Now Reading
Zilokhu zikhula izibalo zabantu abangasebenzi eNingizimu Afrika
Dark Light

Zilokhu zikhula izibalo zabantu abangasebenzi eNingizimu Afrika

Selokhu kwaqala umvalelwakhaya abantu abangaphezu kwezigidi ezi-2 balahlekelwa umsebenzi eNingizimu Afrika. Izibalo zakamuva ezikhishwe abakwaStatistics South Africa (Stats SA) zithi bayizi-9 000 abantu abalahlekelwe imisebenzi eNingizimu Afrika ngekota yokuqala okuyiphakathi kukaZibandlela nyakenye kuya kuNdasa kophezulu.

Lezi zibalo ziveze ukuthi imsebenzi yalabo abasebenza ngokugcwele kuleli bashayekile. Le misebenzi yehle ngezi-63 000 ikota ngekota, lokhu kwadalwa ukwehla kwezinga lemisebenzi esetshenzwa ngokugcwele kwezokuthengiselana, ezokwakha kanye nasezimbonini zikagesi. Noma kunjalo kepha ezimayini nokukhiqiza lithe ukwenyuka izinga kwabasebenza ngokugcwele.

UMnu uMahlapane Matsuke wakwaStats SA uthe kuqashwe abantu abayizigidi ezi-9,64 okusho ukwehla ngezi-9 000 okungama-0, 01% ngekota. Kanti kusuka ngoNdasa nyakenye abalahlekelwe imsebenzi bayizi-522 000 abaqashwe ngokugcwele abangama-5,4. “Uma sibuka abaqashwe ngokugcwele nabangamatoho abayizigidi ezi-8,56 bebeqashwe ngokugcwele, bese abayisigidi esi-1,07 bebeqashwe bengamatoho,” kusho uMnu uMatsuke.

Umbiko uveze ukuthi embonini yezokuthutha, kanye nekagesi akubanga khona luguquko. Ezimayini kuqashwe abantu abazi-5 000 ngokugcwele, kanti emafemini kwaqashwa abazi-2 000. Imali eholwa izisebenzi yehle ngezigidigidi ezili-R14, 1 kusuka ngoNdasa nyakenye kuze kube nguNdasa kophezulu. Amabhonasi ezisebenzi ehle ngezigidigidi ezingama-R22,7 kusuka ngoZibandlela kuya kuNdasa.

See Also

Ekhuluma kumsakazeli womphakathi usomnotho uGina Schoeman uthe yebo ilahlekile imsebenzi kukota yokuqala yonyaka kodwa kumele kwaziwe ukuthi into eyenzekayo kunoma iyiphi ikota yokuqala. “Lokhu kulahleka kwemisebenzi kudalwa ukuthi kunemisebenzi ehamba ngenkathi, njengoba kusuke kuwuncibijane, kunemsebenzi edalekayo. Inkinga ukuthi umnotho wethu awusivumeli ukuthi sibone abantu belahlekelwa umsebenzi ngoba akukho la esingabona beqashwa khona,” kusho usomnotho uSchoeman.

Uqhube wathi ukubonakala kunyuka izibalo zamatoho into enhle ngoba asinayo imisebenzi kepha izakhamuzi zizothatha noma imiphi imsebenzi eqhamukayo. “Ububi ngale misebenzi engamatoho ukuthi ayibi khona isikhathi eside ngeke futhi uthembele kuyona. Lokhu okuzichazayo ukuthi kungani izibalo zamatoho zihlezi ziphezulu, ingoba benza umsebenzi obewenziwa izisebenzi eziqashwe ngokugcwele lezi ezidiliziwe,” usho kanje.

Scroll To Top