Now Reading
Useyawuthola umgqigqo uLorch: umqeqeshi weSundowns ulindele lukhulu
Dark Light

Useyawuthola umgqigqo uLorch: umqeqeshi weSundowns ulindele lukhulu

Akaneme ngesikwibhekisi somdlali esinguThembinkosi Lorch umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokwena.

IBrazilains izibekisele indawo kumaQuarter Final eNedbank Cup ngemuva kokuthela othulini iMaritzburg United ngama-2/0 emdlalweni weDStv Premiership obuseLucas Moripe Stadium ngempelasonto.

ULorch uqokwe njengomdlali ovelele kulandela ukubhakuzisa enethini amagoli amabili aweze ezakhe ngelibanzi kulo mqhudelwano.

ISundowns iqhathwe ne-University of Pretoria kumaQuarter Final alo mqhudelwano.

Ngemuva komdlalo uMokwena utshele abezindaba ukuthi usabheke lukhulu kuLorch.

“Ngabe ngeneme ngoLorch? Cha, akakafiki ezingeni lakhe. Ukuqonda kahle ukuthi ngisabheke lukhulu kuyena. Okwamanje akakafiki lapho ngibheke ukuthi afike khona. Ngiyalazi iqophelo lakhe. Ngisabheke okuningi kuyena,” kubeka uMokwena.

ULorch ujoyine iSundowns ngesikhathi kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali ngoMasingana.

Ubesuka ku-Orlando Pirates abesephenduke intandokazi yabalandeli kuyona ngenxa yemilingo yakhe uma esenkundleni.

See Also

“Hhayi kuLorch kuphela kodwa kuwona wonke umuntu oseqenjini. Ngibheke lukhulu. Ngibheke lukhulu kuGaston Sirino, uBongani Zungu, uTebza (Teboho Mokoena) noMarcelo Allende. Ngibheke lukhulu nakimina uqobo. Ngihlale ngibheke ukwenza izinto ezinkulu ngaso sonke isikhathi. Yingakho nakubadlali ngibheke ukuthi benze izinto ezinkulu,” kuqhuba uMokwena.

ULorch useqala ukuthola umgqigqo kuSundowns.

“Ngizolokhu ngikusho lokhu, uLorch kusamele asebenze kanzima ngoba ngibheke izinto ezinkulu kuyena.” kuphetha uMokwena.

Scroll To Top