Now Reading
Injenjane yeChiefs izobhekana neMan United ngenyanga ezayo
Dark Light

Injenjane yeChiefs izobhekana neMan United ngenyanga ezayo

Injenjane yeKaizer Chiefs izothola ingqayizivele yethuba yokuba ibhekane neqembu elinomlando ebholeni likanobhutshuzwayo emhlabeni jikelele iManchester United.

IChiefs inyelwa inyoni esandleni ingoba ingompetha beDstv Diski Challenge (DDC) besizini ka-2024/25.

Kuyinto eke yenzeke ukuthi iqembu elisuke linqobe iDDC libe seliyozwana amandla namaqembu aphesheye kwezilwandle.

Abafana baseNaturena bazofulathela iNingizimu Afrika mhla zingama-25 kuLwezi, kuthi ngomhla zingama-28 kuwona uLwezi bese ibhekane neMan United. Emva kwalokho bazobe sebephumula izinsukwana bese bebhakana neLeeds United mhla zimbili kuZibandlela, bevale ngQueens Park Rangers (QPR) kozokuba mhla ziyi-6 kuwona uZibandlela.

See Also

Bazophinde bezithole bebuka bukhoma umdlalo we-English Premier League (EPL) ozokuba phakathi kweChelsea FC neLeeds. Lolu hambo luzothatha izinsuku ezili-11.

Scroll To Top