Bafuna ukuzipholisa amanxeba kowandulela amanqamu abeRichards Bay
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Isitobha esiphinde sibe ukaputeni weRichards Bay FC uSimphiwe Mcineka, uthi bafuna ukubuyisa izinduku kwiStellenbosch esanda kubadla emasontweni edlule koweDStv Premiership.
Kusasa ngoMgqibelo la maqembu azotholana phezulu kowokuqala kowandulela owamanqamu eCarling Black Label Knockout. Lo mdlalo uzobanjelwa eKing Zwelithini Stadium, eMlaza ngehora lesithathu ntambama.
Koweligi okade umhla ziyisikhombisa kuLwezi, iStellenbosch sanqoba ngamabili kwelilodwa ngamagoli ka-Iqraam Rayners ongalibheki ipali kulezinsuku eleRichards Bay FC lashawa uBoikayo Kopane.
“Sinamanxeba basanda kusihlula kumdlalo weligi. Sifuna ukuziphindiselela. Siyabablna emidlalweni yabo badlala kahle kakhulu phezu kwakho konke siyabahlonipha. Kodwa ngoba ngishilo sifuna ukuziphindiselela siye kowamanqamu” kusho uMcineka.
KowamaQuarter-Final uMcineka oneminyaka yobudala engama-27, uyena owashaya iphenathi yokuwezisa iBay iguqisa i-Orlando Pirates ngamahlanu kwamane sekukhahlelwa amaphenathi.
“Sidlala ekhaya lokho kuyisikhuthazi esikhulu kuthina, ithina okumele sithathe umdlalo siwuyise kubona. Siyazi banabadlali abathanda ukugijima kakhulukazi phambili, konke lokho sinayo indlela yokuthi sizobhekana kanjani nakho. Sifuna ukujabilisa abalandeli bethu abazophuma ngobuningi babo” kubeka uMcineka ngeledlule obe umdlali wosuku ngesikhathi iBay ibhekene nePirates koweligi.
Eqhuba uthe: “Njengokaputeni weqembu kungaba yisibusiso nento enkulu kimina ukuhola iqembu lifinyelele kowamanqamu womkhumulajezi okokuqala emlandweni weqembu. Ngingasayiphathi-ke eyokuwina indebe, kungabe kuqopheke umlando omkhulu kimina nozakwethu neqembu lonke nje jikelele,” kusho uMcineka.
Lo mdlali odabuka eNseleni, eMpangeni, ungomunye wabadlali abadala kuleli qembu njengoba alijoyina ngesizini ka-2017/2018, lisadlala esigabeni seNational First Division (NFD) esuka ezigabeni zama-amesha, kwaze kwabe likhushulelwa esigabeni seDStv Premiership ngesizini ka-2021/2022.
IBay kuligi kubukeka ingenzi kahle njengoba ihlezi endaweni yesibili kulogi uma kusukwa emsileni, emva kwemidlalo eli-13 inamaphuzu ali-10.
Uthe ukholelwa ukuthk akukhona ukuthi balapho abakhona ngoba bedlala kabi.
“Ngiyakholelwa ukuthi sidlala kahle, inkinga ukuthi amathuba asiwasebenzisi uma siwathola okuyinto leyo esiyilungisayo. Phambilini besinenkinga yokungenelwa amagoli alula, lokho sesikulungisile. Ngalokho ngikholelwa ukuthi kuzokhuthaza abagadli bethu nabo benze kahle” kusonga uMcineka.
IBay izoya kulo mdlalo kubuye abadlali bayo abamqoka uSomila Ntsundwana noJustice Figuareido ababuya ekulimaleni.