Now Reading
Amakhaya aboHlanga abhekene nezinkinga ezinkulu zezimali: Stats SA
Dark Light

Amakhaya aboHlanga abhekene nezinkinga ezinkulu zezimali: Stats SA

Ucwaningo lwe-Statistics South Africa 2022/23 Income and Expenditure, lukhombisa ukuthi imindeni yaboHlanga ibhekene nezinkinga ezinkulu zezimali uma iqhathaniswa neyabelungu, amaNdiya, abase-Asia kanye namaKhaladi. USolwazi-General Risenga Maluleke ukhiphe lolu cwaningo ePitoli izolo.

Imali engenayo yemindeni yabamnyama elinganiselwa kwi-R143 000 ngonyaka okungaphansi kwesilinganiso saseNingizimu Afrika.

Isilinganiso semali engenayo phakathi kwemizi yabamhlophe ingaphezudlwana kwezi-R670 000, isilinganiso samaNdiya nesabe-Asia singaphezudlwana kwezi-R400 000 ngonyaka, kanti imali engenayo yamakhaladi ifinyelela kwi-R260 000 ngonyaka.

See Also

UMaluleke uthe, “’Uma sibheka igebe phakathi kwemali etholwa abamhlophe kanye naleyo abayisebenzisayo, igebe likhulu kakhulu, okusho ukuthi abelungu banemali eningi esalayo futhi bayakwazi ukonga imali uma kuqhathaniswa namaNdiya abase-Asia kanye namakhaladi. Isithombe asisihle neze uma ubheka aboHlanga njengoba imali ingaphansi kwesilinganiso, igebe lincane kakhulu ngakho sincane kakhulu isikhala sokunyakaza noma sokubeka imali.”

Scroll To Top