ElaseHarry Gwala linqobe yize bekunzima
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Iqembu lebhola lomnqakiswano eliqhamuka kwisifunda iHarry Gwala, linqobe umqhudelwano weTelkom Netball Junior yize belidlala ngaphansi kokucindezeleka. ITelkom Netball Junior edlalwa abaneminyaka engaphansi kweli-19, ibibanjelwe eD.F Malan High School, eBelville eKapa kusukela zili-10 kuya mhla zili-14 kwephezulu. Leli qembu laseHarry Gwala kowamanqamu lihlule iqembu lase-Ekurhuleni ngamaphazulu angama-51 kwangama-22.
Okuyikho obekucindezela iqembu laseHarry Gwala ukuthi, iqembu neqembu bekumele libe nabadlali boHlanga nabebala elimhlophe. Ngenxa yokuthi iqembu laseHarry Gwala belingenabo abebala elimhlophe, bebengena emdlalweni belandela ngamaphuzu ayisithupha lokho okufana nesijeziso. ElaboHlanga libe nengxoxo ekhethekile nomqeqeshi weqembu laseHarry Gwala uBebepo Mnikina nothe: “Iqiniso ukuthi besingazitshelile ukuthi singaba ngompetha balo mqhudelwano.
Lokho kugcizelele kakhulu ngesikhathi sesitshelwa ngomthetho ebesingawazi wokuthi kumele kuxubane aboHlanga nabamhlophe, okungenjalo sizoqala umdlalo silandela. Sibone lapho ukuthi kuzoba likhuni satshe ukwenza kahle kulo mqhudelwano. Kukhona konke ngithe akungabi imina olahla ithemba, ngabakhuthaza abadlali kwaze kwaba sifika kowamanqamu nalapho engithe khona ngeke sihlulwe sesihambe ibanga elide kangaka” kusho uMnikina.
IHarry Gwala bekungeyona yodwa ebimele isifundazwe iKwaZulu-Natal kodwa bekukhona neqembu laseThekwini, UMgungundlovu naseZululand. Kulo mqhudelwano bekukhona amaqembu esizwe abangaphansi kweminyaka eli-17, 18 neli-19.
“Okuyikho engikholelwa ukuthi kusilekelelile ukuthi iqembu lethu lidlala kuSuper League okuyiligi enkulu esifundazweni iKwaZulu-Natal, nalapho sidlala nabantu abadala okuyinto leyo esiqinisayo. Sibe nekhempu yesonto lapho kade silungisa amaphutha esiwenze phambili” kubeka uMnikina.
Lo mqeqeshi onoLevel 1 wokuqeqesha, uthe unyaka wakhe wokuqala ethathe izintambo zokuqeqesha kanti usebe isekela mqeqeshi iminyaka emihlanu.
“Sibonga kakhulu kuMkhandlu oholwa uZamo Nxumalo ngokuhlezi njalo useseka. Noma sidlala kuSuper League indlela yokuthi sihambe siyodlala kude iwona osisizayo. Njengoba besiseKapa nakhona iwona osisizile, bebambisele noMnyangowezeMidlalo waseHarry Gwala. Okuhle ukuthi sibuyile nenkomishi okuwukutshengisa ukuthi besingahambele amahhala” kunaba uMnikina.
Esonga uthe uphupha ngelinye ilanga eqeqesha iqembu lesizwe, kanti kubadlali abaqeqeshayo bakhona abazodlala iNdebe yoMhlaba elandelayo. IMeya uNxumalo uthe: “NjengeSifunda sithanda ukuhalalisela iqembu lethu ngokuba ngompetha. Lezi zintokazi ziyikusasa le-Netball. Siyabakhuthaza ukuthi baqhubeke nokusebenza kanzima ngelinye ilanga siyethemba ukuthi sizobabona bemele iqembu leSizwe. Sihalalisela nomqeqeshi wabo, i-Netball Federation esifundeni, nabo bonke ababambe iqhaza ekuqinisekiseni ukuthi lo mdlalo uyakhula esifundeni” kusho uNxumalo.
UNxumalo uphinde wabalula ukuthi abadlali kuumele bagqugquzelwe nguRefiloe ‘Fifie’ Nkentsa waseShayamoya eKokstad, ongomunye wabadlali abazomela iqembu lesizwe laseNingizimu Afrika (amaProteas) eNdebeni yoMhlaba yeNetball ezokuba seKapa ezinsukwini ezizayo. USihlalo weHarry Gwala Netball Federation uNksz uNonhle Nkomo uthe uyaziqhenya ngeqembu futhi ubonga uMasipala ngokuhlezi useka lomdlalo.
“Egameni le-Harry Gwala Netball, ngithanda ukubonga uMasipala Wesifunda sethu ngokusixhasa kwezokuthutha kuyo yonke imicimbi yethu engaba iSuper League okanue eyeChampionship, siyabonga kakhulu. Sibonge noMnyango wezeMidlalo kwisifunda osixhase ngendawo yokuhlala esezingeni eliphezulu. ngaphandle kwezinhlaka zabo asiyilutho. Ngibongela umqeqeshi uMnikina nabadlali abaphakamise indawo yangakithi” kusho uNksz Nkomo.