Now Reading
Amasongo akhala emabili: Umdonsiswano wabaseki bakaHlabisa noNtuli uzoyisaphi indlovu?
Dark Light

Amasongo akhala emabili: Umdonsiswano wabaseki bakaHlabisa noNtuli uzoyisaphi indlovu?

Esikhathini esingangonyaka iNingizimu Afrika izoya okhethweni. Lolu khetho lubukeka lungafani nalolo olwedlule ngezizathu eziningana. Okokuqala kulokhu kuyobe kuqala ukuthi amaqembu aphikisayo abe yingozi kuzwelonke eqenjini elibusayo i-African National Congress (ANC). Lamaqembu aseqalile ukuzihlela kuzwelonke nasezifundazweni. Kuzwelonke eza ngaphansi kwesambulela esaziwa ngele – Moonshot neholwa yiDemocratic Alliance (DA). Yize kusesekuseni ukuqinisekisa ukuthi leli qhingasu liyasebenza kepha okusobala wukuthi inhloso wukwehlisa isibalo se-ANC okhethweni oluzayo.

Omunye umnyakazo ofanayo usezingeni eliphezulu KwaZulu-Natal nayilapho iqembu elikhulu kwaphikisayo Inkatha Freedom Party (IFP) isiqalile ukuzihlela. Muva nje leli qembu likuvezile ukuthi kuyaqhubeka ukuzihlelela okungahle kwenzeke ngokhetho langonyaka ozayo, lokhu kuzihlela kufaka nokusebenzisana neDA ngenhloso yokunqamula uKhongolose ishoba ube ngaphansi kwamaphesenti ali-50 okhethweni.  Nokho kungakafikwa lapho abe-IFP kubonakala kusamele bazibangule iva bona kuqala nokungathi manxa bengakwenzi lokho izifiso zabo zokulibusa eleNdlovukazi uMthaniya zingafezeki.

ElaboHlanga likhulume namalungu e-IFP ehlukene naveze ukukhathazeka kwawo ngesimo asichaza ngokuthi ngesingenza iqembu lihlukane esikhathini esizayo. Laba ngokuhlonipha iqembu noMntwana bacele ukuba bangadalulwa. Owokuqala uthe okwaqala kuwumqondo ophusile wokuba uMntwana ehle anikeze uHlabisa ithuba nokumelusa esaphila sekuphenduke okwabe kungahlosiwe.

“Uyabona uBulawayo usenkingeni. Yebo ngegama unguMengameli kepha akusibona bonke abamthatha kanjalo. Okubi lokhu kwenziwa ngabaholi abaphezulu eqenjini nosekuwelela emazingeni amaziko. Mina futhi ngiyesaba ukuthi uma ngase uMntwana asithele bayobambana ngezandla laba bantu,” kusho lomlandeli osondelene nodaba.  Elinye ilungu laseZululand (kwaNongoma) lithe isigameko sakamuva ngezikibha sidumazile sabeka obala obekufihlakele.

“Wena ungaka nje wake wezwa kuthiwa umholi weqembu wenqatshelwa ukuba abe luphawu leqembu aliholayo? Yena uNgcobo (uNobhala weqembu kazwelonke) angathanda kuthiwa izincwadi ezivela ehhovisi lakhe kazibhalwe nguMfundisi uMusa Zondi ongasekho ezinhlakeni zeqembu? Abantu abasukusidelela  singamalungu futhi abangafeli umsebenzi woMntwana  ngamathe,” kusho lomholi obezwakala ukuthi unengiwe.

Uqhube wathi: “Asiqali ukukubuka lokhu konya olubhekiswe kubaholi abadala nabaqala Inkatha. Nangu nje uMncwango lapha kwaNongoma uke wamiswa yibo laba namuhla abambela uMengameli uHlabisa igodi. Yeyi sama thina neNkatha kunzima (eveza isibazi athi wasithola ngezikhathi zodlame) sekuzothi namuhla ngoba sekulalwa ezindlini bese sikhishwa? Sasinabo oHlabisa noMncwango laba abanye sibabone nje sebebadala eNkatheni.”

Kanti omunye umlandeli nozinze eThekwini uthe: “Inkinga ekhona mhlawumbe nina abezindaba eningayazi noma enikhokhelwayo ukuthi ningayivezi ngeyokuthi uHlabisa noNtuli yinkukhu nempaka. Kunezizathu zalokho ezinye zinhle kanti  ezinye zimbi. Iqiniso lithi uNtuli nguyena mholi odumile kulandela uMntwana. Lolu dumo lukaNtuli lumfanele ngoba uyasebenza wena nje ukhona uMkhandlu owaziyo ohlale usezindabeni ukudlula iKing Cetshwayo?” kubuza leli lungu.

Liqhube lathi: “UHlabisa ungumholi kazwelonke, umbuzo uthi kayingani lapho kukhona isekela lakhe iMbongombongo? Nguye ozidalela inkinga ngoba phela umholi thina esamvotela KwaZulu-Natal nguNtuli osebenza kulesi sifundazwe okungaba yikhansela noma amalungu esishayamthetho kumele athathe umlayelo kusihlalo. Ungathini uma umengameli ezehlisa yena engabe uya kwabangangaye.”

