Now Reading
Konke kusezandleni zeBafana
Dark Light

Konke kusezandleni zeBafana

IBafana ayizimisele ngokwenza iphutha lokuthatha kancane iTunisia abazobhekana nayo kusasa ngehora lesi-7 ebusuku emdlalweni wokugcina wamaqoqo e-Africa  Cup of Nations (Afcon) eStade Charles Konan Banny de Yamoussoukro.

Elakuleli lihlezi endaweni yesibili ngamaphuzu amathathu ngemuva kwemidlalo emibili.

Libhubhise iNambia ngo 4-0 ngeSonto ebusuku e-Amadou Gon Coulibaly Stadium kwelase-Ivory Coast.

UThemba Zwane uvalele enethini amagoli amabili kwathi amanye amabili abhajiswa ezintanjeni nguPercy Tau noThapelo Maseko.

IBafana ayizange iqale kahle. Kowokuqala iguqiswe yiMali ngo 2-0. UZwane oqokwe njengomdlali ovelele ngesikhathi iBafana ititinya iNamibia usekubeke kwacaca ukuthi ngeke bayeye iTunisia.

“Siqonda kahle kamhlomphe ukuthi umsebenzi awuphelile. Kuzobanzima uma sesibhekene neTunisia. Sizoyihlaziya kahle bese siqhamuka neqhinga. Njengeqembu siyazi ukuthi kumele sinqobe ukuze sizibekisele indawo esigabeni esilandelayo somqhudelwano,” kuchaza lo mdlali weMamelodi Sundowns ekhuluma esithangameni nabezindaba.

ITunisia inephuzu elilodwa. Kowokuqala idliwe yiNamibia ngo 1-0 kwathi kowesibili yabambana neMalii ngo 1-1. IBafana idinga iphuzu elilodwa ukuze idlulele esigabeni somkhumulajezi. Ngakolunye uhlangothi iTunisia idinga amaphuzu agcwele.

Umqeqeshi weBafana uHugo Broos akawuvali umlomo ngoZwane.

See Also

“Uma uZwane esefomini yakhe ayizwa ngayo neqembu lihlale lizodlala kahle. Namuhla (ngeSonto) udlale ibhola eliseqophelweni eliphezulu. Usenze sabukeka kangcono,” kubeka uBroos.

La mazwe agcina ukuhlangana ngowezi-2008 kweyamaqoqo e-Afcon. ITunisia yaxebula iBafana ngo 3-1 eTamale kwelaseGhana.

IBafana iyohlale iwukhumbula umdlalo wamanqamu we-Afcon eyadla kuwona iTunisia ngowe-1996 eFNB Stadium, eNasrec, eGoli.

UMark Williams wavelela enethini amagoli amabili elakuleli libhonya iTunisia ngo 2-0 ukuphakamisa isicoco.

Scroll To Top