Now Reading
Umgadli weBanyana udalula okwenze banqoba ku-Italy
Dark Light

Umgadli weBanyana udalula okwenze banqoba ku-Italy

Uphumele obala ngemifihlo yakhe eyenza ahlale esefomini uma egqoke imifaniswano yeqembu lesizwe umdlali weBanyana Banyana, uThembi Kgatlana. Lo mgadli ongalibheki ipali nguyena obhakuzise igoli eliweze iBanyana ngelibanzi kweyemkhumulajezi. Elakuleli liguqise Amantaliyane ngo 3-2 emdlalweni wokugcina wamaqoqo eNdebe yoMhlaba eqhubeka kwelase-Australia naseNew Zealand.

IBanyana engompetha base-Afrika iqede endaweni yesibili ngemuva kweSweden evale eyamaqoqo iqhwakele kulandela ukuyinqoba yomithathu imidlalo yayo kweyamaqoqo.

“Ngizizwa ngijabule kakhulu. Ngibuya ekulimaleni. Ngike ngahlala isikhathi eside ngingadlali ngesikhathi ngithinteke umsipha ohlanganisa isithende nesihluzu. Ngaso sonke isikhathi ngihlale ngibeke iqembu phambili. Ngeneme ngokushaya nokwakha amagoli. Uma ngingena enkundleni ngihlale ngicabanga ngezigidi zezakhamizi zaseNingizimu Afrika ezibeke amathemba azo kithina. Esikwenzile kusashaqisa. Umzuzu esizowujabulela bese siqala amalungiselelo omdlalo omkhumulajezi,” kubeka uKgatlana.

NgeSonto ngo-4 ekuseni, iBanyana izodudulana neHolland e-Allianz Stadium emdlalweni we-last 16.

“Bekungelula neze. Angifuni ukuqamba amanga kodwa silwe ngayo yonke indlela ukuze senze isiqiniseko sokuthi siyadlulela esigabeni esilandelayo. Siyaxolisa kubalandeli ngokubashisa ngovalo. Ibhola linjalo-ke ikakhulukazi imiqhudelwano emikhulu ngalolu hlobo,” kuchaza uKgatlana.

IBanyana iqede imidlalo yamaqoqo namaphuzu amane. Idliwe yiSweden kowokuqala ngo 2-1 kwathi kowesibili yabambana ne-Argentina ngo 2-2 njengoba kowokugcina wamaqoqo icoboshise i-Italy.

See Also

Elakuleli beliqala ukunqoba kweyoMhlaba. Wonke amehlo azophinde athi njo kuKatlagana nozakwabo ngeSonto.

IBanyana ayikaze iyidle iHolland. La mazwe asebhekane amahlandla amathathu. Ekuqaleni konyaka ama-Dutch athele iBanyana ngehlazo lika 5-1.  “Singafinyelela kowamanqamu. Sidinga ukuzethemba nje kuphela. Singompetha base-Afrika. Yingakho bekumqoka ukuthi sinyuse izinga ukuze sikhombisile ukuthi kungani singompetha base-Afrika. Njengamanje sekungenzeka noma yini.” kuphetha uKgatlana.

Scroll To Top