Now Reading
UNgqongqoshe uphike ukuthi ukuhlangana kwekhabhinethi kusetshenziswe ukuxazulula izingxabano zeGNU
Dark Light

UNgqongqoshe uphike ukuthi ukuhlangana kwekhabhinethi kusetshenziswe ukuxazulula izingxabano zeGNU

UNgqongqoshe eHhovisi likaMongameli uKhumbudzo Ntshavheni uwuchithile umbono wokuthi i-Lekgotla yeKhabhinethi ibe inkundla yokuxazulula izingxabano phakathi kwabalingani be-GNU.

Ekhuluma nezintatheli ngalomhlangano obusePresidential Guesthouse ePitoli ngoLwesithathu, uNtshavheni uthe kunezinhlaka nezindlela lapho amaqembu ezepolitiki engazwakalisa ukukhathazeka kwawo ngokusebenza kwahulumeni.

I-Lekgotla ifuna ukwendlala uhlelo lokusebenza lwe-GNU lwalo nyaka ozayo – nezindaba ezinjengokuzibandakanya kweNingizimu Afrika eDemocratic Republic of the Congo (DRC), umthelela wokuhoxiswa koxhaso lweMelika lwengculazi kanye nokugutshwa kwezimayini ngokungekho emthethweni.

I-Bela ne-NHI

See Also

Lo mthethosivivinywa osanda kusayinwa wokudliwa komhlaba (Expropriation Bill)  kanye nomthetho weBela kanye noweNational Health Insurances kwenze i-African National Congress (ANC) neDemocratic Alliance (DA) baba nokungaboni ngaso linye, kuqagelwa ukuthi lokhu kungaboni ngaso linye kungase kudale inhlekelele ku-GNU.

Umbono onjalo uye wachithwa nguNgqongqoshe eHhovisi likaMongameli. “Sihlangene njengeGNU asizilethi izimfuno zeqembu lepolitiki sizoxoxisana njengamalungu ekhabhinethi nabamele izifundazwe ezimelwe ngondunankulu bawo futhi sisebenzela ukuhlomula okuhle kwezwe lethu hhayi ngokuzuzisa kakhulu amaqembu ethu ukuxoxisana kusezingeni lokuthi singongqongqoshe noma amaphini ongqongqoshe esigungwini sikazwelonke ngakho izinsongo zeDA noma ze-ANC noma ngabe yini okumele bazixazulule ezinhlakeni ezakhiwe ngamaqembu abo ukubhekana naleyo ngxabano ngokuhambisana nayo nemithetho nezivumelwano ezazikhano mhla kuqalwa lohulumeni.”

Scroll To Top