Now Reading
Ihlula Dladla isikhiqize iqwaba yoshampeni
Dark Light

Ihlula Dladla isikhiqize iqwaba yoshampeni

Ifike kwezwakala esibhakeleni iHlula Dladla Boxing Promotions kaDkt uHlula Dladla, njengoba isikhiqize inqwaba yompetha abaphethe amabhande KwaZulu- Natal nakuzwelonke.

Isitebela seHlula Dladla Boxing Promotions sisungulwe ngowezi-2022, kodwa sesinompetha abahlanu. Kulabo kubalwa uMxolisi “The Nation” Zuma ongumpetha weWorld Boxing Federation (WBF) International Junior Featherweight ngemumva kokuhlula u-Awonke Tini wase- Eastern Cape ngempelasonto edlule.

ULindelani Sibisi yena uphethe isicoco saseKZN Featherweight, uBathabile Ziqubu ophethe ibhande leWBF Bantamweight, uTheo Mhlungu ophethe eleWBF Mini Flyweight noNkosingiphie Sibisi KZN Flyweight.Bonke baphekwa emgodini eDundee.

Lesitebela sinamabhokisa ali-13 bonke baziqeqesha eSibongile Boxing Gym edume ngokuthi isemgodini eDundee. Kubaqeqeshi abakhona uNathi Last Born noMtuseni Dube.

ElaboHlanga likhulume noDkt uDladla odalule isibunge esenza lesi sitebela senze ezibukwayo ngalendlela.

“Njengoba kuwona wonke amabhokisa kuyisinkwa sawo lesi, senza isiqiniseko sokuthi siyaweseka ngakho konke. Asigcini lapho sihlezi siweluleka ngokuthi uma engena eringini awazimisele atshengise ukuthi isibhakela sikhona esifundazweni iKwaZulu-Natal. Okunye siyazikhandla kakhulu, uthando esinalo kulo mdlalo lukhulu kakhulu. Asigcini lapho kodwa senza isiqiniseko sokuthi sihlanganisa amakhono ahlukene, siphinde sibambisane nezinhlaka ezehlukahlukene esifundazweni ngenhloso yokukhulisa isitebela sethu esisayingane kulo mdlalo” kusho uDkt Dladla.

See Also

Ngeledlule iHlula Dladla Boxing Promotions yenze okungajwayelekile ezimpini ebiziqhathile eStcourt Town Hall, iqhatha izimpi ebezifaka namabhokisa alinganiselwa kwayi-9 abeqala ukulwa esibhakeleni esikhokhelwayo.

“Ukunqoba kwaZuma ngeledlule kusivule amehlo okuthi kumele umfana umqhathe ngesikhathi esashisa, noma kuthiwa umqhatha nabantu asebemnkantshubomvu kangakanani. UZuma ubesalwe izimpi ezine kuphela kodwa wakwazi ukuthatha ibhande leWBF International elinqoba kumuntu obengakaze ehlulwe,” kubeka uDkt uDladla.

Scroll To Top