Imibhikisho ye-ANCYL isiqubule inkombankombane eMkhandlwini
USikhakhane yintatheli emnkantshubomvu egxile ekuphenyeni izindaba zepolitiki.
Sekuwongaphansi nongaphezulu kubaholi be-African National Congress (ANC) ngenxa yenkombankombane yenkohlakalo eyenzeka kuMasipala wesifunda uMkhanyakude nokudalwe imashi ye-ANCYL ezithintele izibonkolo ifuna iMeya uSolomon Mkhombo icacise ukuthi kungani ingafuni kudedelwe imibiko ethinta yena namanye amakhansela.
Le mashi yamalungu alolu phiko ibiphoqa uMkhombo ukuthi kufanele ayidedele yonke imibiko ebiyenziwa eMkhanyakude aphinde ayineke esidlangalaleni, aphendule ngezinsolo zenkohlakalo ezithinta yena.
Umholi wemashi yayizolo noyilungu likaVukayibambe, uMnu uMakhosonke Maphanga, uthe abeneme ngobuholi bukaMkhombo namanye amakhansela abawathuma ukuba ayophatha uMkhandlu ukuze kuguqulwe impilo yabantu baseMkhanyakude.
“Ngesikhathi i-ANC ithatha izintambo yajuba uMkhombo namanye amakhansela ukuba bazophatha uMkhandlu esasuwuphuce i-IFP ngevoti. Kunalokho bona bafike lapha bathola ithuba lokuzicebisa okuze kube manje abantu baseMkhanyakude amanzi abanawo. Ngikhuluma nje ngisho nabanye abaholi be-ANCYL abebehlale behola imibhikisho bekhala bavalwe imilomo baqashwa kulo Masipala. Yikho sekumasha thina njengamalungu. Sibuhlungu ngoba iningi inkohlakalo eyenziwe amakhansela okungawethu kulo Masipala. Kunombiko weDludlu and Associates okuze kube namhlanje awukaze ulibone ilanga ngoba iMeya uMkhombo ayifuni udedelwe. Lo mbiko udalula izinsolo ezithusayo ngoMkhombo ukuthi wasebenzisa imoto kaMasipala ezintweni zakhe zangasese maqede yabanjwa isiyowela umngcele waseMozambique isiyebiwe. Akugcinanga lapho kunenkohlakalo eyenziwa ezinye izisebenzi yemali efinyelela ku-R130 000 kodwa uMkhombo wabavikela. USomlomo kaMasipala uSolomon Msane nePhini lakhe uComrade uFikile MaHlabisa Chamane bazifake enkingeni ngoba sabathuma ukuba babikele i-ANC ngezinkinga esezidalwe uMkhombo kodwa yibo abagcine sebebhekene nekomiti lokuqondiswa ubugwegwe enhlanganweni ngemuva kubikela iProvincial Working Committee,” kukhalaza uMaphanga.
Kube uzithintele kuMkhombo othe usethule kwanele kungcoliswa igama lakhe nasezinkundleni zokuxhumana wathi yena akayigcini imibiko kodwa umuntu oqondene nemibiko uSomlomo neMeneja kaMasipala.
“Selingcoliswe kwanele igama lami futhi nalaba abebemasha bebethengiwe ngoba kwenzeke kanjani ukuba bamashele mina ngiyiMeya. Uma bebezolwa nenkohlakalo yini bebengamasheli uSomlomo neMeneja kaMasipala okuyibo imibko efikela kubo bese beyoyethula eMkhandlwini wamakhansela? Ngikhathele yile nto futhi kwalo mbiko abawufunayo kaDludlu and Associates udoti ulwabishi wento okufanele engabe iphoswa emgqonyeni ngoba uzodukisa abantu. Wake wawubona wona umbiko owenziwa ngemali eyizigidi ezingama-R26. Umbiko onjani lowo obiza kangaka ekubeni ungamakhansi ayi-100. Yikho ngithi sekuyisikhathi sokuba baphendule laba abanawo abalibele behamba bewufaka ezinkundleni zokuxhumana bengithuka bedicilela phansi igama lami besebenzisa wena Sikhakhane ngoba sengizothi uyasetshenziswa manje ngendlela okwenziwa ngayo. Futhi ngiyazi lezi zinto engizishoyo ngeke uzibhale. Ubatshele ukuthi ngifuna nalo mbiko kaNxumalo and Partners basinikeze wona ngoba siyawudinga. Mina angikaze ngivikele muntu kulezi zinsolo zikaMdu Dlamini zokuthi wakhwabanisa imali eyi-R130 000. Kodwa lapho ngangivikela ukuthi kungajahwa kanjani abantu bemali encane kangaka bese kuyekwa izigidi ezintathu zethenda yabaqaphi okuthulekile ngazo. Sifuna izimpendulo zalapho, abacacise. USomlomo noMeneja yibo abazi le mibiko ngithi abasinikeze ngoba ngikhathele ukusolelwa izinto engingazazi,” kusho uMkhombo obevutha engabaselwe ulaka.
