Now Reading
Amalungu eSANDF akufanele abe seDRC ekhungethwe yimpi: DA
Dark Light

Amalungu eSANDF akufanele abe seDRC ekhungethwe yimpi: DA

IDemocratic Alliance (DA) ithi amalungu eSouth African National Defence Force (SANDF) akumele abe seDemocratic Republic of Congo ekhungethwe yizimpi. I-DA iphawula kanjena ngesikhathi kunezindaba zokubulawa kwamasosha ayisi-9 aseNingizimu Afrika ngesandla samavukelambuso i-M23 ngasedolobheni iGoma empumalanga ye-DRC.

Izindiza eziya noma ezibuya eGoma ziye zamiswa njengoba amavukela-mbuso esondela edolobheni. Umkhandlu wezokuphepha we-UN uzohlangana ngokuhamba kwesikhathi namuhla esimisweni esiphuthumayo ukudingida le nkinga ekhulayo.

Okhulumela i-DA kwezokuvikela uChris Hattingh, uthe ukujutshwa kwamasosha kubhebhethekisa ukuqagela kokuthi i-SANDF ise-DRC ukuvikela izimfuno zabathize.

See Also

“Lesi yisimo esingalawuleki, futhi kufanele siphume ngokushesha okukhulu. Asidingi ukuba lapho, kungani sikhona- well the motivation from the President’s side is we need a stable Southern Africa, we are supporting SADC. Kodwa, ngisho namazwe eSadc anentshisekelo enkulu kulo mbango, i-Angola, neZambia- awanawo amasosha lapho. Asinamsebenzi lapho, futhi lapho abantu beqhubeka bebuza le mibuzo, kulapho kuqubuka amahlebezi- silapho empumalanga ye-DRC enothe ngezimbiwa phansi-ukuvikela izithakazelo zezimayini zabanye abantu baseNingizimu Afrika abaqavile.”

Scroll To Top