Sineqembu eliqinile kodwa abadlali bethu asibafakele ingcindezi – Msomi
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umqeqeshi weKusekhaya Football Academy u-Andile Msomi uthi ayikho ingcindezi abayifakele abadlali njengoba beyomela isifundazwe iKwaZulu-Natal, emidlalweni ye-Engen Cup Champ of Champs.
Imidlalo ye-Engen Cup Champ of Champs, izoqala namuhla ekuseni kuze kube iSonto yonke imidlalo izobanjelwa e-University of Pretoria, High Performance Centre.
IKusekhaya Football Academy imela isifundazwe iKwaZulu-Natal nje yabe ihluliwe kowamanqamu lapha esifundazweni, kodwa yabe isifaka icala nalapho izinto zivune yona. Kowamanqamu yabhekena neJunior Stars eyanqoba ngegoli elilodwa eqandeni, kodwa ngenxa yokuthi yadlalisa abadlali abathathu okwabe kungafanele bedlale yabe isiphuceka kanjalo iqatha emlonyeni.
“Kungokokuqala iqembu liyodlala umqhudelwano omkhulu kangaka, ngalokho ngeke sibheke izinto ezinkulu kubadlali sifuna bebuyele KwaZulu-Natal befunde lukhulu. Sineqembu elihle impela kodwa siyazi ukuthi sizobhekana namaqembu aseneminyaka eza kulo mqhudelwano, ingakho singeke siziqhathanise nawo. Kodwa uma kwenzeka kudlaleka kahle, sizojabula kakhulu” kusho uMsomi oneziqu zikaCaf C.
Leli qembu laseThekwini lifulathele isifundazwe iKwaZulu-Natal izolo izintatha, kumdlalo wokuqala lizodlala neCape Town City ngele-10:30 namuhla.
UMsomi uthe eqenjini abanalo baqine kakhulu, futhi bazilungiselele. Kulogi yeDurban Central LFA iKusekhaya Football Academy iyona ehlezi phezulu, lapho idlala nezinkulisa ezenza kahle kakhulu esifundazweni iKwaZulu-Natal ongabala iBisa Academy neMlazi Milan.
Okuwubufakazi bokuthi iKusekhaya Football Academy iphethe abafana abahle ukuthi kuyimanje kunabadlali abasuka kuyona abadlala kwi-Diski Challenge uMazwi Luthuli noSiphesihle Mthiyane abaku-Amazulu FC, uMthobisi Cele okwiMagesi FC kube uSibusiso Mthabela yena okwiDurban City FC. Ukhona odlala kwi-Motsepe Foundation Championship (MFC) uThobani Mngomezulu okwiCasric Stars.
“Inhloso yethu enkulu ukuthuthukisa ikhono labadlali bese bethola amadlelo aluhlaza. Ingakho amaqembu angaphezulu kwethu uma efuna abadlali singancuncuzi sibanike, kodwa uma beze ngendlela efanele kuthina. Sinenqwaba yabadlali abaseke babalapha eqenjini abadlala emaqenjini amakhulu. Sinethemba lokuthi nasePitoli sizofike sishiye umaka” kubeka uMsomi.

