UNgqongqoshe uyaziphika izinsolo ukushodelwa kwezikhali kumasosha ase-DRC
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UNgqongqoshe wezokuVikela u-Angie Motshekga uzichithile izinsolo zokuthi amasosha eSouth African National Defence Force (SANDF) ajutshwe eDemocratic Republic of Congo (DRC) awahlomile kahle.
Kubulawe amasosha ali-13 e-SANDF edolobheni laseGoma ezinsukwini ezedlule ngemuva kokuqubuka kwempi phakathi kwamavukelambuso e-M23 namasosha ase-DRC.
Abahlaziyi basikisela ukuthi ukufa kwamasosha kungase kubangelwe ukuntuleka kwezikhali ezifanele. Ekhuluma kwi-Lekgotla yeKhabhinethi ePitoli, uMotshekga uthe uhlangane noJenene eGoma futhi akazange aziswe ngokushoda kwezinhlamvu.
“Ngiziyele mathupha eGoma ngathola umbiko kubo bonke oJenene. Asikho isikhathi lapho babika ukuthi abanazo izinhlamvu. Sigcizelela ukuthi ngenxa yokuthi sekuke kwaba nalezi zingxabano ezishubile, sabe sesikhuluma ekhaya nomhlangano uJenene ayewuhambele noMkhandlu Kazwelonke Wezikhali wathi kuzobaluleka kakhulu ukuthi siyathumela izikhali,ukuze singafiki esigabeni lapho singenazikhali. Kodwa akekho oJenene engikhulume nabo ngisho nomholi wokuqala owake wathi kimina, sesiphelelwe yizinhlamvu. Cha. Ngisho neTanzania yayithumela izikhali kabusha, futhi nayo i-DRC yayenza okufanayo.”

