engenzanga njengamanye amaqembu ukusayinisa abadlali abaseke bagijima ku-PSL uthe: “Le ligi nginesikhathi ngikuyona ngiyayiqonda. Uma ungumdlali udinga ube nomfutho, ngeke bakunqobele iligi abadlali asebehanjelwe iminyaka ngoba benisipiliyoni. Ingakho abadlali abadala sibahambisile, sabe sesisayinisa abancane abali-14 abazosisiza” kusho uMkhonza.  

Ngesizini edlule uMsinga United, eqoqweni owawukulo waqeda endaweni yesibili washiwa ngomehluko wephuzu elilodwa iGWP Friends. NgoMgqibelo ozayo uMsinga uzodlala neDurban Pioners kweyokuhlungela  ukungena kwiLast 32 Nedbank Cup. Lo mdlalo uzoqala ngele-11, eMpumalanga Stadium, eHammarsdale.  

USihlalo woMsinga United uMkhokhiseni Mpanza, uvumelane ngazwi linye noMkhonza ukuthi akukho okuzoma endleleni yabo kule sizini ezoqala emasontweni azayo.

See Also

UMpanza uthe ufuna ukuqopha umlando ngokukhiqiza iqembu lokuqala lasesifundeni Umzinyathi ukudlala kwiMotsepe Foundation Championship. “Sekuphele iminyaka kungihlupha ukuthi lapha eMsinga naseMzinyathi kasinalo iqembu eliyibamba kwiPSL. UMzinyathi unothe kakhulu ngethalente. Ngokubuka izinto  uMsinga sewukulungele ukuyodlala kwiMotsepe Foundation Championship. Sibe namalungiselelo esizini ezoqala ngezinga eliphezulu. Siphinde saqinisa iqembu lethu ngabadlali abanethalente eliyisimanga. Ngiyazi kuzoba nzima, kodwa sizimisele ngokuya kumaplay off ekupheleni kwesini bese nakhona silwele ukungena kwiMotsepe Foundation,” kubeka uMpanza.

Uqhube wathi: “Empeleni ngesizini edlule kwenzeke okwasehlela kweka-2020/21 sifika kwiMotsepe League. Sashaywa ukuthi asisebenzanga kusakhanya. Kulamasizini womabili salahla amaphuzu amaningi emidlalweni yokuqala. Sathi siqamba siphaphama isikhathi sasesidliwe inja. Kwedlule sizamile ukulwa njengoba iqembu kwistream sethu eladla umhlanganiso, laqeda selisishiya ngephuzu elilodwa. Kulokhu sisebenze kusakhanya. Sibe nesikhathi esanele sokulungiselela isizini ka-2022/23. Uzokhumbula ukuthi ngesizini edlule umqeqeshi ufike maphakathi nayo. Kulokhu ube nesandla ekusayiniseni abadlali. Wonke amalungiselelo aqalwe aphinde aqedwa uye. Asikho isitayela azosishintsha, uzoqhubeka nesangesizini edlule esimbeke endaweni sesibili. Uma sihlulekile kuyobe kudaliwe” kubeka uMpanza.UMpanza ngoLwesihlanu olwedlule uphenduke iqhawe njengoba ememezele ukuthi inkampani yakhe iSiyejabula Security Solution  izoxhasa kuSafa Umzinyathi ngesamba esiyizinkulungwane ezingama-R260. Lesi sivumelwano kuzoba ngesesizini. USafa uMzinyathi unamaqembu angama-56 agijima ku-SAB League.

“Ngenze lokhu ngoba ngibona usizi olubhekene namaqembu akithi. Amanye agcine ephelile noma engakwazi ukuqhubeka nesizini ezayo. ISiyejabula Security Solution ibe seyihlala  phansi neSafa ukuze ibhola lasesifundeni sethu lingagcini ngokufa,” kuqhuba uMpanza. 

ULucky Dlamini onguMengameli kaSafa Umzinyathi ubonge wanconcoza kuMpanza ngalolu xhaso. “Engathi zinganda izinkampani ezifana neSiyejabula Security Solution ezixhasa ibhola laseMzinyathi. Sethemba ukuthi lobu budlelwano beSafa nale nkampani buzoqhubeka. Kuyinto engandile  kuthi umuntu athi  exakwe izindleko zeqembu lakhe eligijima ku-ABC Motsepe League  kodwa aqome ukutakula namanye,” kubeka uDlamini.

Scroll To Top