UMaponyane uphendule ukhwele wadilika kuKhanye ngokuhlezi egxeka iChiefs
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ingwazi yeKaizer Chiefs uMarks Maponyane ikwhele yadilika kuJunior Khanye, odume ngokuhlezi egxeka Izimpofana.
Ngesonto eledlule Izimpofana zimemezele abadlali abasha okubalwa uGiven Msimango, uMduduzi Mdatsane, uPule Mmodi, uDaniel Castillo, uThatayaone Ditlhokwe, Ranga Chivariro noTebogo Potsane.
Ngokusayiniswa kwalabadlali abalandeli beChiefs babona zizobuya izinsuku zenjabulo, kodwa uKhanye uvele walibeka ukuthi bekungamele isayinise labadlali.
UKhanye ubone ukuthi iChiefs bekufanele isayine uLesedi Kapinga (okhululwe yiMamelodi Sundowns), uThulani Serero ongenaqembu, uKhanyisa Mayo okwiCape Town City, u-Andile Jali ongenaqembu noRicardo Goss obolekiswe kuSuperSport United esuka kuSundowns.
“Weqe umugqa manje uKhanye, akakwazi ukuhlala egxeka, angikaze ngimuzwe ekhuluma izinto ezinhle ngeChiefs uhlezi ekhuluma kabi, yebo unemibono yakhe kodwa ukuhlasela iqembu lakho lakudala kwabezindaba, akunangqondo. Yinhloboni yenkakha eyenza lokho? Ngibona sengathi uyakhokhelwa ukukhuluma kabi ngeChiefs , noma ngabe kuqagelwa amaphuzu , uhlezi ephikisana neChiefs” kusho uMaponyane.
Eqhuba uthe: “Mayelana nabadlali abasayinisiwe angifuni ukujula kodwa ngibile umdlali, uma kunomdlali omusha eqenjini uyamkhuthaza futhi umtshele ukuthi kusho ukuthini ukudlalela le kilabhu.Ngalokho uyakhula ngokomoya nangokwengqondo. Hhayi ukugijimisa umbomo wakho ogxekayo kwabezindaba” kusho uMaponyane.
UMaponyane uyena osaphethe irekhodi lokuhlohla amagoli amaningi kuChiefs uhlomise abadlali baMakhosi abasha ngamaqhinga okumele bawasebenzise ukuze baphumelele.
Ukuphawula kukaKhanye ngabadlali abasayiniswe iChiefs uthe: “Eminyakeni emibili edlule uMdantsane bekufanele eze kuChiefsngoba isimuthatha manje. Angicabangi ukuthi uMsimango ungcono kunoNjabulo Ngcobo. Manje uma uletha uMsimango wenzeni kuTS Galaxy ukuze azitholele indawo kuChiefs lapho kulindelwe lukhulu khona. UChivaviro wenze kahle kuMarumo Gallants, ikakhulukazi kuCaf Confederation Cup, kodwa bengicabanga ukuthi bebengathatha uMayo ngaphambi kokuthi avuselele inkontileka yakhe neCape Town City. UChivaviro wenze kahle, kulungile, kodwa nginenkinga ngeminyaka yakhe” kusho uKhanye.

