Ukwehliswa kwesabelomali se-SANDF kuthikameze amalungu kabi: I-SANDU



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Okhulumela iSouth African National Defence Union (SANDU), uJeff Dubazana, uthe ukwehliswa kwesabelomali sombutho wezokuvikela kuleli iSouth African National Defence Force (SANDF) kube nomthelela omubi kumalungu abo.
Ubekhuluma ngokushona kwamalungu ali-13 eSANDF eDemocratic Republic of Congo (DRC) ebhekene namavukelambuso e-M23. UDubazana uthe uhulumeni kumele athathe izinyathelo ezinqala futhi andise isabelomali salomnyango.
UDubazane uthe, “Sikhathazeke kakhulu ngokwenzeka eDRC. Yonke le nto iqale ngesonto eledlule ngoLwesine, kuze kube manje futhi akukho okushiwo ngumholi wethu. Konke lokhu kungenxa nje yokwehliswa kwesabelomali umbutho wezokuvikela obulokhu ubhekene nakho kule minyaka engamashumi amabili edlule. Lokho kuyinkinga enkulu kakhulu. Uyazi ukuthi ukunciphiswa kwesabelomali kunemiphumela emibi ngokusebenza kombutho wezokuvikela.”
Ingqungquthela ephuthumayo
Kulindeleke ukuthi iSouthern African Development Community (SADC) ibe nengqungquthela engajwayelekile eHarare, eZimbabwe, kusasa.
Le ngqungquthela izodingida isimo esikhona e-DRC kanye nokuhlaselwa kwamasosha eSADC engxenyeni esempumalanga yezwe. Inhlangano ye-African Union (AU) i-Peace and Security Council (PSC) isigxekile lesi sigameko futhi isicele ukuthi kumiswe ukulwa.
UMengameli waseKenya, uWilliam Ruto, umeme ozakwabo baseRwanda naseDRC, uPaul Kagame kanye noFelix Tshisekedi, ukuba bazokhuluma namuhla. Umhlangano uzohanjelwa abanye abaholi bomphakathi waseMpumalanga Afrika.