Now Reading
Inkulumo ebhekiswe esizweni inikeza ithemba
Dark Light

Inkulumo ebhekiswe esizweni inikeza ithemba

Enkulumweni engobume besizwe eyethulwe nguMengameli uCyril Ramaphosa izolo bekulukhuni satshe ukuqagula ukuthi yimaphi amaphuzu obekumele agxile kuwo abezozwakala kahle kubantu bakuleli kwazise sekukuningi okwenzekile phakathi komhla zili-11 kuNhlolanja wezi-2021 (okuwusuku athula ngalo inkulumo yobume besizwe) nangesikhathi sayizolo lapho ethule eyalo nyaka.  

Evula inkulumo yakhe uthe kungokokuqala emlandweni wezwe selokhu kwatholwa inkululeko ukuthi inkulumo engobume besizwe ingethulwa ePhalamende njengoba kwaqubuka umlilo. Uthe kuningi ukukhuluma ngokuthi yini eyadala ukuthi kuze kushe isakhiwo sePhalamende. Uthe kukhona abathi lokhu kwadalwa yindlala ehambisana nokuhlasela kobhubhane lokhuvethe. Uthe lo mlilo ubakhumbuze okwenzeka ngoNtulikazi ngesikhathi umphakathi uphuma utapa ezitolo kwangqongqiswa nezakhiwo, kwaphuma nemiphefumulo. Uthe njengoba kulokhu kuhlanganwe eCity Hall kungekho ePhalamende kusho ukuthi kumele kube nokuzinikela okukhulu. “Indlela esizoyithatha manje yiyona ezohlahla indlela okuzohanjwa ngayo neyolandelwa nayisizukulwane ezizayo,”

“Simelene nenkohlakalo futhi siyakugcizelela ukuthi labo abathintekayo ekugwamandweni kombuso bayobhekana nomthetho”

Uthe isimo izwe elibhekene naso sobubha asamukelekile futhi akukwazi ukuthi kungamelwana naso. Kunesidingo sokubhekana nesimo esikhona esiyinhlekelele. Uthe iNingizimu Afrika idinga okunye ukubambisana okuzohambisana nesimo izwe elibhekene naso nagkesi sikhathi.

URamaphosa uthe kumele kube ukubambisana okuzokwenza abatshalizimali bezokwazi ukulondoloza kuleli nokunikezelana ngalokho omunye nomunye anakho kube ukuvumelana ngokuthi sonke sikulesi simo.

Uthe sebezinike izinsuku ezili-100 ukuthi bangawukhulisa kanjani umnotho, ukudala amathuba emisebenzi nokulwa nendlala.

“Sisamile ezintweni eziphambili esazibophela kuzo ngonyaka odlule njengokulwa nobhubhane lokhuvethe nokudala amathuba emisebenzi.”

Ephawula ngokhuvethe

Eminyakeni emibili edlule sithathe izinyathelo ezinqala ukuqinisa ezempilo ezweni njengokwakha amalaboratories. Uthe kunabasebenzi ababeke impilo yabo engcupheni ukwenza isiqiniseko sokuthi abantu bayaphepha. Uthe kusaphele amasonto amabili kuqale ukhuvethe wamemezela izinhlelo zesikhwama zokubhekana nalesi simo. Uthe isikhwama iSolidarity Fund silime indima enkuku ukweseka ezempilo nenhlekelele ebibhekene nesizwe. Ubinge nabantu abenze konke ukusiza abantu abakhahlamezwa ubhubhane. Uthe indlela abalandela ngayo lolu bhubhane yesekwa kakhulu ososayensi. Uthi kuze kube yimanje kunama-42% abantu abadala asebegomile. Uthe kumele uqedwe uMthetho uma sekuphothulwe ezinye izinto ngaphansi koMthetho Wezempilo ukuze kunqandwe ubhubhane. Umgomo yiwona obonakalalo uyisivikeli kulolu bhubhane.  Uma sonke singagoma siqhubeke nokuhlonipha imigomo sihlale siqaphile singakwazi ukubuyela empilweni yethu endala. Lolu bhubhane selwenze kwagqama ukwehlukana kwabantu phakathi kwabasebenzayo nabangasebenzi. 

Ephawula ngamathuba emisebenzi 

See Also

Uthe, “Siyazi ukuthi uHulumeni akawadali amathuba emisebenzi kodwa abamabhizinisi abadala amathuba emisebenzi. Ingxenye engama-80% yabantu abaqashwe kuleli baqashwe ezinkampanini ezizimele. Umsebenzi kaHulumeni ukwakha indlela ezokwenza izinkampani ezizimele zidale amathuba emisebenzi. Uthe ukuthi siyathanda noma asithandi lena yinto eyenzeka emhlabeni wonke.”  

Wathinta lapha nalaphaya

URamaphosa uthe inkinga emnothweni waseNingizimu Afrika ijulile. Ubale ukuthi kuba nenkinga kagesi, izinga lamanzi komasipala nalapho sihlala khona okwenza izinkampani ziba manqika ukutshala izimali.

URamaphosa enkulumweni yakhe umemezele izinhlelo zokulungiswa kwesimo sikagesi abale kuzo uMthetho obizwa nge-Elecricity Regulation Act aveze nokuthi umphakathi uzonikwa ithuba lokuphawula ngawo.

“Umkhakha wezolimo uncike kakhulu emachwebeni asebenza ngendlela ukuze kuhanjiswe imikhiqizo emazweni ngakho kudinga ukuthi amachweba asebenze ngendlela ukuze kuthunyelwe izinto emhlabeni njengaseChina. Uthe izitshalo ezisanda kukhiwa azikwazi ukulinda isikhathi eside ngoba nakhu ichweba alisebenzi ngendlela,” kugcizelela uMengameli. 

Scroll To Top