Usebona zimfanele ezezinga lomhlaba uNdongeni



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Usomankomane wakuleli uXolisani “Nomeva” Ndongeni ufuna ukuqhathwa ezimpini zomhlaba manje. Ukusho lokho emveni kokuthi ebhaxabule usomankomane waseZimbabwe uPeter “The Sniper” Pambeni. Laba bebebanga ibhande leWorld Boxing Association (WBA) Pan African Junior Welterweight, empini ebingoMgqibelo eDonaldson Community Centre eSoweto.
Le mpi iphele ngomzuliswano wesithathu, emveni kokuthi uNomeva emthele phansi othulini uPambeni. “Noma ingabe kuthiwa ulwela ibhande elincane kanjani kodwa ukulinqoba kuhlezi kuyinto ejabulisayo. Ngizizwa ngijabule kakhulu ukunqoba ibhande leWBA” kusho uNdongeni.
Lo Somankomane ongowokuzalwa eDuncan Village, e-Eastern Cape waqala ukulwa esibhakeleni esikhokhelwayo ngonyaka wezi-2010 kuNhlaba impi yakhe yokuqala watholana phezulu noLuyanda Vumazonke namuhlula ngamaphuzu. Uselwe izimpi ezingama-28 wehlulwa kwezimbili, ezimpini ahlulwa kuzo wahlulwa uDevin Haney waseCanada ngonyaka wezi-2019 empini eyabe iseLouisiana e-United States of America (USA) noPrince Dlomo wakuleli nyakenye.
UPambeni bekungokwesibili ehlulwa kulandelana njengoba empini yakhe yokugcina wayehlulwe uJeremia Nakathila ngonyaka wezi-2019. Akade bephethe lo mdlalo bekunguSimon Mokadi obengunompempe, bese kuba amajaji uSiya Mani, uCyprial Ndaba noPhumeza Zinakile. “Ukunqoba kwami kusho lukhulu. Kungithathe kwangibeka kwenye indawo. Kuyajabulisa ukuthi ngiphinde ngiphathe ibhande futhi, emva kwesikhathi eside kwagcina ukwenzeka lokho. Ngithemba ukuthi ukunqoba kwami kuzongiweza ekutheni ngifeze amaphupho ami. Iphupho lami ukuthola izimpi eziningi emva kwalempi engiyinqobe ngeledlule” kusho uNdongeni.
UNdongeni phambilini wake wanqoba izicoco ze-Eastern Cape Junior Lightweight, South African Junior Lightweight, International Boxing Organization (IBO) International, WBA Pan African, IBO Lightweight kanye neleWorld Boxing Federation (WBF) Lightweight. “Ngifuna ukulwa izimpi zomhlaba manje, ngilwe kahle kakhulu ngeledlule. Indlela engilwe ngayo ikhombisile ukuthi sekumele ngilwe esigabeni esingaphezulu manje. Empini yami ngikhombise zisuka ukuthi ngifuna ukunqoba, nebala ngasheshe ngacacisa. Impela isifiso sami ukuthola izimpi eziningi, ngingahlali isikhathi eside ngingalwi ngoba lokho kuyasilimaza singosomankomane ukulokhu sijimela amahhala” kusho uNdongeni.
Kubukeka kungeke kuye ngaye uNdongeni kwazise izwe libuyele esigabeni sesi-4 njengoba abantu beqhubeka ukutheleleka ngegciwane ukhuvethe. Ngalokho kungenzeka izinto eziningi zimiswe njengoba kwenza kalile ngonyaka odlule sifika lesifo kwaphoqeleka ukuthi kumiswe imiqhudelwano eminingi emikhulu esizoba kulo nyaka.
Ukunqoba kwakhe uNdongeni uthe kuyisibusiso njengoba ngalo lolosuku wathola ingane yentombazane.
UNdongeni ubeqala ukulwa kusukela abuyela ekuqeqeshweni uMzamo “Chiefs” Njekanye nyakenye ngoMfumfu, esuka kuSeam Smith. UNjekanye uyena owasiza uNdongeni ukuthi anqobe ibhande leWBF Lightweight.