Uthe abantu baseMkhanyakude kufanele engabe amanzi banawo kodwa ngenxa yenkohlakalo engaphakathi kuMasipala abawatholile nanamhlanje.
Uthe kufanele engabe iMeneja kaMasipala ibanolwazi lwezimali eziphumayo noma imvulele icala yena njengeMeya kodwa ayikaze ikwenze lokho uma kuwukuthi izinsolo zenkohlakalo ezibhekiswe kuye ziyiqiniso.
“Sifuna incazelo ngenkohlakalo yezigidi ezili-R15 eyenziwe ngeNgwavuma Great Water Scheme. Ngithi akucace ukuze sazi ukuthi kwenzakalani ngaleyo mali ngoba phela kuze kube manje abantu baseNgwavuma basaphuza amanzi awudaka nezimbongolo nezinkomo. Ngibuyele kulo mbiko kaDludla and Associates ngithi abawulethe phela bawufihleleni ngoba selokhu wenziwa ngoNcwaba wezi-2019 kodwa kuze kube manje abawudedelile. Bahlaleleni nawo engabe bayawuletha uwudoti unjalo njengoba kungekho noyedwa othinteka kuwo okwakhulunywa naye.
Yikho nje ngithi umbhedo wombiko lowo okwadliwa ngawo imali yabakhokhi bentela ukuze abantu baseMkhanyakude baqhubeke bahlale behlupheka bengenamanzi. Mina angikwazi ukuthi ngingavumela inkohlakalo yenzeke lapha ngoba ngizalelwe khona ngingowendawo. Uma kunjalo ngabe ngizishaya mina ngento eyongilandela impilo yami yonke. Angifani nalaba abaphila impilo ewubukhazikhazi abazele ukuzohweba ngemali okufanele engabe iguqula impilo yabantu baseMkhanyakude,” kuqhuba uMkhombo.
Uthe bayifuna yonke imibiko lena ebiyenziwa ngoMkhanyakude kuze kuzofika kowajutshwa uMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba ZoMdabu obuwenziwa ngaphansi kweSigaba 106. Uthe kusafanele uSomlomo neMeneja baphendule ukuthi kwenzakalani ngama-Aircon okwakumele abengama-94 ayethengwe ngezigidi ezingama-R26 kodwa kwagcina kufakwe angama-55 ngesikhathi sekubheka abacwaningimabhuku.
UMkhombo uvutha engabaselwe nje kuthiwa naseMkhandlwini akusasebenzeki njengoba la makhansela e-ANC engasabhekani.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnu uNhlakanipho Ntombela, uthe banqume ukungenelela eMkhanyakude ngoba ziningi izingxabano ezikhona ikakhulukazi okugqamile bathi ukungezwani kukaMeya neMeneja.
“Okunye udaba esibhunge ngalo olukaSomlomo ogolozele i-ANC ukuba imkhiphe esikhundleni. Kunokuba ashenxe ngesikhathi ecelwa uvele wabhala incwadi ebuza izizathu ezenze ukuba i-ANC inqume ukumkhipha esikhundleni. Udaba lwakhe siluthathe salufaka kuProvincial Working Committee okuyiyo emfake ekomitini lokuqondiswa ubugwegwe. Phela uzokhumbula ukuthi uma i-ANC ikufaka esikhundleni awuyibuzi ukuthi kungani iqoke wena ngakho noma isinquma ukukukhipha kumele kube njalo.
Nokho bengingayazi le mashi othi ibiseMkhanyakude ngisazoxhumana ne-ANCYL yakhona ngiqinisekise ngayo,” kusho uNtombela.
Imizamo yokuthola uSomlomo, iPhini leMeya neMeneja igcine ingaphumelelanga kodwa uma betholakala bazonikwa ithuba lokuziphawulela.