UPollock umincele ukuthi bangandi abadlali abalimalayo
Ubalisa ngokulimala kuka-Anrich Nortje owazakhele udumo kumaProteas, uShaun Pollock. UNortje angeke abeyingxenye yeNdebe yoMhlaba edlalelwa kwelaseNdiya ngenxa yokulimala. Indawo yakhe ivalwe nguLizaard Williams. Lo mshwibi usephenduke omunye wezithenjwa zamaProteas ngamawikhethi akhe amqoka.
UPollock owayengukaputeni wamaProteas ngeNdebe yoMhlaba yowe-2003 utshele elaboHlanga ngokudumala kwakhe ngokulimala kukaNortje.
“Sigqemeke engeqiwa ntwala ngokulimala kukaNortje. Ungumdlali oseqophelweni eliphezulu. Ukwazi ukukunqobela imidlalo eyedwa.”Kusasa ngoMgqibelo ngele-10.30 ekuseni, amaProteas azodudulana neSri Lanka emdlalweni wokuqala wamaqoqo kweyeNdebe yoMhlaba.
AmaProteas awakaze ayinqobe iNdebe yoMhlaba kusukela abuyiselwa emidlalweni yamazwe ngowe-1992. Agaqele isicoco sawo sokuqala. “Kungijabulisile ukufakwa kuka-Andile Phehlukwayo esikwatini samaProteas esizodlala kweyeNdebe yoMhlaba. Benginovalo, phela kuyalinyalwa eNdebeni yoMhlaba. Uma kungalimala uMarco Jansen ngubani obezothatha indawo yakhe? UJansen uyashwiba aphinde abewusizo uma sekubhethwa. Ngijabule ngokubuyiswa kukaPhehlukwayo ngoba naye wenza umsebenzi ofanayo nokaJansen,” kuqhuba uPollock.
AmaProteas aguqiswe yiNew Zealand ngama-runs ayisithupha kuDL/method ngemuva kokuthi umdlalo uphazanyiswe yimvula. “Bengikhathazekile ngama-spinner ngaphambi kokuthi kuqale isizini. UTabraiz Shamsi ungihlabe umxhwele sidla i-Australia ngo 3-2 kuchungechunge lwemidlalo yosuku olulodwa. Ukuzethemba kwakhe kuphezulu. UKeshav Maharaj naye ubuye kwezwakala kulandela ukulimala umsipha ohlanganisa iqakala nesihluzu. Ngeneme ngama-spinner. Ngibheke ukuthi u-Aiden Markram asilekelele ngamanye ama-over e-spin,” kulandisa uPollock.
INdebe yoMhlaba yekhilikithi idlalwa ngamazwe ayishumi. Amane azoqeda phambili ngemuva kwemidlalo ayisishiyagalolunye yamaqoqo azodlulela kweyandulela amanqamu.
“Asiqinile uma kukhulunywa ngohla lwethu lokubhetha. Siqinile uma kusukwa ekuqaleni kuyiwa endaweni yesine. Noma kungathiwa kwenzakalani kulaba abane ababhetha phezulu ukhona uReeza Hendricks ebhentshini usinika ithuba lokudlalisa inxele nobhetha ngakwesokudla. UDavid Miller noHeinrich Klaasen yiwona amathemba ethu phakathi nomdlalo. Bobabili basefomini enhle. Uvalo enginalo elokuthi bangalimali ngoba asinabo abadlali abangavala izikhala zabo.” kuphetha uPollock.
Isikwati samaProteas:
Temba Bavuma (kaputeni), Gerald Coetzee, Quinton de Kock, Reeza Hendricks, Marco Jansen, Heinrich Klaasen, Andile Phehlukwayo, Keshav Maharaj, Aiden Markram, David Miller, Lungi Ngidi, Lizaard Williams, Tabraiz Shamsi, Kagiso Rabada noRassie van der Dussen.