OZul’ azayithole bathole ukuthi ukwahlukana kwalabo abeseka uHlabisa kanye noNtuli sekuya ngokuya kuba sobala.  Kuthiwa zombili izinhlangothi ziyakalana ukuthi uma olunye luke lwaphakamisa okuthile olunye luba ngaphesheya. Kuthiwa udaba nje lwezikibha ezinobuso bomsunguli weqembu zibe wubufakazi bokungafiselani okuhle.

Encwadini ethunyelwe amalungu eqembu uNobhala Jikelele uMnu uNgcobo wathi: “Ngalesi sicelo uyanxuswa ukuba uthumele uhlu kanye nemininingwane yamalungu noma abantu eSifundeni sakho abaziwayo (kungaba usebenzisa izinkundla zokuxhumana noma uthumela ngqo ngokwesiqu) ababegqoke izikibha noma abasazigqokile ezinophawu le-IFP kodwa ezingenabo ubuso  Bomsunguli noMengameli wangunaphakade iNkosi uMangosuthu, kodwa abagqoke ezinobuso bukaMengameli okhona njengamanje uMhlonishwa uVF Hlabisa, okuphambana neziphakamiso ezathathwa iqembu,” kubhala uNgcobo kumemorandamu.

UNgcobo wakuchaza okwabe kuyinhloso yencwadi nathi kwabe kungukubuyisela indlela yokuziphatha eqenjini.

“Ngikuqaphelile ukuhlaselwa kanzima kwe-IFP nomsunguli wayo umengameli wayo wangunaphakade ngenxa yememorandamu engiyithumele, kuzona zonke izinhlaka namuhla (esho ngaleso sikhathi). Yize kungeyona into evamile kimi ukuba ngidingide izindaba zangaphakathi eqenjini esidlangalaleni, kepha kumele ngibeke okuwumongo wale memorandamu, njengoba manje isichazwa ngezindlela ezahlukene ezakha esinye isithombe.”

Ukhetho oluzayo

“I-IFP njengawowonke amaqembu ezepolitiki, izilungiselela ukhetho ngowe-2024 futhi sibile nezingxoxo zangaphakathi ngendlela yokuziphatha eqenjini,” kusho uNgcobo.

See Also

Waqhuba wathi: “Akekho ongaphika ukuthi uMntwana uMangosuthu Buthelezi nguye owubuso be-IFP onamandla ukwedlula wonke umuntu ngenxa yomlando wakhe nokuzinikela ekuholeni kwakhe ngokwethembeka nangobuqotho, okwenza i-IFP iqhubeke nokudlondlobala ezinkethweni zokuchibiyela mihla namalanga.

“UMkhandlu Kazwelonke we-IFP- okuyiwo ophezulu nothatha izinqumo ezingeni likazwelonke, ube usunquma ukugcizelela ukweseka isinqumo seqembu lethu esathathwa ngowezi-2019 nowezi-2021, ukuba kuqhutshekwe nokusetshenziswa kobuso bomsunguli weqembu. Ebengixhumana ngakho nezinhlaka zethu bekuhlose ukucacisa kulokho.

“Kuyinto exakakayo ke nokho ukuthi sekungathiwa lesi isinqumo esihlanganisa umsunguli weqembu nomengameli wangunaphakade. Akakaze abe nayingxenye yezingxoxo kulolu daba,” kusho uNgcobo esitatimendeni

Ukhetho oluseMome

Ngokwemithombo kubukeka lokhu kusazoshuba njengoba kungekudala iqembu lizohlanganisa uhlu lwamagama abantu abazoba sezikhundleni ephalamende nakusishayamthetho. Elinye ilungu lithe ngalokhu: “Akekho ongazi ukuthi iningi lamalungu ethu avela KwaZulu-Natal. Akekho futhi ongazi ukuthi umholi KwaZulu-Natal nguNtuli. Sekungayisimanga uma sekulindeleke ukuba angaholi uhlu lwalabo abaya eSishayamthetho- lokhu kumele akwenze njengozoba nguNdunankulu uma siphumelela. UHlabisa unontanga kuzwelonke akayoncintisana kwesikaMengameli noRamaphosa.”

Umgqigqo we-Inkatha uyabonakala lapho kunokhetho lokuchibiyela nokwenza abaningi kubahlaziyi babuke ingahle ibe yinkinga kuKhongolose nokungadala ingcindezi uma ngahle yehlulwe. Ngesonto eledlule elaboHlanga liveze lokhu okuyizingqinamba okubhekene nobuholi obusha be-ANC okunye kwakho wukugabavula kwe-IFP.  Lokhu kugabavula kutuswa uhlelo olubanzi lomkhankaso wokhetho ngaphakathi nokho abukho ubufakazi ukuthi ukhetho oluzayo nolusho umsebenzi kwabanye lungehlukanise yini abeseki bakamengameli weqembu nosihlalo kusifundazwe phakathi, nokuthi uma kunjalo kuyoyibekaphi Inkatha esenza kahle okwamanje.

Scroll To Top