I-IFP izoyibungaza Olundi iminyaka engama-50 yasungulwa
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
I-IFP izoyibungaza Olundi iminyaka engama-50 yasungulwa
I-IFP izoyibungaza Olundi iminyaka engama-50 yasungulwa
Uyaqhubeka umcimbi we-Inkatha Freedom Party (IFP) wokuthula umgubho weminyaka engama-50 yasungulwa. Leli qembu lasungulwa mhla zingama-21 kuNdasa ngonyaka we-1975. Lo mcimbi ubanjelwe eCity Hall, eThekwini.
Bakhona bonke abaholi baleli qembu elasungulwa uMntwana WakwaPhindangene Buthelezi, lapho kubalwa noMengameli walo uMnu uVelenkosini Hlabisa noNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnu uThami Ntuli kanye noMntwana uZuzifa Buthelezi Nabalandeli baleli qembu bagcwele phama, ukuzolalela okushiwo ngabaholi babo.
UMnu Hlabisa enkulumweni yakhe ukuthi, beyiqembu le-IFP bazokulwela ukuba lingavalwa ibhange Ithala.
“Lokhu okwenziwa ngebhange iThala inhloso yakho ukuba kubunjwe amabhange ongxiwa ngamandla abantu bakithi abampisholo. Akugcini lapho kodwa lokhu kuwumdlalo wePolitiki, njengoba leli bhange lasungulwa uMntwana WakwaPhindangene Buthelezi ongumsunguli waleli qembu. Yingakho kwavalwa iVBS kwaphinde kwazanywa ne-African Bank. Kodwake
umabelizama iThala bazosibona ngoba siyogcwala imigwaqo” kusho uMnu Hlabisa.
Umcimbi wokubungaza ukusungulwa kwaleli qembu uzokuba sePrince Mangosuthu Regional Stadium, Olundi.

