Now Reading
Kunconywa abakaBetway ngohlelo labo lokukomelisa abalandeli
Dark Light

Kunconywa abakaBetway ngohlelo labo lokukomelisa abalandeli

Umlandeli ozobe egqoke kahle enkundleni ukubadlula bonke sezogcina ethola izinkulungwane ezingama-R50

AbakwaBetway okuyinkampani exhase iligi enkulu yalapha eNingizimu Afrika okuyiBetway Premiership, sebephinde bathatha elinye igxathi lokunxenxa ukuthi abalandeli bakanobhutshuzwayo bephume ngobuningi babo beze ezinkundleni.

Lokho bakwenze ngokuthi benyuse inkece ezowinwa umlandeli ozobe egqoke kahle enkundleni, uma kunemidlalo yeBetway Premiership.

Phambilini umlandeli osuke egqoke kahle ukuthi ubegoduka nezinkulungwane ezili-R10, kuthi uma enoBetway wokubheja kwengezwe ezinye izinkulungwane ezili-R10 ngaphezulu.

Kodwa labaxhasi inkence sebeyinyusile umlandeli ozobe eqokwe yibo ngokugqoka kahle usezogoduka nezinkulungwane ezingama-R25, kanti uma enawo uBetway bese engezelwa ezinye izinkulungwane ezingama-R25.

Konko lokhu kuzoqala ngomdlalo wakusasa ozokuba phakathi kwaMaZulu FC neDurban City ozoba seMoses Mabhida Stadium, ngele-15:30.

See Also

Izinkakha ezimbili ezingamanxusa eBetway uLehlohonolo Majoro noSiphiwe “Shabba” Shabalala, basishayele ihlombe lesenzo.

“Ngikhumbula ngesikhathi soKhuvethe lapho kwakudlalwa abalandeli bengekho, kwangathi siyazidlalela nje. Ngalokho ngichaza ukusho ukuthi kumqoka ukuba khona kwabalandeli ezinkundleni, lokhu okwenziwa iBetway kuzolekelela kakhulu ekutheni izinkundla zigcwale” kusho uMajoro.

Kanti uShabalala wodumo kwiChiefs yena uthe: “Kuyinto enhle lena ngoba abalandeli bazofika begqoje imifaniswano yamaqembu alapha ekhaya. Nabo bazokwazi ukuthi kube khona abakuzuzayo. Noma kuthiwa kudlala amaqembu angenabo abalandeli abaningi kodwa umehluko uzoba khona”.

Scroll To Top