Isivumelwano sezohwebo phakathi kweChina ne-European Union



UZanele yintatheli esimkatshubovu nezinze eChina.
Ngesikhathi i-European Union ivalelisa iBritain emveni komzukuzuku weminyaka weBrexit, leli qoqo libonakala selithathe igxathu elikhulu lokuqinisa ubudlelwano nezwe laseChina.
Emva kweminyaka eyisikhombisa yezingxoxo, kuleli sonto iChina ne-EU bagcine befinyelelile esivumelwaneni esisha sokutshalwa kwezimali. Benze lesi simemezelo ngoLwesithathu emva kweVideo Call phakathi kukaMengameli uXi Jinping, uMengameli we-European Commission u-Ursula von der Leyen, owe-European Council uCharles Michel, uGerman Chancellor u-Angela Merkel noMengameli wase-France u-Emmanuel Macron. “Isivumelwano sikhombisa ukuzimisela nokuzethemba kweChina ngokuqhubeka ivuleleke emazweni angaphandle,” kusho uXi.
Lokhu kuza emva kokuthi iBeijing neBrussels bezibophezele emhlanganweni ababenayo kunyaka wezi-2020 ukuthi uthi uphela babe sebesisayindile isivumelwano esaziwa ngeChina-EU Comprehensive Investment Agreement.
Kumadokodo esivumelwano, iBeijing isizibophezele ukuvula gengelezi imakethe yayo kosomabhizinisi base-Europe ngokwesivumelwano sezokutshalwa kwezimali.
IChina iphinde yazibophezela ngokuthi iphasise imithetho ehambisana nemigomo ebalulekile ye-International Labour Organization ethinta ukuhlonishwa kwamalungelo esintu. Kulokhu kubalwa ukuvalwa kokusebenzisa abantu ngenkani njengezigqila.
KuTwitter ngoLwesithathu, uvon der Leyen uthe: “Umhlaba wakusasa ongenalo ukhuvethe udinga ubudlelwano obuqinile phakathi kweChina ne-EU, ukwakha kangcono ukuya phambili. Kodwa lokhu kudinga ubambiswano, ukugezana kwezandla nokwethembana – ikakhulu ekuhwebelaneni nasekutshalweni kwezimali.”
Ngokwesivumelwano, izinkampani zase-Europe eziningi nezisezimbonini ezehlukene, okubalwa ezokuxhumana, ezomkhiqizo, amabhange kanye nezokwakha kulindeleke ukuthi zingene ngokukhululeka emakethe yaseChina, nokuyimakethe enkulukazi emhlabeni.
Nokho amadokodo alesi sivumelwano aveza ukuthi kusakhona izingxenye zomnotho wase-China ezisazoqhubeka zibe nonswinyo ezinkampanini zangaphandle. Ezimbonini iBeijing ezithatha njengezibalulekile nezisazovuna iChina kubalwa eyezimoto, izindiza kanye nezempilo nalapho kusadingeka kube khona nokubambisana nezinkampani zaseChina kwamanye amabhizinisi zaseChina
Izinkampani zaseChina kuphela ezizoqhubeka zihambise izindiza ngaphakathi ezweni, futhi nezinkampani ze-inthanethi zangaphandle azivumelekile. Kanti izimboni ezithathwa njengezibucayi eChina njengeyocwaningo nezentuthuko azivulelekile ezinkampanini zangaphandle.
IChina ithi lesi sivumelwano sizovulela amabhizinisi ase-Europe amathuba amakhulu kunakuqala okungena emakethe yaseChina, kwande abatshalizimali kuleli lizwe.
IBrussels ibilokhu ilwela ukuthi kube nemhlomulo namathuba alinganayo kuzo zonke izinhlangothi, angazitholi amazwe e-EU esele encela isithupha kulesi sivumelwano. Abaholi be-EU baphinde bafune kwehle ingcindezi nonswinyo izinkampani zabo ezisebenza ngaphansi kwalo eChina, futhi yonke into ihlale obala kanye nemigomo enobulungiswa, kungabi nokufihlakele kulokhu kubambisana.
IChina ithi lesi sivumelwano sibalulekile kakhulu kubudlelwano bezohwebo bazo zombili izinhlangothi.
Ngonyaka wezi-2019, uhwebo phakathi kweChina ne-EU lulinganiselwe ezigidigidini ezingama-$650.
Isivumelwano sokutshalwa kwezimali phakathi kweChina ne-EU kusamele siphasiswe emazweni aleli qoqo angama-27 kanye nePhalamende lesifunda ukuze sibe semthethweni.
Izingqapheli zithi ukusayindwa kwalesi sivumelwano phakathi kweChina ne-EU kubeka uMengameli ongenayo e-USA uJoe Biden esimweni esinzima njengoba kusanombango wezohwebo phakathi kweBeijing neWashington.
Isivumelwano siqalisa iChina unyaka omusha ijabule ngempumelelo yayo yokuqinisa ubudlelwano namazwe ase-Europe.
Ngakolunye uhlangothi, ubonakala umningi umsebenzi ohlalele uBiden ukuvuselela ubudlelwano uma esengena eWhite House emaphakathi ngoMasingana njengoba i-USA ibona iChina njengezwe okumele linqindwe amandla.
Ekhuluma ngoLwesithathu, uXi ugqugquzele abaholi be-EU ukuthi basebenzisane neChina kunyaka wezi-2021. “Unyaka wezi-2021 uyafika maduze. Njengezikhondlakhondla zomhlaba, iChina ne-Europe kumele bazibophezele, bame phambili, baqinise ukuxoxisana, kuzinze ukwethembana, kubhekwane kahle nezinkinga, kubanjiswane ukudala amathuba amasha, kulethwe isikhathi esisha,” kusho uXi.