Now Reading
Bafisa osomabhizinisi balule isandla baxhase iNetball KwaZulu-Natal
Dark Light

Bafisa osomabhizinisi balule isandla baxhase iNetball KwaZulu-Natal

Umphathiswa eMnyangweni wezeMidlalo ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMntomuhle Khawula ushaye ikhwela, lokuthi osomabhizinisi bakulesi sifundazwe balule isandla ekutheni baxhase umdlalo weNetball njengoba ubambe elikhulu iqhaza entsheni.

UKhawula uphimise lokhu kade kuthulwa ngokusemthethweni iKZN Netball Super League Grand Finale, okuyimidlalo ezokuba kusasa ngoMgqibelo eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay.

Kule midlalo kunamaqembu amane abesifazane namane abesilisa, lapho kuzobe kubhekwe izingqungqulu kubona bobubili ubulili. Njengoba kuzodlalwa imidlalo yamanqamu le ligi yaqala ngoMbasa idlalwa amaqembu angama-40.

“Le ligi okanye lemidlalo idlala elikhu iqhaza lapha esifundazweni iKwaZulu-Natal, kubuhlunguke ukuthi abaxashi bayantela kulo mdlalo. Ngiyafisa osomabhizinisi esinabo lapha esifundazweni ukuba kube khona abakwenzayo ukulekelela, ukuze uzoqhubeka nokuya phambili okudlula lokhu oyikho. Ngale ligi sinabadlali abaseqenjini lesizwe kusukela emazingeni amancane, siphinde sibe nabaqeqeshi abakhiqizwe iKZN Super League” kusho uKhawula.

Uphinde waveza ukuthi loMnyango aphathiswe wona bayawulekelela kakhulu lo mdlalo, ngoba ubambe elikhulu iqhaza entsheni.

ElaboHlanga liphinde lakhuluma noGugu Ngema onguMengameli weKZN Netball, naye ohambe emazwini kaKhawula.

“Isasasa likhulu kakhulu kulo mdlalo lapha esifundazweni njengoba iligi enjengalena ilapha kuphela KwaZulu-Natal. Esikufisayo ukuthi sibone kwanda abaxhasi, kakhulukazi emaqenjini ngoba kunzima ukuphatha iqembu kungekho lapho othola khona ukuxhaseka” usho kanje.

Ebuzwa ukuthi isizini yakulonyaka ibe njani uthe: “Kube isizini ende kakhulu kodwa enhle ngezinga eliphezulu ngoba sibe nePremier’s Cup yeNetball okokuqala kulo nyaka. Amaqembu ethu akwi-Telkom Netball League (TNL) adlale, kakhulukazi iKingdom Stars ekwaze ukunyukela kwiDivision A isuka kuDivision B. Kanti neKingdom Queens iqede endaweni ethembisayo” kubeka uGugu.

See Also

Ngemidlalo yakusasa uthe ulindele izinga eliphezulu njengoba abadlali abazobe bedlala kuyona bengazibeka ethubeni lokuthi bekwazi ukudlala kwi-TNL naseqenjini lesizwe.

Imidlalo ihlelwe kanje:
Kwabesifazane:
Ziphozonke vs Hammarsdale Sunbeams (08:30)
BSS Stars vs Chetaahs (08:30)

Kwabesilisa:
Oceans Dolphins vs Cheetahs (09:50)
Oceans Predators vs Ziphozonke (09:50)

Scroll To Top